Ingabe Usilungele Isimo Esiphuthumayo Esisongela Ukuphila?
Isimo esiphuthumayo esisongela ukuphila singaphakama noma nini ngaphandle kwesixwayiso. (Jak. 4:14) Ngakho-ke, umuntu ohlakaniphile wenza izinhlelo ezifanele. (IzAga 22:3) Ingabe usunqumile ukuthi iziphi izinqubo zokwelashwa okulungele ukuzamukela futhi wasibhala phansi isinqumo sakho? Ukuze usizakale, kulungiselelwe i-video ethi Transfusion-Alternative Health Care—Meeting Patient Needs and Rights, okuyingxenye yesibili yochungechunge olukuyi-DVD ethi Transfusion-Alternatives—Documentary Series. Njengoba uyibukele, zama ukubona ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo. Ngenxa yokuthi le video ibonisa nezigcawu ezimfushane zabantu abahlinzwayo, abazali kufanele basebenzise ukwahlulela okuhle lapho beyibukela nezingane ezincane.
(1) Kungani abanye emkhakheni wezokwelapha sebekubheka ngelinye iso ukumpompela igazi? (2) Nikeza izibonelo ezintathu zokuhlinza okuyinkimbinkimbi okuye kwenziwa ngaphandle kokumpompela igazi. (3) Kungani izinkulungwane zodokotela bezokwelapha nabahlinzayo emhlabeni wonke bezimisele ukwelapha iziguli ngaphandle kokuzimpompela igazi? (4) Ucwaningo lwamuva nje ezibhedlela luboniseni ngokusetshenziswa kwegazi? (5) Ziyini izingozi zempilo ezihlobene nokumpontshelwa igazi? (6) Ochwepheshe abaningi baye bafinyelela kusiphi isiphetho mayelana nezinzuzo zezindlela zokwelapha ngaphandle kwegazi? (7) Kubangelwa yini ukuntuleka kwegazi emzimbeni, futhi yini engenziwa esimweni esinjalo? (8) Umzimba wesiguli ungakhuthazwa kanjani ukuba ukhiqize amangqamuzana abomvu egazi? (9) Iziphi izinqubo ezisetshenziswa ekunciphiseni ukopha phakathi nokuhlinza? (10) Ingabe ukwelapha ngaphandle kwegazi kungasebenza ezinganeni ezincane noma kubantu abasesimweni esiphuthumayo esisongela ukuphila? (11) Isiphi esinye sezimiso eziyisisekelo zokunakekelwa kwempilo okuhle?
Imibiko ibonisa ukuthi abamemezeli abaningi abakawagcwalisi amakhadi abo e-Advance Medical Directive, noma abawaphathi njalo. Ababonisi bamaqembu kufanele baqiniseke ukuthi bonke abasemaqenjini abo bayahambisana nale mfuneko ebalulekile. Njengoba ukwamukela ezinye izindlela zokwelapha eziboniswe kule-video kuyindaba kanembeza, ungalindi kuze kube nesimo esiphuthumayo ngaphambi kokunquma ukuthi ikuphi oyokwamukela noyokwenqaba. Isahluko 7 kwethi “Othandweni LukaNkulunkulu” nezikhombo ezibonisiwe kuhlanganise nesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2006, kuyokusiza wenze izinqumo ezisekelwe olwazini. Uma ubhapathiziwe, bonisa ukuthi ukhethani ekhadini i-DPA futhi uligcine likuwe ngaso sonke isikhathi.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Ingabe usunqumile ukuthi iziphi izinqubo zokwelashwa okulungele ukuzamukela futhi wazibhala phansi?