Izaziso
● Isipho sencwadi sangoFebruary: Ukusindela Emhlabeni Omusha ngomnikelo ka-R2,50. (Amabandla anga-oda izincwadi zesipho esikhethekile eNhlanganweni.) NgoMarch: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R7,50. Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ingase isetshenziswe njengesinye isipho, ngomnikelo ka-R3,75. NgoApril nangoMay: Isikhokhelo seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R16,00.
● Unobhala nombonisi wenkonzo kumelwe babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma ekhona onobunzima ekuhlangabezaneni nemfuneko yamahora, abadala kumelwe bahlele ukuba anikezwe usizo. Ukuze nithole ukusikisela, bukezani izincwadi zeNhlangano (S-201) kaOctober 1, 1989, nekaOctober 1, 1990. Futhi, bhekani izigaba 12-20 zesenezelo seNkonzo Yethu YoMbuso kaAugust 1986.
● Ngokuphathelene nenkonzo yamaphayona, kunikezwa izikhumbuzo ezilandelayo:
○ Lapho iphayona elivamile linqamula inkonzo yalo yobuphayona iKomiti Yenkonzo Yebandla kumelwe igcwalise ifomu leSaziso Sokuyeka Inkonzo Yamaphayona Avamile (S-206). Sizani nibuyise ikhadi Lesibonakaliso Senkonzo Yamaphayona (S-202) kanye nefomu iS-206 eNhlanganweni. Uma ningenawo lamafomu sizani ni-ode ambalwa eNhlanganweni.
○ Kumelwe kwenziwe isaziso ebandleni lapho iphayona elivamile linqamula inkonzo yalo yobuphayona. Isaziso esifushane singamane nje sithi: “Sazisa ibandla ukuthi [igama lephayona] akasakhonzi njengephayona elivamile.”
○ Imfuneko yamahora amaphayona yonyaka kusengamahora angu-1000.
○ Kumelwe kudlule unyaka ogcwele ngaphambi kokuba umuntu osoliwe noma obuyiselwe acatshangelwe ukuba angangenela inkonzo yamaphayona asizayo noma avamile.—Bheka isenezelo seNkonzo Yethu YoMbuso, kaAugust 1986, izigaba 21 no-23.
● Phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda, sinye kuphela iSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini esiyoqhutshwa. Wonke umuntu kumelwe ahlale ehholo elikhulu kuso sonke isimiso saleyontambama.
● Ukugujwa kweSikhumbuzo kuyoqhutshwa ngoMgqibelo, ngoMarch 30, 1991. Nakuba inkulumo ingase iqale ngaphambidlana kwalokho, sizani nikhumbule ukuthi ukudluliswa kwesinkwa newayini leSikhumbuzo akumelwe kuqale ngaphambi kokushona kwelanga. Buzani emithonjeni yendawo ukuze nithole ukuthi ukushona kwelanga kwenzeka nini endaweni yakini. Ayikho imihlangano okumelwe iqhutshwe ngalolosuku ngaphandle kwemihlangano yenkonzo yasensimini. Amabandla anomhlangano ohlelelwe ukuqhutshwa njalo ngoMgqibelo kumelwe ahlele ukuba lowomhlangano uqhutshwe ngolunye usuku uma kunokwenzeka. Ngeke lube khona ushintsho ezimisweni zomhlangano wangeSonto.
● Isihloko senkulumo ekhethekile ngoApril 7, 1991 siyothi: “Ukuba-khona KukaMesiya Nokubusa Kwakhe.”
● Labobamemezeli abanesifiso sokuba amaphayona asizayo ngoMarch nangoApril kumelwe bahlele manje futhi bafake izicelo zabo kusengaphambili. Lokhu kuzosiza abadala ukuba benze amalungiselelo enkonzo yasensimini adingekile futhi balungiselele izincwadi ezanele.
● Amabandla ayacelwa ukuba athumele ama-oda omagazini abengeziwe beNqabayokulinda nePhaphama! abazosetshenziswa ngoApril, kuhlanganise nosuku olukhethekile lukamagazini olungoApril 6. Lama-oda kumelwe athunyelwe kungakedluli uFebruary 15 noma ngokushesha ngemva kwalokho.
● Amabandla kumelwe aqale uku-oda iYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1991. Bamemezeli nani maphayona, sizani ni-ode amaYearbook enu ngebandla lenu. Amabandla kumelwe athumele i-oda lawo eNhlanganweni esebenzisa ifomu elivamile le“Literature Order” (S-14) AmaYearbook ayotholakala ngesiNgisi, isiJalimane, isiGreki, isiNtaliyane, nesiPutukezi. Kuze kube yilapho amaYearbook esetholakele futhi athunyelwa, lokhu kuyovela kumainvoice ebandla ngokuthi “Kusazothunyelwa.” AmaYearbook ayizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi imali yawo iyofakwa ku-akhawunti yebandla ngo-R2,60 iyinye, okuyinani labamemezeli neningi. (Bheka Iziyalezo Zohlu Lwamanani, izigaba 19-21.) Amaphayona avamile nakhethekile osekuphele izinyanga ezingaphezu kweziyisithupha esohlwini angathola ikhophi yamahhala ibandla elingacela isaphulelo sayo efomini leMali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20). Amaphayona angase athole amakhophi engeziwe ngo-R1,30 ikhophi ngayinye.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu (ibandla neningi: R3,75; amaphayona: R2,00)—ngesiBhunu, isiDashi, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPedi, isiPutukezi, isiShayina, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa, isiZulu
IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?—ngesiArabhu
Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? (ibandla neningi: R0,75; amaphayona: R0,40)—ngesiBhunu, isiDashi, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPedi, isiPutukezi, isiShayina, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, isiZulu
How to Find the Road to Paradise (ipheshana elinamakhasi amane elingangomagazini eliphathelene namaSulumane; ibandla, iningi, namaphayona: R0,02)—ngesiNgisi
Ipheshana No. 15—ngesiRashiya
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Preserving Life in Time of Famine—iDrama (ikhasethi elilodwa; ibandla neningi: R6,50; amaphayona: R5,75)—ngesiNgisi
● Osekutholakala Futhi ENingizimu Afrika:
“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” uHlelo luka-1990 (ibandla neningi: R8,00; amaphayona R5,20)—ngesiNgisi
● INhlangano ikhiphe incwajana enamakhasi angu-32 ngesiNgisi ngenjongo ekhethekile yokusiza abantu abanesizinda sobuHindu ukuba baqonde iqiniso. Isihloko sayo sithi Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? Amabandla anabantu abakhuluma isiNgisi besizinda sobuHindu ensimini yawo angase afise ukucela ukuthunyelelwa EZIMBALWA zalezincwajana. Lapho isitholakala nangezinye izilimi, kuyokwenziwa isaziso.