Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/94 k. 8
  • Hambisa Incwadi Ethi Intsha Iyabuza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hambisa Incwadi Ethi Intsha Iyabuza
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Entsheni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Ukusabela Kwabafundi Encwadini Ethi Intsha Iyabuza
    I-Phaphama!—1990
  • Ukusiza Intsha Ukuba Iphebeze Inhlekelele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Intsha Yanamuhla—Ibhekana Nezinselele Zawo-1990
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 3/94 k. 8

Hambisa Incwadi Ethi Intsha Iyabuza

1 Lenkathi yesimanje iye yabonakala iyisikhathi esinzima kakhulu kuyo yonke intsha. Kunabazali nentsha eningi abakhathazekile ngezinkinga ezikhungathekisa intsha. Ukuze sibasize, ngo-March sizohambisa incwadi ethi Intsha Iyabuza ensimini. Mhlawumbe usuyakhile kakade intshumayelo ongathanda ukuyisebenzisa. Noma ungase uthande ukusebenzisa enye yalezindlela ezilandelayo:

2 Ngemva kokubingelela okufanelekayo, ungase usho okuthile okufana nalokhu:

◼ “Ukukhula kulezikhathi ezinenkathazo akulula. Intsha ibhekana nezimo eziningi ezintsha ezidinga ukuba yenze izinqumo ezingathi sína. ‘Ingabe kufanele ngiphuze? Ngiyisebenzise yini imilaliso? Ikuphi ukuziphatha okufanelekile lapho unomuntu wobulili obehlukile?’ Lapho intsha ibuza lemibuzo eyisisekelo, ngokuvamile ifuhlelwa ngezimpendulo ezididayo. Ucabanga ukuthi iningi layo liphendukelaphi ukuze lithole iseluleko? [Lindela impendulo.] Lencwadi ethi Intsha Iyabuza​—⁠Izimpendulo Ezisebenzayo, inikeza ukwaziswa okuwusizo. [Donsela ukunakekela ekhasini elibonisa okuphakathi, umbonise izihloko ezihlukahlukene okuxoxwa ngazo.] Intsha idinga izimpendulo ezingagwegwesi neziyiqiniso. Izimpendulo ezikulencwadi zisekelwa yilokho iBhayibheli elikushoyo. Ungayijabulela lencwadi ewusizo nenemifanekiso emihle ngomnikelo ka-R4,50 kuphela.”

3 Nansi enye intshumayelo ongase ukwazi ukuyisebenzisa:

◼ “Intsha ingaphansi kokucindezela okuningi namuhla. Idinga usizo ukuze ibhekane nakho ngokuphumelelayo. Lapho senza konke okusemandleni ukuze siyisize, ingabe asifuni yini okuthile okunikeza isiqondiso esiwusizo? [Lindela impendulo.] Okunye kokucindezela okukhulu kuvela kwenye intsha, ontanga bayo. Phawula imifanekiso esemakhasini 76 no-77 kulencwadi. [Donsela ukunakekela emazwini achaza lemifanekiso nasezigabeni ezibhalwe ngomalukeke ezisekhasini 77.] Amakhasi alandelayo alesahluko achaza izimpendulo ezithembekile, ezisebenzayo. [Mnikeze incwadi.] Ingaba ngeyakho ngomnikelo ka-R4,50.” Uma isipho sencwadi singamukelwa, ungase ukhethe ukucabangela amaphuzu afanelekayo asepheshaneni elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda?

4 Qikelela ukuba umeme noma ubani obonisa isithakazelo ukuba abe khona eSikhumbuzweni ngo-March 26. Bamemele nasenkulumweni ekhethekile ethi “Inkolo Yeqiniso Ihlangabezana Nezidingo Zomphakathi Wesintu” ezonikezwa emhlabeni wonke ngo-April 10.

5 Lezi ngokuqinisekile “izikhathi ezinzima,” ikakhulukazi entsheni. (2 Thim. 3:⁠1) Incwadi ethi Intsha Iyabuza ingamsiza ngempela umuntu omusha ukuba abhekane nezinselele zanamuhla ngokuphumelelayo. Izahluko ezingu-39 zinemifanekiso eminingi, futhi izihloko zingokoqobo futhi ziwusizo. Ngakho noma nini lapho ithuba livuleka, phaphamela ukusebenzisa lencwadi enhle.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela