Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/93 k. 3
  • Imikhankaso Ekhethekile Ka-March No-April

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imikhankaso Ekhethekile Ka-March No-April
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 2/93 k. 3

Imikhankaso Ekhethekile Ka-March No-April

1 Bonke oFakazi BakaJehova embulungeni yonke benza umzamo okhethekile phakathi kuka-March no-April unyaka ngamunye ukuze bahlanganyele emsebenzini wokushumayela. Kuthiwani ngawe? Ingabe usukwenzile ukuhlela okuqondile ukuze wandise ukuhlanganyela kwakho enkonzweni?

2 Abamemezeli abafisa ukukhonza njengamaphayona asizayo ngo-March nango-April kufanele bahlele kusemanje futhi bafake izicelo zabo kusenesikhathi. Lokhu kuyosiza abadala ukuba benze amalungiselelo adingekile enkonzo yasensimini futhi babe nezincwadi ezanele esitokweni. Khumbula ukuthi sizoba nosuku olukhethekile lukamagazini ngo-April 3. Amabandla kufanele afake ama-oda akhethekile omagazini ngokushesha, enza kanjalo emafomini e-Oda Labahanjiswayo (M-AB-202).

3 Singazenzela yini umgomo wenani elisha eliphakeme kukho kokubili amaphayona asizayo nokuhanjiswa komagazini ngenyanga ka-April? Ngonyaka odlule saba namaphayona asizayo angu-6559 eNingizimu Afrika. Sekukonke, kwahanjiswa omagazini abangu-599 394. Singawathuthukisa yini lamanani phakathi no-April ka-1993? Xoxani lendaba njengomkhaya. Yibekeni kuJehova ngomkhuleko. Abadala, ikakhulukazi umbonisi wenkonzo, kufanele ayihlelele kusengaphambili lemikhankaso ekhethekile, agcine ibandla linokwaziswa. Amabandla adinga insimu eyengeziwe ngenxa yomsebenzi owandisiwe angasebenza ensimini yawo engabelwe. Kwangathi sonke singaba nokuningi esingakwenza enkonzweni kaJehova phakathi kuka-March no-April.—1 Kor. 15:58.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela