Dumisa UJehova Nsuku Zonke
1 UNkulunkulu wethu, uJehova, unguMdali omangalisayo nonothando, uMthombo wakho konke ukuphila nenjabulo. Ngenxa yobukhulu bakhe, ukufanele ngempela ukudunyiswa yindalo yakhe yonke. Ngamunye wethu, ufisa ukusho njengoba kwasho umhubi ukuthi: “Ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho. Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho, nensindiso yakho lonke usuku.” (IHu. 71:14, 15) Ukuze sikwenze lokhu, kufanele sifune izindlela zokudumisa uJehova nsuku zonke futhi sishukunyiselwe ukuba sikhulume kahle ngaye, ngokulunga kwakhe, nangamalungiselelo akhe ensindiso.
2 AmaKristu akuqala abeka isibonelo esihle ekudumiseni uJehova. Ngokuphathelene nababhapathizwa ngePentekoste abangu-3 000, encwadini yezEnzo 2:46, 47 sifunda ukuthi: “Usuku nosuku babeba khona njalo ethempelini nganhliziyonye, . . . bedumisa uNkulunkulu futhi bethola umusa kubo bonke abantu. . . . [Futhi] uJehova waqhubeka enezela kubo nsuku zonke labo abasindiswayo.” Babefunda amaqiniso amangalisayo ngoJehova nangoMesiya wakhe. Injabulo yabo yayithelelana, ikhuthaza abanye ukuba balalele futhi bafunde ukudumisa uJehova.
3 Amathuba Atholakala Nsuku Zonke: Abaningi namuhla bathola ukuthi bangakwazi ukudumisa uJehova nsuku zonke ngokufakaza ngokwethukela. Ukuhlela kusengaphambili kubasiza ukuba bakhiqize ngokwengeziwe. Udade owayenqume ukuhlanganyela ekufakazeni ngokwethukela wathola ukuthi othile wayebhodloze amafasitela amabili futhi wagqekeza imoto yakhe. Wabiza umakhenika ukuba azomlungisela wabe eselungiselela ukufakaza kuye. Ukulungiselela kwakhe kwahlanganisa nokuthandaza acele isiqondiso sikaJehova. Umphumela waba ukuba anikeze ubufakazi ihora lonke kumakhenika futhi amhambisele incwadi ethi Ungaphila Phakade.
4 Omunye udade wayehlangana njalo nomakhelwane wakhe lapho bevakashisa izinja zabo. Kwesinye salezi zehlakalo, baxoxa ngokungathi sína ngezinkinga zokuphila, futhi lokho kwaholela ezingxoxweni ezengeziwe. Ngokuhamba kwesikhathi, kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ngokuthakazelisayo, kamuva umakhelwane wavuma ukuthi wayengeke abalalele oFakazi BakaJehova ukuba babefike emzini wakhe, ngoba wayengakholelwa kuNkulunkulu noma eBhayibhelini.
5 Abanye bakuthola kulula ukunikeza ubufakazi lapho kufika umdayisi noma abanye abantu emizini yabo. Udade wase-Ireland wavakashelwa umlisa othile owayedayisa umshuwalense wokuphila. Wachaza ukuthi ubheke phambili ekujabuleleni ukuphila okuphakade. Lona kwakungumqondo omusha shá kulomlisa, owakhula engumRoma Katolika. Wayamukela incwadi ethi Ungaphila Phakade, waya emhlanganweni ngesonto elilandelayo, futhi wavuma ukuba aqhutshelwe isifundo seBhayibheli. Manje lomdayisi ungumzalwane obhapathiziwe.
6 Sonke kufanele siwaphaphamele amathuba okudumisa uJehova nsuku zonke. Kuyasiza ukubeka omagazini abambalwa noma amapheshana endaweni abangase babonwe kuyo nengenza kube lula ukuba banikezwe izivakashi. Kwezinye izindawo isikhathi esincane osichitha uhleli ebhentshini lasepaki singakunikeza amathuba amaningana okufakaza kwabanye abasathé ukuphumula. Enye intsha engoFakazi esikoleni ibeka phezu kwedeski incwadi yeBhayibheli njengendlela yokuqala ingxoxo nothile oyibonayo futhi abuze imibuzo. Yiba nomBhalo owodwa noma emibili engqondweni ongase uwusebenzise. Cela uJehova akusize. Uyobusiswa ngokwenza kanjalo.—1 Joh. 5:14.