Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/94 k. 5-k. 6
  • Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 8/94 k. 5-k. 6

Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini

Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini zamasonto ka-May 2 kuya ku-August 22, 1994. Bhalela ephepheni elihlukile izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.

[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]

Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:

1. Igama elithi “Se’lah,” elivela izikhathi ezingu-71 encwadini yamaHubo, akudingeki ukuba liphinyiselwe lapho kufundwa. [si-ZU k. 101 isig. 5]

2. NgokweHubo 15:4, uma umKristu ethola ukuthi okuthile akuthembisile akuvumelani nemibhalo, kufanele aqhubeke akwenze. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 9/15 kk. 28-9.]

3. Incwadi kaJobe ibonisa ukuthi akuyena uNkulunkulu obangela ukuhlupheka, ukugula, nokufa kwesintu. [si-ZU k. 100 isig. 42]

4. Inkambo yokuphila kukaJesu yabonisa ukuthi u-Adamu wayengabulondoloza ubuqotho obuphelele ukube wayefuna nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu wendalo wawungenaphutha. [uw-ZU k. 52 isig. 11]

5. Inceku echazwe kuLuka 19:20-24, eyanikezwa umina owodwa futhi yawuthukusa usongwe ngendwangu, yaba nesono sokungenzi eyayilindeleke ukuba ikwenze. [gt-ZU isahl. 100]

6. Ngokuzikhandla nangokuzinikela ngokuphelele kuNkulunkulu, umKristu oqotho angazuza ilungelo lokuphila okuphakade. [uw-ZU k. 36 isig. 13]

7. EyokuQala kwabaseKorinte 2:9 ibhekisela ePharadesi lesikhathi esizayo lasemhlabeni. [uw-ZU k. 26 isig. 12 (3); bheka i-w85-ZU 9/15 k. 30.]

8. Asinakukwazi ukubheka ukuziphatha kokungathembeki njengokungabalulekile, ngisho noma kuvamile kulelizwe. [uw-ZU k. 53 isig. 13]

9. IHubo 49:15 libonisa ukuba nokholo ethembeni lovuko. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 3/1 k. 22 isig. 13.]

10. Ngezinye izikhathi isilingo sokuhileleka ekuziphatheni kwezwe sivela komunye umuntu othi ukhonza uJehova. [uw-ZU k. 43 isig. 11]

Phendula lemibuzo elandelayo:

11. Liyini ihubo? [si-ZU k. 101 isig. 2]

12. Yisiphi isiqinisekiso esijabulisayo iHubo 27:10 elisinikeza sona? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 3/15 k. 22 isig. 17.]

13. IHubo 10:13 liveza muphi umbono oyiphutha abenzi bobubi abangaphenduki abanawo? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w91-ZU 11/1 k. 6.]

14. Ngokuka-Eksodusi 9:15, 16, yini eyafezwa indlela kaJehova yokusebenzelana noFaro? [uw-ZU k. 57 izig. 6, 7]

15. Yisho amaphuzu amabili esingahlaziya ngawo ngokunenzuzo lokho esikufunda eBhayibhelini. [uw-ZU k. 27]

16. Usho ukuthini umyalo wokuba ‘sange indodana,’ njengoba uvezwe kumaHubo 2:12? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w86-ZU 8/15 k. 20.]

17. Hlobo luni lwenkululeko uJesu ayekhuluma ngalo kuJohane 8:32? [uw-ZU k. 40 isig. 6]

18. Ubani ofanekiselwa ‘owesifazane’ kuGenesise 3:15? [uw-ZU k. 30 isig. 3]

19. KumaHubo 51:4, kungani uDavide ayengathi kuJehova, “Ngonile kuwe wena wedwa,” kuyilapho ayazi ukuthi izenzo zakhe eziyisono zaziwukona kubantu? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w93-ZU 3/15 k. 11 isig. 13.]

20. Ayeyini “amanyala encithakalo” ekhulu lokuqala, futhi ayini namuhla? (Math. 24:15) [gt-ZU isahl. 111]

Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:

21. KuJobe 40:15, “uBehemoti” ngokusobala ubhekisele ․․․․․․․, futhi kuJobe 41:1, “uLeviyathani” uyifanekisela kahle ․․․․․․․. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-it-1 k. 280 ne-it-2 k. 240.]

22. Izwi likaJehova lazwakala ngokoqobo lapho uJesu ․․․․․․․, nangesikhathi ․․․․․․․, nangoNisan 10, 33 C.E., lapho ethandaza kuYise ․․․․․․․ eJerusalema. [gt-ZU isahl. 104]

23. AbaFarisi babehluza ․․․․․․․ ewayinini labo ngenxa yokuthi ingcolile ngokomthetho, kodwa babengabunaki ubulungisa, umusa, nokwethembeka, okwakungafana nokuginga ․․․․․․․, nalo elaliyisilwane esingcolile ngokomthetho. [gt-ZU isahl. 109]

24. Njengoba uSathane asebenzisa amanga ukuze aholele abazali bethu bokuqala esonweni, uJesu wambiza ngokuthi ‘․․․․․․․.’ [uw-ZU k. 53 isig. 13 (1)]

25. UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ․․․․․․․ ngoba nguyena kuphela owadalwa uJehova eyedwa. [uw-ZU k. 29 isig. 1]

Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:

26. UJobe wabona uNkulunkulu, njengoba kulotshwe kuJobe 42:5, ngokuthi (wabona umbono kaNkulunkulu esesivunguvungwini; wabona ingelosi ima phambi kwakhe; wamazi ngokuseduze kakhulu uJehova). [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 8/15 k. 12 isig. 11.]

27. Owesifazane uJesu abhekisela kuye kuMathewu 26:13 kwakungu- (Mariya, udadewabo kaLazaru; uMariya, umkaKleyophase; uMariya Magdalena). [gt-ZU isahl. 101]

28. Izisekelo ezidilizwayo, njengoba kulotshwe kumaHubo 11:3, zibhekisela (ezisekelweni zethempeli eJerusalema; kuJesu Kristu njengeTshe Legumbi; ezisekelweni umphakathi ozinze kuzo, ezinjengobulungisa, umthetho, nokuhleleka). [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w86-ZU 8/15 k. 20.]

29. UJesu wabiza abaphostoli (uPetru no-Andreya; uFiliphu noBartolomewu; uJakobe noJohane) ngokuthi “amadodana okuduma” ngenxa yesimo sabo sentshiseko evuthayo. [gt-ZU isahl. 98]

30. Impikiswano enkulu eyaphakanyiswa uSathane lapho ebekela ilungelo likaNkulunkulu lokubusa nendlela yaKhe yokubusa inselele empeleni yahlanganisa (amalungelo abantu; nokuthi ubani owayenamandla amakhulu; ubukhosi bukaNkulunkulu bendawo yonke). [uw-ZU k. 46 isig. 1]

Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:

Gen. 3:1-5; IHu. 24:1; IzE. 8:32-38; Heb. 10:26, 27; 1 Pet. 4:3, 4

31. Ukuqaphela ukuthi umuntu nomhlaba kuyindalo kaNkulunkulu nokuthi konke kungokukaJehova kufanele kusisize sithobeke futhi silalele. [uw-ZU k. 39 isig. 4]

32. Kufanele siqaphele kakhulu ukugwema ukungena emkhubeni wokwenza noma yini esaziyo ukuthi ayimjabulisi uJehova. [uw-ZU k. 33 isig. 8 (3) no-8 (4)]

33. Ulwazi oluqondile lweBhayibheli kanye nokwazisa isigijimi salo kushukumisa abantu abanjengezimvu ukuba babhapathizwe. [uw-ZU k. 32 isig. 7]

34. Ngisho nakuba kungenzeka usebenze nabantu abangakholwa noma ufunde nabo esikoleni, ubonisa ukuthi awubakhethi njengabangane ngokugwema bonke ubudlelwane obungadingekile nabo. [uw-ZU k. 44 isig. 13]

35. Kubalulekile ukuba sigweme ukucabanga kwezwe okuthonya abantu ukuba bakholelwe ukuthi bancishwa okuthile uma bengenakuzibekela izindinganiso zabo siqu ekuphileni. [uw-ZU k. 46 isig. 1]

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela