Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/91 k. 3
  • Izaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 6/91 k. 3

Izaziso

● Isipho sencwadi ngoJune: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R3,75. NgoJuly nangoAugust: Noma iyiphi yezincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo wamasenti angu-75 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” nethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R7,50. Ezincane zingu-R3,75.

● Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngoJune 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.

● Amabhokisi eminikelo eHholo LoMbuso kufanele abhalwe ngokucacile. Lapho nenza iminikelo, qinisekani ukuthi ifakwé emabhokisini afanelekile—eleSikhwama SeGatsha Sokwakha, eleSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso, elezidingo zebandla. Abadala bangase bakuthole kuwusizo ukwenza izaziso lapho zidingeka kulokhu. Akufanelekile ukuba noma ubani akhiphe iminikelo efakwa emabhokisini ahlukahlukene ayifake kwelinye. Kuwumthwalo wemfanelo womuntu ngamunye ukuba abonise injongo yomnikelo wakhe ngokuwufaka ebhokisini lomnikelo elifanelekile.

● Kubabonisi abengamele: Siyanimema ukuba nithumele noma yikuphi okuhlangenwe nakho okuvelele ibandla lenu eliye laba nakho phakathi nonyaka, kuhlanganise nokuhlangenwe nakho ngenkonzo yobuphayona obusizayo nokwangosuku lukamagazini, ngoApril 6, 1991. Sifuna ukukhetha okungcono kakhulu okuvela ensimini yethu ngenjongo yombiko waminyaka yonke. Sizani nikuthumele kungakedluli umhla kaJuly 1, 1991.

● ISAZISO KUBO BONKE ONOBHALA BAMABANDLA NEZINCEKU ZIKAMAGAZINI: Sizani niphawule ukuthi wonke ama-oda enziwa ngefomu le-Oda Labahanjiswayo (M-AB-202), kuhlanganise nama-oda akhethekile nama-oda kakheshe, kufanele ahlukaniseke ngesihlanu, ngokuvumelana neziyalezo ezihlelwe kwethi Watch Tower—Iziyalezo Zohlu Lwamanani, ikhasi 13, isigaba 40.

● ISIMEMO: Simema imikhaya nabadala abafanelekayo ukuba babe seMihlanganweni YesiGodi “Yabathandi Benkululeko” elandelayo:

ELebowa-Kgomo: Kuyokuba nesimiso esiphelele seSipedi nesiVenda kancane. Abadala abakhuluma isiVenda bamenywa ukuba babe khona.

EThulamahashe: Abadala abakhuluma isiTsonga bamenywa ukuba babe khona.

Abadala abafisa ukuya kunoma yimuphi walemihlangano kumelwe babhalele iNhlangano futhi izincwadi zisayinwe yiKomiti Yenkonzo Yebandla. Lezincwadi kufanele zifike kithi kungakedluli umhla kaJuly 1, 1991.

● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” Uhlelo luka-1990 (ibandla neningi: R8,00; amaphayona: R5,20)—IsiGreki, isiPutukezi, isiSuthu, isiZulu

● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:

“Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke”—1991—IsiNgisi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela