Indlela Yokubona AmaHholo OMbuso
1 IHholo LoMbuso ngalinye kufanele liphawulwe ngokucacile ngophawu olufanelekile olufundeka kanje: “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.” Loluphawu kufanele lucoceke, lube sesimweni esihle, futhi lulondolozwe kahle.
2 Lapho amabandla asebenzisa izilimi ezihlukahlukene ehlanganyela eHholo LoMbuso elilodwa, ngokuvamile uphawu lweHholo LoMbuso kufanele lunanyatheliswe ngolimi ngalunye. Ngokungangabazeki lokhu kwenza kube lula ngabantu abakhuluma lezo zilimi ukuba babone indawo yethu yokukhulekela. Izindikimba zabadala zamabandla ahilelekile kufanele zikwazi ukwenza amalungiselelo okunamathelisa izimpawu zamaHholo oMbuso ezifanelekile ngezilimi zalawomabandla asebenzisa leloHholo LoMbuso.—Fil. 2:4.
3 Ngaphezu kwalokho, lapho kuyinzuzo khona, izikhathi zokuhlanganyela kufanele zinanyatheliswe futhi lonke ushintsho kumelwe luboniswe. IHholo LoMbuso elisetshenziswa amaqembu ezilimi ezingaphezu kolulodwa kufanele libe nophawu olulodwa olubonisa izikhathi zemihlangano zeqembu lolimi ngalunye.