Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/91 k. 3
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 5/91 k. 3

IBhokisi Lemibuzo

● Singayibonisa kanjani imikhuba emihle yobuKristu lapho siseSifundweni Sencwadi Sebandla?

Ngokuvamile omakhelwane bethu bayasibheka, futhi ngezinye izikhathi bayokhuluma baze ngisho basabele endleleni esiziphatha ngayo. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:9.) Njengezinceku zikaJehova, sifuna ukuba ukukhuluma kwabo kanye nokusabela ekuziphatheni kwethu kube okuhle. (1 Pet. 2:12) Lokhu kuyiqiniso ngokuphathelene nesikwenza eSifundweni Sencwadi Sebandla. Njengoba eziningi zazo ziqhutshelwa emakhaya abazalwane, kufanele kuqashelisiswe ukuze ukuziphatha kwethu kulethe igama elihle kukho konke esikwenzayo. Lapho izindawo zokupaka zilinganiselwe, kungani ningenzi amalungiselelo okuba nihambe ngemoto eyodwa isikhathi ngasinye ngokushintshana ukuze nigweme ukucasula ngokungadingekile labo abakhelene nendawo yesifundo sencwadi? Uthando lwethu ngomakhelwane wethu luyosenza ukuba sigweme ukupaka imoto yethu ngendlela yokungacabangeli engambangela inkinga noma imcasule.

Siyajabula noma nini lapho sihlangana, futhi lokhu ngokuvamile kuphumela ekuxoxeni ngomdlandla ngaphambi nangemva komhlangano. (Mika 2:12) Imikhuba emihle kanye nokucabangela abanye kuyokwenza ukuba izinga lomsindo wengxoxo yethu ligcinwe lisesilinganisweni esifanele. (Math. 7:12; Gal. 6:10) Uthando lobuKristu nalo luyosishukumisela ukuba sinqande izingane zethu ukuba zingagijimi ngaphandle futhi zingonakalisi impahla yabanye abantu. (IzAga 29:15; 1 Kor. 13:4, 5) Lokhu kuyohlanganisa ukuziphatha ngenhlonipho ekhaya okuqhutshelwa kulo isifundo sencwadi. Uma kuphawulwa noma yikuphi ukuziphatha ngokungafanele, abadala akufanele bephuze ekunikezeni iseluleko sothando nesiqinile ukuze kungaphakami izinkinga ezingaphumela ekukhonondeni komakhelwane, nasezinkingeni ngomnini-khaya oye wavula ikhaya lakhe ngomusa ukuze kuqhutshwe isifundo, noma kubange inkinga kulabo ababakhona esifundweni sencwadi kuleyondawo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela