IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngoDecember: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R8,00. NgoJanuary: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R2,60. NgoFebruary: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,00. NgoMarch: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R8,00 noma Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngomnikelo ka-R4,00.
◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngoDecember 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.
◼ ISikhumbuzo sango-1994 siyoba ngoMgqibelo, March 26, ngemva kokushona kwelanga. Lesi saziso esikhishwa kusengaphambili sosuku lomkhosi weSikhumbuzo ka-1994 sinikezwa ukuze abazalwane bakwazi ukuthola izindawo ezidingekayo noma benze izivumelwano ngamahholo atholakalayo lapho kunamabandla amaningi kakhulu asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kudingeka bathole ezinye izindawo.
◼ Kusukela kumagazini kaJanuary 8, 1993, kuzonyatheliswa umagazini iPhaphama! ophuma kanye ngenyanga ngesiTsonga. Amabandla akhuthazwa ukuba athumele I-oda Labahanjiswayo (M-AB-202) nezikhokhelo ngokushesha.
◼ Ngezikhathi ezithile kuba nesidingo sezimpahla nezicathulo ezingamasekeni abukekayo ukuze asetshenziswe abazalwane nodade eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Amasekeni angasebenziseka asesesimweni esihle angathunyelwa eNhlanganweni ngamaplastic avaliwe ayizikhwama noma amabhokisi. Sizani nithumele izimpahla zabesilisa, abesifazane, nabantwana kusezikhwameni ezahlukene futhi isikhwama ngasinye sibhalwe ngokucacile.
◼ Abadala kanye/noma izinceku ezikhonzayo abakhuluma isiVenda izimo zabo ezibavumelayo bakhuthazwa ukuba baphindele eVenda kanye nemikhaya yabo. Kunabaningi abazalwane abanjalo okungenzeka ngisho nokuthi banamakhaya noma iziza eVenda cishe abangaphindela emuva futhi basize emsebenzini wokushumayela nasekuqiniseni amabandla.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
NgesiGujarati: Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? (eyamaHindu; ibandla neningi: amasenti angu-80; amaphayona: amasenti angu-40). NgesiHindi: Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? (eyamaHindu; ibandla neningi: amasenti angu-80; amaphayona: amasenti angu-40).