Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/12 k. 2
  • Shumayela “Kubantu Bazo Zonke Izinhlobo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Shumayela “Kubantu Bazo Zonke Izinhlobo”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izincwajana Ezingangomagazini—Amathuluzi Ayigugu Enkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Khumbula Ukusebenzisa Izincwajana Ezingangomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Hambisa Izincwajana Ezingangomagazini Ukuze Uhlanganyele Ithemba Lakho LoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • “Hambisa Omagazini Abadala Nanoma Iyiphi Enye Incwajana Ekhuluma Ngento Umuntu Anesithakazelo Kuyo”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 1/12 k. 2

Shumayela “Kubantu Bazo Zonke Izinhlobo”

1. Abavangeli abaphumelelayo bafana kanjani nombazi ochwepheshile?

1 Umbazi ochwepheshile unamathuluzi amaningi, futhi uyazi ukuthi ngalinye kufanele alisebenzise nini futhi kanjani. Ngokufanayo, sinamathuluzi ahlukahlukene asisiza ukuba sifeze umsebenzi wethu wokushumayela. Ngokwesibonelo, kuye kwanyatheliswa izincwajana ezikhuluma ngezinto ezihlukahlukene ukuze zisisize sishumayele “kubantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Kor. 9:22) Isenezelo esikule Nkonzo Yethu YoMbuso sinohlu lwezinye zalezi zincwajana, siyachaza ukuthi ziklanyelwe bani bese sisikisela nezindlela ezingahanjiswa ngazo.

2. Kunini lapho singasebenzisa khona izincwajana ensimini?

2 Lapho Kufaneleka Khona Ukusebenzisa Izincwajana: Umbazi usebenzisa ithuluzi noma nini lapho ukulisebenzisa kuzuzisa khona. Ngokufanayo, singahambisa incwajana noma nini lapho sinomuzwa wokuthi kuzozuzisa lokho, hhayi nje phakathi nalapho ziyisipho senyanga. Ngokwesibonelo, uma isipho senyanga kuyincwadi ethi Lifundisani IBhayibheli futhi sishumanyela kumuntu ongeyena umKristu, kungase kuzuzise ukuhambisa incwajana efanele bese simnika incwadi ethi Lifundisani IBhayibheli ngemva kokuba sesihlakulele isithakazelo.

3. Kungani kufanele sikwazi kahle ukusebenzisa amathuluzi ethu?

3 ImiBhalo ikhuluma kahle ngalabo abanekhono ekwenzeni umsebenzi wabo. (IzAga 22:29) Ngokuqinisekile, awukho umsebenzi namuhla obaluleke ukwedlula “umsebenzi ongcwele wezindaba ezinhle.” (Roma 15:16) Ukuze sibe ‘izisebenzi ezingenamahloni ngalutho,’ siyolwela ukuba nekhono lokusebenzisa amathuluzi ethu.—2 Thim. 2:15.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela