Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/95 k. 2
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qaphani Lapho Nisenkonzweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • ‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele’—Ezakhiweni Okungangeneki Kalula Kuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokufakaza Ngesibindi Ensimini Yamabhizinisi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 12/95 k. 2

IBhokisi Lemibuzo

◼ Ikuphi ukuqapha esikudingayo lapho sisebenza insimu eyingozi?

1 Siyaqhubeka sizwa imibiko yobudlova, ukuphanga, nodlame lwezenhlalo, ikakhulu ezindaweni zasemadolobheni. Nakuba sizizwa sikhathazekile, siyazi ukuthi ngisho nasezindaweni ezinodlame, bakhona abantu abaqotho abayosabela esigijimini soMbuso. Ngakho ngesikhathi esifanele, kufanele siqunge isibindi sokuqhubeka sishumayela, sithembela ekunakekeleni kukaJehova.—IzAga 29:25; 1 Thes. 2:2.

2 Lapho siya endaweni eyingozi, uJehova ulindela ukuba siqaphe futhi sisebenzise ukwahlulela okuhle. Phaphama. “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” (IzAga 22:3) Abamemezeli abanokuhlangenwe nakho bayakuqaphela ukuhlakanipha kokusebenza ndawonye ngababili noma ngisho nangamaqembu abamemezeli abaningana, uma kudingekile. Nokho, kutuswa ukuba kube abamemezeli ababili kuphela abangena endlini futhi bakhulume nomninikhaya, njengoba kungabantu ababili kuphela abangasibika isikhathi. UmShumayeli 4:9, 12 uthi: “Kungcono ababili kunoyedwa . . . Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe.” Ngokuvamile izigebengu zifuna labo abangabodwa okulula ukubagebenga.

3 Qapha kakhulu lapho ungena ezakhiweni ezinamaphasishi amnyama nezitebhisi ezingahambi bantu. Qaphelisisa ukwamukela ukungeniswa endlini noma efulethini. Ungaphikisani nalabo ababonakala beyingozi noma abafuna ucasuke. Shesha ukuzazisa njengomunye woFakazi BakaJehova. Abanye abamemezeli njalo baphatha iBhayibheli noma umagazini INqabayokulinda noma IPhaphama! ukuze basheshe baphawuleke.

4 Ubaxwaye abantu abangondinga s’thebeni. Qaphela ukungena ekheshini nabantu ababonakala bengahlali kuleso sakhiwo. Ungazifaki izinto zokuhloba ezibizayo. Uma kudingeka uphume sekuhlwile, gwema ukuhamba ngemigwaqo ethule. Uma bekukhuthuza, ungazabalazi uma befuna nje imali yakho noma okuthile okuphethe; ukuphila kwakho kubaluleke ngaphezu kwanoma iyiphi into ebonakalayo onayo.—Marku 8:36.

5 Abazalwane abaholayo kufanele bahlale beqaphile, bazi ukuthi bangene kuphi abamemezeli ensimini. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukugcina iqembu liqoqene endaweni eyodwa ukuze lihlale liseduze nabanye. Uma kusuka noma ibuphi ubudlova noma isiphithiphithi, iqembu kufanele liyishiye ngokushesha leyo nsimu.

6 Uma siphapheme futhi siqaphile, singaqhubeka sifinyelela labo abasezindaweni ezinobugebengu obukhulu “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwayo.”—Hez. 9:4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela