IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngoJuly: Noma iyiphi yezincwajana ezingangomagazini ezilandelayo: Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, noma UHulumeni Oyoletha IPharadesi ngomnikelo wamasenti angu-80 iyinye. NgoAugust: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R8,00. NgoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,00. Ngo-October: Isikhokhelo sePhaphama! noma INqabayokulinda noma zombili ngomnikelo ka-17,00 sisinye ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka ngomagazini abaphuma kanye ngenyanga kanye nesikhokhelo sezinyanga eziyisithupha ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R8,50.
◼ Kusukela ngoSeptember, ababonisi bezifunda bayonikeza inkulumo yeningi ethi “Ukuzihlambulula Ekungcoleni Kwezwe.”
◼ Ifomu Isabelo Sensimu Engabelwe (S-91) ngeke lisasetshenziswa ekubikeni umsebenzi wensimu wamabandla asebenza insimu engabelwe. Kusukela manje, umsebenzi owenziwe abamemezeli ensimini engabelwe uyobikwa kanye nenkonzo abayenze ezabelweni zabo ezivamile. Siyokwazisa ukwamukela okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo okuphathelene nomkhankaso.