IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa phakathi no-October: Isikhokhelo se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R19,00 komagazini abaphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka zomagazini abaphuma kanye ngenyanga kanye nezezinyanga eziyisithupha zomagazini abaphuma kabili ngenyanga zingu-R9,50. Ngo-November: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R9,00. Ngo-January: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R4,50.
◼ Isenezelo se“Simiso SeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini Sika-1994” sikule-Nkonzo Yethu YoMbuso futhi kufanele sigcinwe ukuze sisetshenziswe njengesikhombo phakathi no-1994.
◼ Amabandla asengali-oda itekisi lonyaka ka-1994, elitholakala ngo-R13,00 lilinye, ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Imali yalo iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi. Amabandla anesikweletu ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Kusikiselwa ukuba wonke amabandla achome itekisi lonyaka elisha ngo-January 1, 1994.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1994 nama-oda awo avamile ezincwadi kusukela ngo-October 1. Lezizincwajana ziyotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiKwanyama, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, nesiZulu. Kuze kube yilapho lezincwajana sezitholakala futhi sezithunyelwe, ziyobhalwa engxenyeni ethi “Back Ordered” kuma-invoice ebandla. Izincwajana ezithi Ukuhlola ImiBhalo ziyizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi imali yazo iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngo-R1,50 iyinye, okuyinani labamemezeli. Amaphayona avamile nakhethekile abesohlwini ngaphambi kuka-July 1, 1993, angase athole ikhophi eyodwa ngesihle kuthi amakhophi engeziwe awathole ngamasenti angu-75 iyinye. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweletu ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Kufanele kuphawulwe endaweni ehlukile efomini elithi Imali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20) kuboniswe amakhophi esihle anikezwe amaphayona. Lezizincwajana kufanele zi-odwe ngebandla. SIKHUTHAZA WONKE AMALUNGU OMKHAYA, KUHLANGANISE NABANTWANA ABAKWAZIYO UKUFUNDA, UKUBA ABE NAMAKHOPHI AWO SIQU ALENCWAJANA.
◼ Amakhasethi Alalelwayo Amasha Atholakalayo:
NgesiZulu: Ukulalela UMfundisi oMkhulu. (Amakhasethi amahlanu nencwadi ku-albhamu. Ibandla neningi: R38,00; amaphayona: R32,50).