IZaziso
◼ Incwadi ehanjiswa ngo-January: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R2,60. Ngo-February: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,00. Ngo-March: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R8,00 noma ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R17,00 ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka ngomagazini abaphuma kanye ngenyanga nesikhokhelo sezinyanga eziyisithupha ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga zingu-R8,50.
◼ Kusukela ngo-February, futhi kungakedluli uMarch 7, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda iyothi “Ukubheka Intsha Ngombono KaJehova.”
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yenkathi yeSikhumbuzo sika-1993 iyonikezwa emhlabeni wonke ngeSonto, ngo-March 28. Isihloko senkulumo siyothi “‘Izenzo ZikaNkulunkulu’—Uzibheka Kanjani?” Uhlaka luyothunyelwa. Lawomabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda, enomhlangano wesifunda, noma enomhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngaleyompelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-March 28.
◼ U-April 3, 1993, uye wabekelwa eceleni njengosuku olukhethekile lukamagazini. Phakathi neminyaka emithathu edlule izinkulungwane zabafowethu ziye zakujabulela ukuhlanganyela emisebenzini yosuku olukhethekile lukamagazini. Kungani ungaqali manje ukuhlela ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulomsebenzi okhethekile? Amabandla akhuthazwa ukuba athumele ama-oda akhethekile kamagazini ngokushesha ngangokunokwenzeka.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
NgesiPutukezi: Sing Praises to Jehovah—Large Print (Amazwi kuphela; ibandla neningi: R11,00; amaphayona: R8,50).
◼ Ezingekho Esitokweni ENingizimu Afrika:
NgesiBhunu: Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba? isiNgisi: Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba? isiPutukezi: Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba? iSipedi: Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba? isiSuthu: Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba? isiXhosa: Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?