IZaziso
● Isipho sencwadi sangoJanuary nangoFebruary: Ukulondeka KoMhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ ngomnikelo ka-R2,50. NgoMarch: Isipho esimenyezelwe eMhlanganweni Wesigodi. NgoApril nangoMay: Isikhokhelo seNqabayokulinda. Lapho isikhokhelo singatholakali, kungahanjiswa omagazini ababili kanye nanoma iyiphi incwajana engangomagazini ngomnikelo ka-R1,95.
● Kusukela ngoMarch 1, inkulumo yeningi entsha yababonisi bezifunda iyoba nesihloko esithi “Ukwethaba NgoJehova Emihlanganweni YasePoland.” Lena kuyoba inkulumo yamaslide elandisa ngezinye zezici ezivelele zeMihlangano Yesigodi ka-1989 ‘Yokuzinikela KuNkulunkulu’ eyaba sePoland.
● Inkulumo yeningi ekhethekile yeSikhumbuzo sika-1990 iyonikezwa emhlabeni wonke ngeSonto, ngoMarch 25, 1990. Isihloko salenkulumo siyothi “Lwela Ukufinyelela Ukuphila Okuyikho!” Kuyolungiselelwa uhlaka. Lawomabandla ahanjelwe umbonisi wesifunda, anomhlangano wesifunda, noma anomhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kukaMarch 25.
● Incwajana engangomagazini ethi Isikole NoFakazi BakaJehova manje isingahanjiswa kothisha nakubantu abanesithakazelo abayifunayo. Amabandla ayamenywa ukuba a-odele abazali abafisa ukunikeza othisha babantwana babo lencwajana.
● Amabandla amaningi athumela izincwadi eNhlanganweni ngemishini yeFAX. Sizani niphawule ukuthi lokhu kufanele kwenziwe ezimweni eziphuthumayo kuphela. Futhi, akufanele isetshenziswe esikhundleni samafomu afunwa iNhlangano lapho kuthunyelwa imali noma kuthunyelwa imibiko yenkonzo yasensimini eNhlanganweni.
● Amabandla kufanele aqale uku-oda iYearbook of Jehovahˈs Witnesses ka-1990. Bamemezeli namaphayona, sizani ni-ode amaYearbook enu ngamabandla enu. Amabandla kufanele aqale ukuqoqa izicelo zamaYearbook manje. Khona-ke ngoJanuary 1, 1990, noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho, thumelani leli-oda eNhlanganweni nisebenzisa ifomu elivamile i“Literature Order” (S-14). AmaYearbook ayotholakala ngesiDashi, isiNgisi, isiJalimane, isiGreki, isiNtaliyane, nangesiPutukezi. Kuyobhalwa ukuthi “Kusazothunyelwa” kuma-invoice ebandla, kuze kube yilapho amaYearbook etholakala futhi esethunyelwe. Amabandla kufanele a-ode inani lamaYearbook aceliwe kuphela. Imali akufanele ihambisane ne-oda lebandla, ngaphandle kwalapho ibandla lingenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma linesikweleti kuyi-akhawunti yalo. Ezimweni ezinjalo imali kufanele ihambisane nama-oda. AmaYearbook ayisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi imali yawo iyothathwa kuyi-akhawunti yezincwadi ngo-R2,60 iyinye, okuyinani labamemezeli kanye neningi. (Bheka Iziyalezo Zohlu Lwamanani, izigaba 19-21.) Amaphayona avamile nakhethekile abe sohlwini ngaphambi kukaJuly 1, 1989, angathola ikhophi yamahhala ibandla elingacela isaphulelo sayo efomini leMali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-20). Amaphayona angathola amakhophi engeziwe ngo-R1,30 iyinye. (Isaziso kunobhala: Siza umemezele ebandleni lapho amaYearbook efika ukuze bonke labo abawa-oda bazitholele amakhophi abo.)
● Amabandla manje asengayi-oda imiqulu yeNqabayokulinda enyatheliswe kabusha ka-1970 neka-1971. Sizani ningawafaki ama-oda emiqulu yeminyaka engemva kuka-1971 kuze kwaziswe kuNkonzo Yethu Yombuso ukuthi ikhona.
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo: Ukulalela UMfundisi oMkhulu (amakhasethi amahlanu nencwadi kuyi-albhamu; ibandla neningi; R34,00; amaphayona: R28,50)