Ingabe WENA Uyokhonza Njengephayona Elisizayo?
1 UApril noMay banikeza amathuba amahle okukhonza njengamaphayona asizayo. Inkonzo yobuphayona obusizayo ingafinyelelwa abamemezeli abaningi ababhapathiziwe esikhathini esithile phakathi nonyaka. Idinga ukuzidela, kodwa izibusiso ezijatshulelwayo zikwenza kufaneleke.—Luka 13:24.
2 Lapho uhlola ukuthi uyokhonza yini njengephayona elisizayo ngoApril noma ngoMay, noma ngazo zombili lezinyanga, ingabe uyokuvumela ukwazisa kwakho ngoJehova kukushukumisele ukuba ukucabangele ngokungathi sina? Abaningana bangaba nezimo ezinhle ezikwenza kube lula ukuba bakhonze njengamaphoyona asizayo. Kodwa, umzamo oqondile ovela enhliziyweni enokwazisa uyokwenza ukwazi ukuba ube yiphayona elisizayo. Ungangabazi ukuyisa lendaba kuJehova ngomthandazo.
3 UApril unezinsuku ezinhlanu zangeSonto. Ngaphezu kwalokho, unamaholide amathathu omphakathi. UMay naye unamaholide amathathu omphakathi. Yakha isimiso esisebenzisekayo esikunika isilinganiso samahora amabili enkonzweni usuku ngalunye. Ukusheshe uvuke ekuseni, mhlawumbe nokuhlanganyela ekufakazeni kwakusihlwa kuzokusiza ukuba ufinyelele lomgomo. Izikole eziningi zinamaholide phakathi noApril ayokwenza ukuba abaningi abasha bakwazi ukuthatha ubuphayona obusizayo. Futhi, uma ungakabhapathizwa, sebenza namaphayona asizayo enkonzweni.—Roma 1:12.
4 Ngokuvamile abadala banendima ebalulekile ekushukumiseni ibandla ukuba lingenele inkonzo yobuphayona obusizayo. Ngokwesibonelo, ngonyaka odlule, ebandleni elinabamemezeli abangu-83, bonke abadala abayisithupha, abahlanu babafazi babo, nezinceku ezikhonzayo ezinhlanu bahola enkonzweni yobuphayona obusizayo. Kwelinye ibandlla lapho abangu-43 bakhonza khona njengamaphayona asizayo, abadala bathi: “Sanquma ukubeka isibonelo ngokuba abokuqala ukuletha izicelo lapho isikhathi sifika.”
5 NgoApril odlule saba namaphayona asizayo angu-6 061. Ingabe singalifinyelela inani elingu-7 000 ngaloApril? Singalifinyelela uma ufuna ukukhonza njengephayona elisizayo. Bhalisa, futhi sengathi uJehova angakubusisa njengoba uzikhandla enkonzweni yakhe.—IzAga 10:22.