Zonke Izinto Zenzeleni Inkazimulo KaNkulunkulu
1 Yeka indlela okuqabula ngayo ukuhlanganyela nabafowethu nodadewethu abathandekayo! (1 Kor. 16:17, 18) Lokhu sikwenza emihlanganweni yebandla, emihlanganweni emincane nemikhulu, nasenkonzweni yasensimini. Siyahlangana nangezikhathi ezingahleliwe, njengalapho sinezivakashi ezisivakashele ekhaya lethu. Ngokwenza kanjalo, sibonisa umoya wokungenisa izihambi futhi siyakhuthazana. (Roma 12:13; 1 Pet. 4:9) Lapho nihlela amadili emishado, khumbulani iseluleko esiku-Nqabayokulinda ka-October 15, 1984 [w84 4/15].
2 Imibuthano Yokuzijabulisa Ehleliwe: Kungakhathaliseki ukuthi ‘siyadla noma siyaphuza noma senza noma yini enye,’ kufanele ‘zonke izinto sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu.’ (1 Kor. 10:31-33) Abanye abasilandeli lesi seluleko, futhi izinkinga ziyaqhubeka ziba khona ngenxa yemibuthano yokuzijabulisa emikhulu kakhulu ukuba ingaqondiswa. Kwezinye izimo, amakhulu abantu amenyelwa emicimbini emikhulu okuba khona kuyo ukuzijabulisa kwezwe. Ngezinye izikhathi labo ababa khona bacelwa ukuba bakhokhe imali yokungena noma ezinye nje izimali. Leyo mibuthano ithi ayifane nemicimbi yezwe, umoya wayo ongavumelani neze nesizotha kanye nezimiso zeBhayibheli.—Roma 13:13, 14; Efe. 5:15-20.
3 Kuye kwabikwa ukuthi kuye kwahlelwa amadili amakhulu emishado, amanye abe nabantu abayihambele abangaphezu kwenkulungwane. Kwezinye izindawo, kuye kwakhishwa izimemo zomshado ezimema abantu abadala kuphela, hhayi izingane, ukuba beze edilini. Abanye baye baya emadilini emishado bengamenyiwe. Ingabe lokhu kuyavumelana neseluleko esanikezwa esikhathini esidlule? Akunjalo neze! Kuye kwaba khona izinkinga ngenxa yobunzima bokuqondisa kahle amaqembu amakhulu ngaleyo ndlela. Ngezinye izikhathi umphumela uye waba ukuxokozela, ukuzitika ophuzweni oludakayo, ngisho nokuziphatha okubi. (Efe. 5:3, 4) Lokhu kuye kwaholela ekubeni abanye basuswe ekuhlanganyeleni noma basolwe ikomiti yokwahlulela futhi abanye abadala nezinceku ezikhonzayo baze balahlekelwa nangamalungelo abo enkonzo. Ngokuqinisekile, imibuthano enjalo yokuzijabulisa ayimdumisi uJehova. Kunalokho, iletha isihlamba egameni elihle lebandla futhi ikhubekise nabanye.—1 Kor. 10:23, 24, 29.
4 AmaKristu akhuthazwa ukuba abonise umoya wokwamukela izihambi, kodwa kumelwe kugxilwe ekukhuthazaneni ngokomoya. (Roma 1:11, 12) Imibuthano emincane yokuzijabulisa ingcono kakhulu. Incwadi ethi Ukuhlelelwa emakhasini 135-6 ithi: “Ngezinye izikhathi imikhaya eminingana ingase imenyelwe ekhaya elithile ngenxa nje yobudlelwano bobuKristu. . . . Ngokufanelekile, labo abamemayo ezimweni ezinjalo kumelwe bazizwe benomthwalo wemfanelo nganoma yini eyenzekayo. Ngokucabangela lokhu, amaKristu aqaphelayo aye akubona kuwukuhlakanipha ukulinganisela ubukhulu bamaqembu anjalo nobude baleyomicimbi.” UJesu wabonisa ukuthi akudingeki into enkulu uma umgomo wethu uwukukhuthaza abangane ngokomoya.—Luka 10:40-42.
5 Kuyinto enhle ukubonisa umoya wokwamukela izihambi kumaKristu esikanye nawo. Nokho, kunomehluko omkhulu phakathi kombuthano omncane owenzelwa ekhaya lethu nomcimbi omkhulu onomoya wezwe owenzelwa endaweni eqashiwe. Lapho umema abathile ukuba babe izivakashi zakho, kufanele uqiniseke ukuthi uzowuthwala wonke umthwalo wemfanelo walokho okwenzekayo.—Bheka INqabayokulinda ka-August 15, 1992, amakhasi 17-20.
6 Yiqiniso, uJehova uye wasibusisa ngobuzalwane esithola kubo isikhuthazo esisishukumisela ukuba siqhubeke emisebenzini emihle. (Math. 5:16; 1 Pet. 2:12) Ngokubonisa isizotha nokucabangela emicimbini yokuzijabulisa, siyoletha njalo udumo kuNkulunkulu wethu futhi sibakhe abanye.—Roma 15:2.