Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/97 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 1/97 k. 3

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-January: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-February: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R12,00. Ngo-March: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo sonyaka se-Nqabayokulinda esifika ngeposi somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngomnikelo ka-R41,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma esezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R20,50. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini lapho isipho senqatshwa.

◼ Bonke abamemezeli ababhapathiziwe abayobe bekhona eMhlanganweni Wenkonzo wesonto lika-January 13 bayonikezwa ikhadi i-Advance Medical Directive/Release nelezingane zabo i-Identity Card.

◼ Kusukela ngo-March 2, ababonisi besifunda bayobe benikeza inkulumo yeningi entsha ethi “Sebenzisa Imfundo Ukuze Udumise UJehova.”

◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanelekile okugubha iSikhumbuzo sangalonyaka ngeSonto, ngo-March 23, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase iqale ngaphambidlana, ukudluliswa kwezifanekiselo zeSikhumbuzo akufanele kuqale ilanga lingakashoni. Buzani emithonjeni yendawo ukuze nithole ukuthi lishona nini ilanga endaweni yakini. Njengoba kungekho mihlangano okufanele ibe khona ngalolo suku ngaphandle kowenkonzo yasensimini, kufanele kwenziwe ushintsho olufanelekile lokuba iSifundo Se-Nqabayokulinda siqhutshwe ngesinye isikhathi. Ababonisi besifunda kuzodingeka bashintshe isimiso sabo semihlangano sangalelo sonto ukuze sivumelane nezimo zebandla. Nakuba kukuhle ukuba ibandla ngalinye ligubhe esalo iSikhumbuzo, lokhu kungase kungenzeki ngazo zonke izikhathi. Lapho kunamabandla amaningi asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe ibandla elilodwa noma ngaphezulu lingathola enye indawo elingayisebenzisa ngalobo busuku. ISikhumbuzo akufanele sephuze kakhulu ukuqala kangangokuba abantu abasanda kuhlanganyela bakuthole kunzima ukuba khona. Kanti futhi akufanele isikhathi sisondelane kangangokuba singabi bikho isikhathi sokubingelela izivakashi ngaphambi nangemva kwemihlangano, sokwenza amalungiselelo okunikeza usizo oluqhubekayo olungokomoya kwabathile, noma sokujabulela ukukhuthazana. Ngemva kokucabangela kahle zonke izici, abadala kufanele banqume ukuthi yimaphi amalungiselelo ayobasiza kangcono labo abazobe bekhona eSikhumbuzweni ukuba bazuze ngokugcwele kulowo mkhosi.

◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yangenkathi yeSikhumbuzo sika-1997 iyonikezwa ngeSonto, ngo-April 6. Uhlaka luyothunyelwa. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda, enomhlangano wesifunda, noma umhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngaleyo mpelasonto ayoyithola ngesonto elilandelayo inkulumo ekhethekile. Alikho ibandla okufanele lithole inkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 6.

◼ Ngenxa yokubaluleka kwalesi senzakalo, lapho indikimba yabadala yabela isikhulumi seSikhumbuzo kufanele ikhethe omunye wabadala abafaneleka kakhulu kunokuba amalungu ayo amane ashintshane noma isebenzise umdala ofanayo minyaka yonke.

◼ U-April 5, 1997, uzoba uSuku lwethu olukhethekile Lukamagazini. Esikhathini esidlule abaningi baye bakujabulela ukuhlanganyela emsebenzini woSuku Lukamagazini olukhethekile. Kungani ungaqali ukuhlela manje ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulonyaka? Amabandla kufanele afake ama-oda akhethekile omagazini ngokushesha ngangokunokwenzeka.

◼ ISikhumbuzo sango-1998 siyoba ngo-Mgqibelo, April 11, ngemva kokushona kwelanga. Lokhu kwaziswa kusengaphambili ngosuku lomkhosi weSikhumbuzo sango-1998 kwenzelwa ukuba abazalwane bakwazi ukwenza amalungiselelo adingekile okufuna izindawo noma benze izivumelwano ngamahholo angatholakala lapho kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kufanele athole ezinye izindawo.

◼ INhlangano yenze i-Magazine File Case yepulasitiki ethatha indawo yalena eyenziwe nge-vinyl. Ibandla, iningi namaphayona ngu-R7,50.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela