Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/94 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 2/94 k. 7

IZaziso

◼ Izincwadi ezizohanjiswa ngo-February: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,50. Ngo-March: Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngomnikelo ka-R4,50. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R19,00 komagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R9,50.

◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma kukhona anobunzima ekuhlangabezaneni nemfuneko yamahora, abadala kumelwe bahlele ukuba anikezwe usizo. Ukuze nithole ukusikisela ngokuqondene nalokhu, bukezani izincwadi zeNhlangano (S-201) ka-October 1, 1993, neka-October 1, 1992. Futhi bhekani izigaba 12-20 zesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.

◼ Umkhosi weSikhumbuzo uzoba ngoMgqibelo, ngo-March 26, 1994. Nakuba inkulumo ingase iqale lingakashoni, sizani nikhumbule ukuthi isinkwa newayini leSikhumbuzo akumelwe kudluliswe kuze kube ngemva kokushona kwelanga. Buzani emithonjeni yendawo ukuze nithole ukuthi lishona nini ilanga endaweni yakini. Ayikho imihlangano okumelwe iqhutshwe ngalolosuku ngaphandle kweyenkonzo yasensimini. Uma ibandla lenu ngokuvamile liba nemihlangano ngoMgqibelo, ningase niyishintshele kolunye usuku lwesonto uma iHholo loMbuso litholakala.

◼ U-March no-April bayoba izinyanga ezimbili ezikhethekile zenkonzo yasensimini. Njengoba ngo-April kunamaholide amaningana omphakathi, kuyoba inyanga enhle yokuhlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo. Sifisa ukuzibekela umgomo wokufinyelela inani elisha eliphakeme lamaphayona asizayo ngo-April. Abamemezeli abafisa ukukhonza njengamaphayona asizayo ngo-March noma ngo-April kumelwe bahlele manje futhi bafake izicelo zabo kungakephuzi. Lokhu kuyosiza abadala ukuba benze amalungiselelo adingekayo enkonzo yasensimini futhi babe nezincwadi ezanele.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela