Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/93 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 11/93 k. 7

IZaziso

◼ Izincwadi ezizohanjiswa ngo-November: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R9,00. Ngo-January: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R4,50. Ngo-February: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,50.

◼ ISIKHUMBUZO: Sizani niqikelele ukuthi amabheji enu oMhlangano Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” niwathola ngesikhathi. Ummemezeli ngamunye kufanele alifake phakathi nomhlangano, lizombonakalisa njengomunye woFakazi BakaJehova. Lokhu kuyokwenza futhi kube nokwenzeka ngezihambeli zaphesheya emihlanganweni emine yezizwe zonke ukuba zikwazi ukukubona, kuphumele ebudlelwaneni obakhayo nabazalwane bethu abasivakashele.

◼ Kunobhala nenceku yezimali: Amasheke athunyelwa eNhlanganweni kufanele abhalwe ukuthi imali ebhalwe kuwo kufanele inikezwe i-Watch Tower Society hhayi i-WTB & TS, ngoba ibhange ngeke licacelwe kahle ukuthi ubani okufanele anikezwe leyomali. Nalapho nenza ukulungisa eshekeni, abantu ababili abanegunya lokusayina mabasize basayine NGOKUGCWELE kunokuba nimane nje nilungise.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Usuku lomhlangano wesigodi eBloemfontein lushintshelwe ku-December 23-26, 1993. Nendawo isishintshiwe. Umhlangano manje usuzoba se-Springbok Park Cricket Stadium, eseduze ne-Rugby Stadium.

◼ Sihlela ukuba nesimiso sosuku olulodwa ngeSipedi ngeSonto emhlanganweni wesigodi Kanyamazane, ngo-December 23-26, 1993. Noma yibaphi abamemezeli abakhuluma iSipedi kulendawo bakhuthazwa ukuba babe khona. Sisayoba naso isimiso esigcwele ngesiZulu njengoba kwakumenyezelwe ngaphambili.

◼ Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:

NgesiNgisi: The Bible—Accurate History, Reliable Prophecy (ibandla neningi: R45,00; amaphayona: R40,00).

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela