Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/94 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 1/94 k. 3

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-January: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R4,50. Ngo-February: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,50. Ngo-March: Intsha Iyabuza​—⁠Izimpendulo Ezisebenzayo ngomnikelo ka-R4,50. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R19,00 kweziphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka seziphuma kanye ngenyanga noma isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha seziphuma kabili ngenyanga singu-R9,50.

◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanelekile eSikhumbuzo, kulonyaka esizogujwa ngoMgqibelo, ngo-March 26, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba kukuhle ukuba ibandla ngalinye ligubhe iSikhumbuzo salo, lokhu kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho kunamabandla amaningi ngokuvamile asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, kungase kube ngcono kakhulu ukuba ibandla elilodwa noma engeziwe athole enye indawo angayisebenzisa ngalobobusuku. ISikhumbuzo akufanele siqale sekwephuze kakhulu kangangokuba abantu abasanda kuthakazela bakuthole kunzima ukuba khona. Ngaphezu kwalokho, isimiso akufanele sicinane kangangokuba singabibikho isikhathi sokubingelela izivakashi ngaphambi kokuba kuqale umkhosi nangemva kwawo, sokwenza amalungiselelo okuba abanye bathole usizo oluqhubekayo olungokomoya, noma sokukhuthazana nabo bonke abakhona. Ngemva kokuzicabangisisa kahle zonke izici, abadala kufanele bathole ukuthi yimaphi amalungiselelo ayosiza kangcono bonke abayobe bekhona eSikhumbuzweni ukuze bazuze ngokugcwele kulesenzakalo.

◼ Kusukela ngo-February, futhi kungakadluli u-March 6, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda iyoba nesihloko esithi “Ukububula Kwendalo Engabantu​—⁠Kuyophela Nini?”

◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yangenkathi yeSikhumbuzo sango-1994 iyonikezwa emhlabeni wonke ngeSonto, ngo-April 10. Isihloko senkulumo siyothi “Ingabe Inkolo Iyawudumaza Umphakathi Wesintu?” Uhlaka luyothunyelwa. Lawomabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda, enomhlangano wesifunda, noma usuku lomhlangano okhethekile ngalelosonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 10.

◼ U-April 9, 1994, ubekelwe eceleni njengoSuku Lukamagazini olukhethekile. Phakathi neminyaka emine edlule, izinkulungwane zabafowethu ziye zakujabulela ukuhlanganyela emisebenzini yoSuku Lukamagazini olukhethekile. Kungani ungaqali ukuhlela manje ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulonyaka? Amabandla akhuthazwa ukuba afake ama-oda akhethekile omagazini ngokushesha ngangokunokwenzeka.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Lapho nishayela iNhlangano ucingo, sizani nikhumbule lokhu okulandelayo: (1) Ngaphandle kwalapho kunesimo esiphuthumayo noma kunezindaba eziphuthumayo, sizani nishayele amalungu omkhaya waseBethel ucingo ngemva komsebenzi ngoba olayini bocingo lwethu baba matasa kakhulu phakathi nosuku. (2) Lapho nishaya ucingo ngokuphathelene nenkinga ethile noma umbuzo, sizani nisho ngokucacile ukuthi nilushaya nikuphi ucingo kanye nendaba enifisa ukukhuluma ngayo. Asitusi ukuba abazalwane, kuhlanganise nabadala, bacele umzalwane othile bembiza ngegama ngoba kungenzeka ukuthi sewabelwe komunye umnyango noma kungenzeka angatholakali ukuze akusize. Umuntu owamukela izingcingo uyokwazi ukukuxhuma nomnyango ofanelekile. Sizani nizame ukwenza izingxoxo zenu zibe zimfushane ngangokunokwenzeka ukuze nonge isikhathi esibalulekile. (3) Uma unenkinga yomuntu siqu othanda ukukhuluma ngayo, siza uyixoxe nabadala bebandla lakini kuqala, ngaphambi kokuba ushayele iNhlangano ucingo. Abadala basesimweni esingcono kakhulu sokukusiza ngemibuzo noma izinkinga. Ngaphandle kwalapho kuyindaba ephuthumayo, sinikhuthaza NONKE bafowethu, kuhlanganise nabadala, ukuba nimane nibhale incwadi echaza inkinga. Siyokujabulela ukuyinakekela ngokushesha leyondaba. (Sizani nibheke IBhokisi Lemibuzo ku-Nkonzo Yethu YoMbuso, ka-December 1992, ikhasi 5.)

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

NgesiNgisi: I-Watch Tower Publications Index 1991-1992 (ibandla neningi: R2,50; amaphayona: R1,50). NgesiGreki: I-New World Translation of the Christian Greek Scriptures (ibandla neningi: R4,50; amaphayona: R3,00). NgesiPutukezi: Imiqulu ye-Nqabayokulinda enyatheliswe kabusha esukela ku-1974 kuya ku-1977 (ibandla, iningi, namaphayona: R18,00). NgesiVenda: I-Elementary Bible Teachings. Lena incwajana enamakhasi angu-64 enemibuzo yobhapathizo ethathwe encwadini ethi Ukufeza Inkonzo Yethu. Iyonikezwa kuphela abamemezeli ababhapathiziwe nabangabhapathiziwe. (Ibandla, iningi namaphayona: amasenti angu-45).

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela