IZaziso
● Isipho sencwadi ngoJuly nangoAugust: Noma iyiphi yezincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo wamasenti angu-75 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” nethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R7,50. Ezincane zingu-R3,75. Ngo-October: Izikhokhelo zePhaphama! noma INqabayokulinda noma zabo bobabili omagazini ngomnikelo ka-R16,00 sisinye somagazini abaphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka eziphuma kanye ngonyaka kanye nezikhokhelo zezinyanga eziyisithupha eziphuma kabili ngonyaka ziwu-R8,00.
● Amabandla afisa ukushintsha izikhathi zawo zemihlangano kufanele lokho akwenze ngoSeptember 1. Isimiso esisha kufanele senziwe futhi simenyezelwe emabandleni. Wonke amabandla kufanele atshele iNhlangano ngesimiso sawo esisha semihlangano kungakedluli uAugust 6.
● ISifundo esifingqiwe seNqabayokulinda sangalelosonto siyoba khona esimisweni soMhlangano Wesigodi “Wabathandi Benkululeko.” Ngalendlela, abazalwane ngeke baphuthelwe ukudla okungokomoya okuhlelelwe isonto abasemhlanganweni ngalo. Nonke niyakhuthazwa ukuba nihambisane nesikhulumi komagazini benu beNqabayokulinda.
● Njengoba umhlangano uzoba izinsuku ezintathu kulonyaka, asikho isidingo sokungabi naso iSifundo Sencwadi Sebandla sangesonto lomhlangano.
● Amabandla akhunjuzwa ukuba a-ode inani elanele lamafomu onyaka wenkonzo ka-1992. Lamafomu akumelwe axhashazwe. Kufanele asetshenziselwe injongo enzelwe yona kuphela.
● Amabheji omhlangano wesigodi ka-1991 kufanele a-odwe futhi imali yawo izofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngamasenti ayisihlanu lilinye. Amabandla angenayo i-akhawunti noma anesikweleti kufanele athumele i-oda lawo nemali. Sizani ni-ode ngama-20 uma kunokwenzeka. Amabheji atholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Sizani nithumele i-oda lenu kungakephuzi.
● Sizani niphawule: Ngaphambi kokuba ibandla lithole isiza sokwakha iHholo LoMbuso kufanele lithintane neKomiti Yokwakha Yesifunda. Lekomiti kufanele futhi ithintwe ngaphambi kokuba kudwetshwe amapulani okugcina okwakha, ikakhulukazi uma kuhileleke imali ebolekwe eNhlanganweni.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Insight on the Scriptures, Umqulu 2 (ibandla neningi: R18,25; amaphayona: R15,50)—ngesiNtaliyane