IBhokisi Lemibuzo
◼ Yini okumelwe ikhunjulwe lapho kufakazwa ngocingo noma ngokubhala izincwadi?
Sikhetha ukushumayela izindaba ezinhle kubantu ubuso nobuso, kodwa izimo zingenza ukushumayela ngocingo noma ngokubhala izincwadi kube enye indlela edingekile. Abamemezeli abavaleleke emakhaya abo okwesikhashana noma unomphela ngenxa yokugula noma ukukhubazeka okungokomzimba bangase basebenzise lezindlela zokufakaza. Bangase baphumelele ekuxhumaneni nabantu abahlala ezindaweni lapho umuntu engase angavunyelwa khona ukungena ngaphandle kwesimemo sangaphambili.
Iphimbo elifudumele nelihle liyadingeka ekufakazeni ngocingo okuphumelelayo. Gwema ukushaya ucingo ekuseni kakhulu, ebusuku kakhulu noma phakathi nezikhathi zokudla. Musa ukuyeka ucingo lukhale isikhathi eside. Yenza umninikhaya abe nomuzwa wokuthi unesithakazelo kuye siqu ngokumhilela engxoxweni. Sebenzisa igama lakho nesibongo lapho uzethula, ngaleyondlela umenze azi ukuthi ubuqonde yena lapho ushaya ucingo. Sebenzisa igama lomninkhaya kuyo yonke ingxoxo.
Ngaphambi kokubhalela abantu abanesithakazelo izincwadi noma abanye ababengekho ekhaya lapho ufika, bheka iSifundo 17 seNcwadi Yokuchasisa Isikole. Qiniseka ngokuthi uyalibhala igama lakho nekheli. Ezimweni eziningi lapho abamemezeli bengakwenzanga khona lokho, lezincwadi ziye zabuyiselwa eNhlanganweni. Lapho uthumela omagazini ngeposi igama lakho nekheli kumelwe kubonakale esembozweni. Abantu ngokuvamile abathandi ukuthola izincwadi abangazazi ukuthi zivela kubani. Ngaso sonke isikhathi bhala incwadi emfushane nenobungane njengokungathi ukhuluma nomuntu ubuso nobuso.