Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/96 k. 8
  • Izwi LikaNkulunkulu Linikeza Isiqondiso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwi LikaNkulunkulu Linikeza Isiqondiso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli—Isiqondiso SikaNkulunkulu Sabo Bonke Abantu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ulwazi Oluvela KuNkulunkulu Luphendula Imibuzo Eminingi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Shumayela Ngokuqonda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 12/96 k. 8

Izwi LikaNkulunkulu Linikeza Isiqondiso

1 “Siphila ezweni elinezinkinga eziningi kakhulu namakhambi ambalwa kakhulu. Izigidi eziningi ziyalamba. Amanani andayo aba yimilutha yezidakamizwa. Imikhaya eminingi ngokwandayo iyahlukana. Ubuhlobo bobulili phakathi kwezihlobo nobudlova bomkhaya kukhishwa njalo ezindabeni. Umoya esiwuphefumulayo namanzi esiwaphuzayo kungenwa ushevu kancane kancane. Kuyilapho abaningi bethu beya beba yizisulu zobugebengu.”

2 Iqala kanjalo incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Isethulo sayo sifaneleka nakakhulu namuhla kunangesikhathi eyakhishwa ngaso lencwadi eminyakeni engu-7 edlule. Abantu kudingeka bazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu linikeza isiqondiso kanye namakhambi azo zonke izinkinga ezikhathaza isintu. Sizozama ukusiza abantu ngo-December ngokubahambisela INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki itholakala ngesiBhunu, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu futhi siyobe senza kahle ukuyihambisa kubo bonke abantu abakhuluma lezi zilimi. Yiqiniso, ukushiyela umuntu nje incwadi akusona isiqinisekiso sokuthi uyosamukela isiqondiso sikaNkulunkulu. Kufanele senze izimpindelo sinomgomo wokuqala isifundo seBhayibheli. Siyaqinisekiswa ukuthi siyoluthola usizo uma senza umzamo onjalo. (Math. 28:19, 20) Nazi ezinye izintshumayelo ezisikiselwe:

3 Uma uhlangana nomuntu osekhulile, ungase uzame lendlela:

◼ “Ake ngibuze: Lapho usemusha, abantu emphakathini babephathana kanjani? [Lindela impendulo.] Izinto zihluke kakhulu manje, akunjalo? Ucabanga ukuthi yini ebangele lolu shintsho? [Lindela impendulo.] Empeleni sibona ukugcwaliseka kwesiprofetho esiseBhayibhelini. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.] Ngaphandle kokuchaza ngokunembile izwe njengoba linjalo namuhla, iBhayibheli lithembisa izwe elingcono esikhathini esizayo esiseduze. Ngenxa yaleso sizathu sikhuthaza wonke umuntu ukuba afunde iBhayibheli. Uqaphelile yini ukuthi lucace kanjani ulimi olusetshenziswe kuleli Bhayibheli, INguqulo Yezwe Elisha, ebengifunda kulo?” Chaza ukuthi liyinguqulo enembile yesiZulu sanamuhla, okwenza iBhayibheli liqondakale kakhudlwana. Mbonise incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, bese uvula isahluko 10, esichaza esinye isiprofetho esiye sasibona sigcwaliseka. Hambisa iBhayibheli nencwadi ngomnikelo ka-R10,00.

4 Lapho uphindela kumuntu osekhulile owamhambisela iBhayibheli nencwadi, ungase uthi:

◼ “Lapho sixoxa esikhathini esidlule, savumelana ngokuthi ngezindlela eziningi umphakathi wanamuhla ushintshe waba mubi kakhulu uma kuqhathaniswa nalokho ukuphila okwakuyikho eminyakeni embalwa edlule. Nokho, ngibuyile ukuze ngikubonise ukuthi iBhayibheli linikeza amathemba ezwe elingcono kakhulu esikhathini esizayo. [Funda isAmbulo 21:3, 4.] Ukwazi ukuthi leli yiZwi likaNkulunkulu kufanele kusikhuthaze ukuba sibhekisise lokho iBhayibheli elikushoyo.” Vula incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu esahlukweni 14, bese ufunda izigaba 3-4. Sikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

5 Uma uxoxa nomuntu osemusha, ungase usho lokhu:

◼ “Ngingathanda ukukubuza umbuzo: Njengomuntu osemusha, ingabe unomuzwa wokuthi unesizathu sokuba nethemba ngesikhathi esizayo? Isikhathi esizayo sibonakala siyoba njani kuwe? [Lindela impendulo.] Ngokujabulisayo, sikhona isizathu sangempela sokuba nethemba lokuhle ngesikhathi esizayo. [Funda iHubo 37:10, 11.] Njengoba abantu benemibono ehlukahlukene ngeBhayibheli nalokho elikuqukethe, siye sanyathelisa lencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Phawula izizathu ezinikezayo zokufunda iBhayibheli. [Funda izigaba 16-17 emakhasini 10-11.] Lapho nje sesiqiniseka ukuthi okushiwo iBhayibheli kuyiqiniso, siba nethemba eliqinisekile ngesikhathi esizayo. Uma uthanda ukuyifunda lencwadi, ngingathanda ukukushiyela yona ngomnikelo ka-R4,00.”

6 Lapho uphindela uyobona umuntu osemusha owathatha incwadi ethi “Izwi LikaNkulunkulu,” ungaqala ngokuthi:

◼ “Ngakujabulela ukuzwa indlela okhathazeke ngayo ngekusasa. Khumbula ukuthi ngakubonisa umbhalo weBhayibheli osithembisa ikusasa elijabulisayo nelilondekile. Nanku omunye. [Funda isAmbulo 21:3, 4.] Lencwadi engakushiyela yona inikeza ubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, hhayi elomuntu. Lelo phuzu lisikisela izinto eziningi. Phawula ukuthi ziyini. [Funda izigaba 1-2 emakhasini 184-5.] Uma ungase uthande, ngingakujabulela ukufunda nawe iBhayibheli mahhala.” Uma isifundo samukelwa, mbuze ukuthi unalo yini iBhayibheli. Uma engenalo, mhambisele i-New World Translation ngomnikelo ka-R16,00 noma INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngomnikelo ka-R6,00, uma itholakala ngolimi lwakhe.

7 Umuntu ongazi ukuthi kufanele aphendukelephi ukuze athole isiqondiso sokubhekana nezinkinga zokuphila angase asabele kulendlela:

◼ “Siphila esikhathini lapho cishe wonke umuntu ebhekene nezinkinga ezingathi sína. Abaningi baphendukela kuzo zonke izinhlobo zabeluleki ukuze bathole isiqondiso. Abanye baya ezidalweni ezinamandla angaphezu kwawemvelo ukuze bathole usizo. Ucabanga ukuthi singasitholaphi iseluleko esingasizuzisa? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liphawula iphuzu elibalulekile sonke esidinga ukuliqaphela.” Funda uJeremiya 10:23. Vula incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ekhasini 187, bese ufunda isigaba 9. “Lencwadi izokusiza ubone ukuthi zonke izinkinga zethu zizoqedwa kanjani ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Ungathanda yini ukuyifunda?” Hambisa incwadi ne-New World Translation ngomnikelo ka-R20,00 noma ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngo-R10,00, uma itholakala ngolimi lwakhe.

8 Uma ekuhambeleni kokuqala naxoxa ngesidingo somuntu sokuthola isiqondiso, lapho uphindela ungase uqhube ingxoxo ngokuthi:

◼ “Lapho sihlangana okokuqala, savumelana ngokuthi sidinga isiqondiso esivela kuNkulunkulu ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila. Ngokuphathelene nalokho, ngicabanga ukuthi uzowajabulela amazwi okuphetha ashiwo kulencwadi engakushiyela yona. [Funda izigaba 12-13 ekhasini 189 encwadini ethi Izwi LikaNkulunkulu.] Ngingakujabulela ukukunikeza imfundo yeBhayibheli yasekhaya mahhala, futhi ngizimisele ukukubonisa khona manje ukuthi kufundwa kanjani.”

9 UJehova uyoyibusisa imizamo yethu njengoba sisiza abasha nabadala ngokufanayo ukuba baqaphele ukuba yinzuzo kweZwi likaNkulunkulu nesiqondiso salo ekuphileni kwethu.—IHu. 119:105.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela