Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • UmShumayeli 3
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

UmShumayeli Okuphakathi

      • Isikhathi esimisiwe sayo yonke into (1-8)

      • Ukujabulela ukuphila yisipho esivela kuNkulunkulu (9-15)

        • Ubuphakade busenhliziyweni yomuntu (11)

      • UNkulunkulu wahlulela bonke abantu ngobulungisa (16, 17)

      • Abantu nezilwane bayafa ekugcineni (18-22)

        • Konke kuyobuyela othulini (20)

UmShumayeli 3:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “sokutshakadula; sokugxumagxuma.”

UmShumayeli 3:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Sa 3:31
  • +IHu 39:1
  • +1Sa 19:4; 25:23, 24; Est 4:13, 14; IHu 145:11; IzA 9:8

UmShumayeli 3:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 139:21; Rom 12:9

UmShumayeli 3:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Shu 1:3; 5:15, 16

UmShumayeli 3:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “kwahleleka kahle; kwafaneleka.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 1:31; Rom 1:20

UmShumayeli 3:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 37:3; 1Th 5:15

UmShumayeli 3:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Shu 5:18, 19; Isay 65:21, 22

UmShumayeli 3:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 10:7; IsA 15:4

UmShumayeli 3:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma kungaba, “kwadlula.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Shu 1:9

UmShumayeli 3:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 82:2; 94:16, 21

UmShumayeli 3:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Shu 12:14; IzE 17:31; Rom 2:5, 6

UmShumayeli 3:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Job 14:10; IHu 39:5; 89:48
  • +Gen 7:22; IHu 104:29; Shu 12:7

UmShumayeli 3:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Shu 9:10
  • +Gen 2:7, 19
  • +Gen 3:19; Job 10:9

UmShumayeli 3:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 146:3, 4; Shu 3:19; 9:10

UmShumayeli 3:22

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “kuyisabelo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 12:7; Shu 5:18
  • +Job 14:21; Shu 6:12

Okunye

UmSh. 3:72Sa 3:31
UmSh. 3:7IHu 39:1
UmSh. 3:71Sa 19:4; 25:23, 24; Est 4:13, 14; IHu 145:11; IzA 9:8
UmSh. 3:8IHu 139:21; Rom 12:9
UmSh. 3:9Shu 1:3; 5:15, 16
UmSh. 3:11Gen 1:31; Rom 1:20
UmSh. 3:12IHu 37:3; 1Th 5:15
UmSh. 3:13Shu 5:18, 19; Isay 65:21, 22
UmSh. 3:14Jer 10:7; IsA 15:4
UmSh. 3:15Shu 1:9
UmSh. 3:16IHu 82:2; 94:16, 21
UmSh. 3:17Shu 12:14; IzE 17:31; Rom 2:5, 6
UmSh. 3:19Job 14:10; IHu 39:5; 89:48
UmSh. 3:19Gen 7:22; IHu 104:29; Shu 12:7
UmSh. 3:20Shu 9:10
UmSh. 3:20Gen 2:7, 19
UmSh. 3:20Gen 3:19; Job 10:9
UmSh. 3:21IHu 146:3, 4; Shu 3:19; 9:10
UmSh. 3:22Dut 12:7; Shu 5:18
UmSh. 3:22Job 14:21; Shu 6:12
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
UmShumayeli 3:1-22

UmShumayeli

3 Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into,

Isikhathi sawo wonke umsebenzi phansi kwamazulu:

 2 Isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa;

Isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliwe;

 3 Isikhathi sokubulala nesikhathi sokwelapha;

Isikhathi sokubhidliza nesikhathi sokwakha;

 4 Isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka;

Isikhathi sokubangalasa nesikhathi sokudansa;*

 5 Isikhathi sokutshinga amatshe nesikhathi sokuqoqela amatshe ndawonye;

Isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni;

 6 Isikhathi sokufuna nesikhathi sokudela okufunwayo njengokulahlekile;

Isikhathi sokulondoloza nesikhathi sokutshinga;

 7 Isikhathi sokuklebhula + nesikhathi sokuthunga;

Isikhathi sokuthula + nesikhathi sokukhuluma; +

 8 Isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda; +

Isikhathi sempi nesikhathi sokuthula.

9 Isisebenzi sitholani ngayo yonke imizamo yaso? + 10 Ngiwubonile umsebenzi uNkulunkulu awunike amadodana abantu ukuze awagcine ematasa. 11 Wenze konke kwaba kuhle* ngesikhathi sako. + Uze wafaka ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zawo; kodwa abantu abasoze bawuthole umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.

12 Ngiphethe ngokuthi akukho lutho olungcono ngabo kunokuba bajabule futhi benze okuhle phakathi nokuphila kwabo, + 13 nokuthi wonke umuntu kufanele adle aphuze futhi ajabule ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu. +

14 Sengiyazi ukuthi konke uNkulunkulu weqiniso akwenzayo, kuyoba khona kuze kube phakade. Akukho lutho ongalunezela nongalususa kukho. UNkulunkulu weqiniso ukwenze ngale ndlela ukuze abantu bamesabe. +

15 Noma yini eyenzekayo seyenzekile kakade, nalokho okusazoba khona kuye kwaba khona kakade; + kodwa uNkulunkulu weqiniso ufuna lokho osekuye kwafunwa.*

16 Ngibone nalokhu phansi kwelanga: Esikhundleni sobulungisa kwakukhona ukukhohlakala, esikhundleni sokulunga kwakukhona ukukhohlakala. + 17 Ngakho ngithe enhliziyweni yami: “UNkulunkulu weqiniso uyokwahlulela olungile nomubi, + ngoba kukhona isikhathi sawo wonke umsebenzi nakho konke okwenziwayo.”

18 Ngabuye ngathi enhliziyweni yami ngokuqondene namadodana abantu, uNkulunkulu weqiniso uyowavivinya awabonise ukuthi afana nezilwane, 19 ngoba kukhona isiphetho ngabantu nesiphetho ngezilwane; konke kunesiphetho esifanayo. + Njengoba isilwane sifa, nomuntu naye uyafa; konke kunomoya owodwa. + Ngakho umuntu akaphakeme ngaphezu kwezilwane, ngoba konke kuyize. 20 Konke kuya endaweni efanayo. + Konke kuvela othulini + futhi konke kubuyela othulini. + 21 Ubani ngempela owaziyo ukuthi umoya wabantu unyukela phezulu yini noma cha, nokuthi umoya wezilwane wehlela phansi emhlabeni yini noma cha? + 22 Ngibonile nokuthi akukho lutho olungcono ngaphezu kokuba umuntu ajabule ngomsebenzi wakhe, + ngoba lokho kuwumvuzo* wakhe; ngoba ubani ongamenza abone lokho okuyokwenzeka lapho engasekho? +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela