Imihlangano Yokuvusa Uthando Nemisebenzi Emihle
AmaKristu okuqala ayehlangana ndawonye, ngokuvamile emakhaya awo, ukuze athole iseluleko futhi ajabulele ubungane obakhayo. Namuhla, amabandla oFakazi BakaJehova ahlangana kathathu ngesonto. Uyamenywa ukuba ube khona kunoma imuphi walemihlangano. Imihlangano yabo ayinamicikilisho, kodwa igxila emfundweni yaphezulu. Imihlangano yebandla iqaliswa futhi iphethwe ngengoma nomthandazo. Kungenwa mahhala, futhi akuthathwa nkongozelo.—IzEnzo 4:23-31; 14:22; 15:32, 35; Roma 16:5; Kolose 4:15.
Mhlawumbe umhlangano wokuqala oyoba khona kuwo kuyoba inkulumo yeningi yemizuzu engama-45, ephathelene nezimfundiso zeBhayibheli, isiprofetho, noma iseluleko ngokuphila kobuKristu. Ngemva kwalenkulumo, kunesifundo seBhayibheli, kusetshenziswa isihloko esikuNqabayokulinda esihlelelwe ngokukhethekile ukufundwa yibandla. Isifundo silandela lesimiso: Kufundwa isigaba esikuNqabayokulinda; umqhubi abese ephakamisa imibuzo esendabeni labo abayizilaleli abangase bathande ukuwuphendula ngokuba baphakamise isandla. Ngokuvamile kunikezwa izimpendulo eziningi esigabeni ngasinye. Lomhlangano uba yihora elilodwa.
Kamuva kulelosonto, kuba neminye imihlangano emibili eyimizuzu engama-45. Omunye iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Unikeza ukuqeqesha ngendlela yokuqoqa ukwaziswa ngezihloko zeBhayibheli nokukufundisa ngokuphumelelayo. Ngemva kwalokho kuba nemfundo ekhethekile yemizuzu engama-21, abafundi ababelwe kusengaphambili banikeza izinkulumo ezimfushane. Ngemva kwenkulumo ngayinye, umeluleki wesikole unikeza iseluleko ebonisa indlela umfundi angathuthukisa ngayo. Kuye kwalungiselelwa izincwadi eziningana zokusetshenziswa kulesikole. Labo ababa khona njalo emihlanganweni bangabhalisa, uma nje bephila ngendlela evumelana nezimiso zobuKristu.
Umhlangano olandela lowo kuthiwa uMhlangano WeNkonzo. Uba nezingxenye ezintathu noma ezine eziphathelene nokushumayela izindaba ezinhle endlini ngendlu kanye nezinye izici zenkonzo. Lezingxenye zinikezwa njengezinkulumo, izingxoxo, noma imiboniso, kube nokuhlanganyela okuthile kwezilaleli. Ingxenye enkulu yesimiso isekelwe ekwazisweni okutholakala kuNkonzo Yethu YoMbuso, iphepha lemfundo elinamakhasi amane elinyatheliswa yiWatch Tower Society nyanga zonke.
Umhlangano wesithathu isifundo samasonto onke esenziwa ngamaqembu amancane, ngokuvamile emakhaya abazalwane kuyo yonke insimu yebandla. Lesifundo sisekelwe eBhayibhelini nasencwadini yamuva ekhishwe iNhlangano. Njengoba iqembu lilincane, kunethuba elingcono ngabo bonke lokuhlanganyela engxoxweni, futhi kunethuba elihle lokujwayelana nalabo abakhona.
Amabandla amaningi aba nemihlangano yawo eHholo LoMbuso elakhiwe oFakazi BakaJehova. Kuhlangatshezwana nezindleko ngeminikelo yokuzithandela evela koFakazi ngokwabo, futhi ezimweni eziningi umsebenzi wenziwa mahhala yizisebenzi zokuzithandela. Amabhokisi eminikelo aba khona kuyo yonke imihlangano ukuze asetshenziswe yilabo abanesifiso sokunikela.
Imihlangano yebandla isiza oFakazi BakaJehova ukuba balandele iseluleko esikumaHeberu 10:24, 25: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba [si]bona usuku lusondela.”
• Iziphi izici zemihlangano yamaKristu okuqala ezikhona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova?
• Chaza lokho okwenziwa emihlanganweni emihlanu yoFakazi ababa nayo njalo.
• Amahholo okuhlangana aye atholakala kanjani?
[Izithombe ekhasini 14]
Umdala uqhuba iSifundo seNqabayokulinda, eUnited States
Okwenziwa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini, eziQhingini zaseFaeroe
Isifundo seqembu ekhaya lomzalwane, eYap
IHholo LoMbuso, elakhiwa oFakazi BakaJehova ngezinsuku ezimbili, eNew Braunfels, eTexas, U.S.A.
[Izithombe ekhasini 15]
AmaHholo oMbuso emazweni ahlukene
EJapane
EAustralia
EAustria
ESpain