IZaziso
◼ Isipho senyanga sango-January: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-February: Ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise ngomnikelo ka-R3,50 noma ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-April: Isikhokhelo sonyaka se-Nqabayokulinda esifika ngeposi ngomnikelo ka-R38,00 somagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R19,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini lapho isikhokhelo senqatshwa.
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanele okugubha iSikhumbuzo kulonyaka ngoLwesibili, April 2, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba kufiseleka ukuba ibandla ngalinye libe nowalo umkhosi weSikhumbuzo, lokhu kungase kungenzeki ngazo zonke izikhathi. Lapho kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe ibandla elilodwa noma ngaphezulu angasebenzisa ezinye izindawo ngalobo busuku. ISikhumbuzo akufanele siqale sekwephuze kangangokuba abantu abasanda kuthakazela bakuthole kunzima ukuba khona. Ngaphezu kwalokho, akufanele izikhathi ezihleliwe zisondelane kangangokuba singabi bikho isikhathi sokubingelela izivakashi ngaphambi nangemva komkhosi, sokwenza amalungiselelo okunikeza usizo oluqhubekayo olungokomoya kwabathile, noma sokujabulela ukukhuthazana. Ngemva kokucabangisisa ngawo wonke amaphuzu, abadala kufanele banqume ukuthi yimaphi amalungiselelo ayobasiza kangcono labo abayobe bekhona eSikhumbuzweni ukuze bazuze ngokugcwele kulesi senzakalo.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yangenkathi yeSikhumbuzo sika-1996 iyonikezwa ngeSonto, April 21. Isihloko senkulumo siyothi “Ukuhlala Singenasici Esizukulwaneni Esiyisigwegwe.” Uhlaka luyolungiselelwa. Lawo mabandla ayobe enombonisi wesifunda, umhlangano wesifunda, noma umhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 21.
◼ Kusukela ngo-February, futhi engakadluli u-March 3, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda iyothi “Ibandla Elithembekile Ngaphansi Kobuholi BukaKristu.”
◼ Kusukela ngo-April 29, 1996, incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade iyofundwa eSifundweni Sencwadi Sebandla.
◼ SIZANI NIPHAWULE: Akusalondekile ukuthumela imali eNhlanganweni nge-registered mail. Akukho nhlawulo ekhokhwayo uma incwadi noma okuphakathi kulahleka. Indlela engcono yokuthumela imali eye-bank transfer (ifomu i-M-65, eningalithola eNhlanganweni), isheke, noma ama-postal order. Kufanele kuthunyelwe ngesitembu esifanele okwamanje esingamasenti angu-60. Uma kudingeka uthumele imali engamaphepha, yithumele ngeposi elinomshuwalense. Nakuba libiza kakhudlwana liyindlela elondeke kakhulu yokuthumela imali ngeposi. Incwadi ekhokhelwe umshuwalense kufanele iyiswe kukhawunta yasePosini ukuze isisebenzi sakhona sibale izindleko.
◼ Kukhunjuzwa abadala ukuba banikeze bonke abamemezeli abasanda kubhapathizwa izenezelo ze-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1992 neka-March 1993. Lezi zenezelo kufanele zi-odwe eNhlanganweni ngefomu iS-AB-14.