Bazali—Bekelani Izingane Zenu Isibonelo Esihle
1 IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi “uyise [nonina] wolungileyo uyakwethaba nokwethaba.” (IzAga 23:24, 25) Yeka isibusiso okuyiso kubazali abaye babekela izingane zabo isibonelo esihle! Likhuluma ngabazali balo, ilungu leKomiti Yegatsha lathi: “Iqiniso laliyindlela yokuphila kwabo konke, nami ngangifuna ukulenza libe ukuphila kwami konke.” Yini okufanele izingane ziyibone kubazali bazo?
2 Imikhuba Emihle Nenhlonipho Ejulile: Kuwumthwalo wemfanelo wabazali ukugxilisa imikhuba emihle ezinganeni zabo. Imikhuba emihle ayifundwa nje ngokufundisa ngomlomo kuphela, kodwa ngokubuka nangokulingisa. Ngakho-ke, injani imikhuba yenu? Ingabe izingane zenu ziyanizwa nithi “uxolo,” “ngicela,” nokuthi “ngiyabonga”? Emkhayeni, ingabe niphathana ngenhlonipho ejulile? Ingabe niyalalelisisa lapho abanye bekhuluma? Niyalalela lapho izingane zenu zikhuluma nani? Ingabe le mikhuba emihle niyibonisa eHholo LoMbuso nasekhaya?
3 Ingokomoya Eliqinile Nomsebenzi Wentshiseko: Umzalwane oseneminyaka engaphezu kwengu-50 esenkonzweni yesikhathi esigcwele uyakhumbula: “Umama nobaba babeyisibonelo esihle kakhulu endleleni ababeyazisa ngayo imihlangano nangentshiseko ababenayo enkonzweni.” Nizibonisa kanjani izingane zenu ukuthi niyakukhathalela ukulondoloza ingokomoya lomkhaya wenu? Ingabe nilifunda ndawonye itekisi losuku? Ingabe ninaso isifundo somkhaya sasikhathi sonke? Ingabe izingane zenu ziyanibona nifunda iBhayibheli nezincwadi zeNhlangano? Yini eziyizwayo lapho nithandazela umkhaya? Ingabe niyaxoxa nezingane zenu ngezinto ezakhayo ngokomoya, nangezinto ezakhayo ezimayelana neqiniso nebandla? Ingabe nikukhuthalele ukuba khona kuyo yonke imihlangano nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini njengomkhaya?
4 Bazali, cabangani ngesibonelo enisibekela izingane zenu. Senzeni sibe ngesihle kakhulu, futhi ziyosazisa kukho konke ukuphila kwazo. Inkosikazi yombonisi ojikelezayo, manje eseyevile eminyakeni engu-70 ubudala, yathi: “Ngisazuza namanje esibonelweni esihle sabazali bami abangamaKristu abanothando. Futhi ngithandaza ngobuqotho ukuba ngibonise ukwazisa okugcwele ngaleli lifa ngokulisebenzisa kahle kuyo yonke iminyaka ezayo.”