Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/94 k. 1
  • IZwi LikaNkulunkulu Linamandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZwi LikaNkulunkulu Linamandla
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • IBhayibheli—Incwadi Okufanele Ifundwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Indlela Ongazuza Ngayo Ngokugcwele Ekufundeni IBhayibheli
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukufunda IBhayibheli—Kuyazuzisa Futhi Kumnandi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 11/94 k. 1

IZwi LikaNkulunkulu Linamandla

1 IBhayibheli liye lakuthonya kakhulu ukuphila kwezigidi. Lokho elikushoyo kushukumisa ngaphezu kwanoma yini umuntu angayiveza. (Heb. 4:12) Bheka nje lokho elisenzele khona. Ngempela ukuba yinzuzo kwalo akunakulinganiswa.

2 OFakazi BakaJehova bangabafundi nabameleli beBhayibheli abahamba phambili. Ukufunda iBhayibheli kufanele sikubheke njengengxenye ebalulekile yesimiso sethu esingokwasezulwini sasikhathi sonke, sikunikeze indawo yokuqala bese ukubukela ithelevishini kanye nakho konke okunye ukuzilibazisa kuze kamuva.

3 Kwenze Kube Umkhuba Wasikhathi Sonke: Abantu bakaJehova baye baliqaphela ithonya elinamandla ukufunda iBhayibheli njalo okungaba nalo. Sekuyiminyaka eminingi kunophawu olukhulu kwesinye sezakhiwo zethu zefekthri eBrooklyn olukhuthaza abadlula ngendlela ngokuthi “Funda IZwi LikaNkulunkulu IBhayibheli Elingcwele Nsuku Zonke.” Amalungu amasha omkhaya waseBethel kudingeka alifunde lonke iBhayibheli phakathi nonyaka wawo wokuqala wenkonzo yaseBethel.

4 Naphezu kwesimiso sakho esimatasa, ingabe uyahambisana nokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke okusikiselwe okuhlelwe eSimisweni Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini? Uma uye waba nobunzima ekukwenzeni lokhu, kungani ungasebenzeli ekukuthuthukiseni ngo-November? Ukufundwa kweBhayibheli kwayo yonke lenyanga kusencwadini yamaHubo 95-109, okudinga ukuba ufunde amakhasi amathathu noma amane ngesonto. Abanye bakhetha ukufunda kancane usuku ngalunye, mhlawumbe ekuseni kakhulu noma ngaphambi kokuyolala ebusuku. Kungakhathaliseki ukuthi ukwenza kanjani, okubalulekile kuwukuba uvune izinzuzo ezinhle ezizuzwa ngokulifunda njalo iZwi likaNkulunkulu.

5 Hambisa Incwadi Ethi Izwi LikaNkulunkulu Ngo-November: Abantu abaningi basenayo inhlonipho ngeBhayibheli futhi bazimisele ukulalela lapho silifunda. Ngo-November sizobe sihambisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Lokhu kunikeza ithuba elihle kakhulu lokubonisa abanhliziyo ziqotho ukuba yinzuzo kweZwi likaNkulunkulu. Kushisekele ukwenza kanjalo.

6 Lungiselela ukukhulumela okuthile okunengqondo okuphathelene nokuba yinzuzo kwencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu okuzovusa isithakazelo sabantu sokuba bayithole. Kungani ungakhethi isethulo encwadini ethi Ukubonisana, ikhasi 10, ngaphansi kwesihloko esithi “IBhayibheli/UNkulunkulu”? Emakhasini 58-68 uzothola okunye ukwaziswa okuwusizo okumayelana neBhayibheli. Kungani ningaprakthizi lokhukwaziswa njengomkhaya ngaphambi kokuba niphume niye enkonzweni. Ningase nibe ngisho nesikhathi sokuprakthiza, nisebenzisa izingeniso ezisencwadini ethi Ukubonisana noma ezinye eniye nazithola ziphumelela ensimini yenu.

7 Qikelela ukuba uveze ukuba yinzuzo engokoqobo kweBhayibheli njengoba kuxoxwa ngakho kusahluko 12 sencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu. Njengoba umnotho wehla emhlabeni wonke, abantu abaningi benza ukuthola imali nezinto ezibonakalayo kube yinto abayikhathalela kakhulu. Ungadonsela ukunakekela komninikhaya esigabeni 3 no-4 kulesisahluko, uqokomisa iseluleko esilinganiselayo nesihlakaniphile seZwi likaNkulunkulu.

8 Yebo, iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Uma silifunda, silikholelwa, futhi sisebenzise iseluleko salo ekuphileni kwethu, siyovuna izinzuzo ezinkulu. Lalotshelwa ukusinikeza imfundo nethemba. (Roma 15:4) Kubalulekile ukuba silihlole nsuku zonke futhi sihlale sikulungele ukulisebenzisa ekufundiseni abanye.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela