ISAHLUKO 8
Izikhonzi Zezindaba Ezinhle
UJEHOVA usinike isibonelo esiphelele sokusilandela—iNdodana yakhe, uJesu Kristu. (1 Pet. 2:21) Lapho noma ubani eba umlandeli kaJesu, lowo muntu ushumayela izindaba ezinhle njengomunye wezikhonzi zikaNkulunkulu. UJesu wabonisa ukuthi lokhu kwakuyoqabula ngokomoya lapho ethi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.” (Math. 11:28, 29) Isithembiso sakhe asikaze sidumaze noma ubani oye wamukela leso simemo!
2 NjengeSikhonzi sikaNkulunkulu esiyiNhloko, uJesu wabiza abathile ukuba babe abalandeli bakhe. (Math. 9:9; Joh. 1:43) Wabaqeqesha enkonzweni, wayesebathuma ukuba bayokwenza umsebenzi ofana nayewenza. (Math. 10:1–11:1; 20:28; Luka 4:43) Kamuva, wathuma abanye abangu-70 ukuba bayomemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 10:1, 8-11) Lapho uJesu ethuma laba bafundi, wathi kubo: “Lowo onilalelayo uyangilalela nami. Futhi lowo onganinaki akanginaki nami. Ngaphezu kwalokho, lowo onganginaki mina akamnaki nalowo ongithumileyo.” (Luka 10:16) Ngala mazwi, uJesu wagcizelela ukubaluleka komthwalo wemfanelo owawunikwe abafundi. Kwakumelwe bamelele uJesu noNkulunkulu oPhezukonke! Kwakuzoba okufanayo nakubo bonke namuhla abamukela isimemo sikaJesu esithi: ‘Woza ube ngumlandeli wami.’ (Luka 18:22; 2 Kor. 2:17) Bonke abasamukelayo banomsebenzi abawunikwe uNkulunkulu wokuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso benze nabafundi.—Math. 24:14; 28:19, 20.
3 Njengoba sisamukele isimemo sikaJesu sokumlandela, siye sabusiswa ‘ngokwazi’ uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. (Joh. 17:3) Sifundiswe izindlela zikaJehova. Ngosizo lwakhe, sikwazile ukuguqula izingqondo zethu, sagqoka ubuntu obusha futhi savumelanisa ukuziphatha kwethu nezindinganiso zikaJehova zokulunga. (Roma 12:1, 2; Efe. 4:22-24; Kol. 3:9, 10) Ukwazisa kwethu okusuka enhliziyweni kusishukumisele ukuba sinikezele ukuphila kwethu kuJehova futhi sikubonakalise ngokubhapathizwa emanzini. Lapho sibhapathizwa simiswa njengezikhonzi.
4 Kumelwe sikhumbule njalo ukuthi inkonzo eya kuNkulunkulu kumelwe yenziwe ngezandla ezihlanzekile nangenhliziyo emsulwa. (IHu. 24:3, 4; Isaya 52:11; 2 Kor. 6:14–7:1) Ngenxa yokuba nokholo kuJesu Kristu siye sazuza unembeza ohlanzekile. (Heb. 10:19-23, 35, 36; IsAm. 7:9, 10, 14) Umphostoli uPawulu wayala amaKristu ukuba zonke izinto azenzele inkazimulo kaNkulunkulu ukuze angakhubi abanye. Umphostoli uPetru waqokomisa ukubaluleka kokuziphatha okuhle ukuze abangakholwa badonseleke eqinisweni. (1 Kor. 10:31, 33; 1 Pet. 3:1) Ungamsiza kanjani umuntu ukuba afanelekele ukuhlanganyela nathi njengesikhonzi sezindaba ezinhle?
ABAMEMEZELI ABASHA
5 Kusukela uqala ukufundela umuntu ofisa ukwazi iqiniso, mkhuthaze ukuba axoxe nabanye ngalokho akufundayo. Angaxoxa ngokwethukela nezihlobo, abangane, abantu asebenza nabo nabanye. Yisinyathelo esibalulekile lesi ekufundiseni abafundi abasha ukuba babe abalandeli bakaJesu Kristu abayizikhonzi zezindaba ezinhle. (Math. 9:9; Luka 6:40) Njengoba ofundelwayo ekhula ngokomoya futhi eba nekhono lokushumayela ngokwethukela, akungabazeki ukuthi uyosho ukuthi ufisa ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini.
UKUHLANGABEZANA NEZIMFUNEKO
6 Ngaphambi kokumema umuntu ukuba aye endlini ngendlu okokuqala, kufanele uqiniseke ukuthi uhlangabezana nezimfuneko ezithile. Umuntu osebenza nathi enkonzweni yasensimini uzibonakalisa obala ukuthi usezihlanganise noFakazi BakaJehova. Ngakho kuthathwa ngokuthi usekuvumelanisile ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaJehova zokulunga futhi usengaba ummemezeli ongabhapathiziwe.
7 Njengoba ufunda nomuntu futhi uxoxa naye ngezimiso zeBhayibheli, cishe usuyazazi izimo zakhe. Kungenzeka uphawulile ukuthi uphila ngokuvumelana nalokho asekufundile. Noma kunjalo, kunezici zokuphila kwakhe abadala abazofuna ukuzixoxa nani nindawonye.
8 Umxhumanisi wendikimba yabadala uyohlela ukuba abadala ababili (omunye wabo kube ilungu lekomiti yenkonzo) baxoxe nawe nofundelwayo ngalolu daba. Emabandleni anabadala abambalwa kakhulu, kungaba umdala kanye nenceku ekhonzayo efanelekayo abaxoxa nani ngalolu daba. Abazalwane abakhethiwe kufanele bazame ukuba nale ngxoxo ngokushesha ngangokunokwenzeka. Empeleni, uma baziswa emhlanganweni webandla ukuthi umuntu ofundelwayo unalesi sifiso, mhlawumbe bangakwazi ukuxoxa nawe nomfundelayo ngemva kwalowo mhlangano. Lapho nihlangene kumelwe nonke nizizwe nikhululekile. Ngaphambi kokuba umfundi avunyelwe ukuba abe ummemezeli ongabhapathiziwe, kumelwe kube ukuthi:
(1) Uyakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe.—2 Thim. 3:16.
(2) Uyazazi futhi uyazikholelwa izimfundiso eziyisisekelo zemiBhalo ukuze kuthi lapho ebuzwa, akwazi ukuphendula ngokuvumelana neBhayibheli hhayi ngokwezimfundiso zenkolo yamanga noma ngokwemibono yakhe.—Math. 7:21-23; 2 Thim. 2:15.
(3) Uyawulalela umyalo weBhayibheli wokuhlangana nabantu bakaJehova emihlanganweni yebandla uma ekwazi ukwenza kanjalo.—IHu. 122:1; Heb. 10:24, 25.
(4) Uyakwazi lokho okufundiswa iBhayibheli ngokuhlobonga, kuhlanganise nokuphinga, isithembu nobungqingili futhi uphila ngokuvumelana nalokho elikufundisayo. Uma ehlala nomuntu wobulili obuhlukile ongesona isihlobo sakhe, kumelwe kube ukuthi bashade ngokomthetho.—Math. 19:9; 1 Kor. 6:9, 10; 1 Thim. 3:2, 12; Heb. 13:4.
(5) Uyawulalela umthetho weBhayibheli owenqabela ukudakwa futhi azikho izidakamizwa okungezona ezokwelapha azisebenzisayo eziluthayo noma ezidunga ingqondo, ezemvelo noma ezokuzenzela.—2 Kor. 7:1; Efe. 5:18; 1 Pet. 4:3, 4.
(6) Uyakubona ukubaluleka kokugwema ukuzihlanganisa nabantu ababi.—1 Kor. 15:33.
(7) Usehlukene ngokuphelele nanoma yiziphi izinhlangano zenkolo yamanga okungenzeka ubeyilungu lazo. Useyekile ukuya ezinkonzweni zazo nokuba nengxenye emisebenzini yazo noma ukuzisekela.—2 Kor. 6:14-18; IsAm. 18:4.
(8) Akazihlanganisi nganoma iyiphi indlela nezindaba zezombusazwe zaleli zwe.—Joh. 6:15; 15:19; Jak. 1:27.
(9) Uyakukholelwa okushiwo u-Isaya 2:4 mayelana nezindaba zezizwe futhi uphila ngokuvumelana nakho.
(10) Ufuna ngempela ukuba omunye woFakazi BakaJehova.—IHu. 110:3.
9 Uma laba badala bengaqiniseki ukuthi ofundelwayo uzizwa kanjani nganoma iyiphi kulezi zinto, kufanele bambuze, mhlawumbe basebenzise imiBhalo ekhonjiwe njengesisekelo sengxoxo yabo. Kubalulekile ukuba aqonde ukuthi abantu abahlanganyela noFakazi BakaJehova emsebenzini wabo wokushumayela kumelwe baphile ngokuvumelana nalezi zimfuneko ezingokomBhalo. Akushoyo kuyosiza abadala babone ukuthi uyakwazi yini okulindeleke kuye nokuthi uyafaneleka yini ngezinga elifanele ukuba aqale ukuya enkonzweni yasensimini.
10 Abadala kufanele bamazise ngokushesha ofundelwayo ukuthi uyafaneleka yini. Ezimweni eziningi lokhu bangakwenza lapho bephetha ingxoxo yabo naye. Uma efaneleka, abadala bangabe sebemamukela ngokufudumele njengommemezeli omusha. (Roma 15:7) Kufanele akhuthazwe ukuba aqale ukuya enkonzweni yasensimini ngokushesha ngangokunokwenzeka nokuba afake umbiko wakhe wenkonzo yasensimini ekupheleni kwenyanga. Abadala bangachaza ukuthi lapho umuntu ofundelwayo efanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe futhi ebika inkonzo yakhe yasensimini okokuqala, wenzelwa i-Rekhodi Lommemezeli Lebandla elinegama lakhe bese lifakwa efayelini lebandla. Abadala bathatha le mininingwane kummemezeli ukuze inhlangano ikwazi ukunakekela imisebenzi yoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke futhi ummemezeli akwazi ukuba nengxenye emisebenzini engokomoya, athole nokusekelwa okungokomoya. Ngaphezu kwalokho, abadala bangakhumbuza abamemezeli abasha ukuthi noma iyiphi imininingwane yabo isetshenziswa ngokuvumelana ne-Global Data Protection Policy yoFakazi BakaJehova etholakala ku-jw.org.
11 Ukujwayelana nommemezeli omusha nokuba nesifiso sokwazi lokho asekufezile kungaba nethonya elihle kuye. Kungamshukumisela ukuba afake umbiko wakhe wenkonzo yasensimini njalo futhi enze imizamo emikhulu nakakhulu ekukhonzeni uJehova.—Fil. 2:4; Heb. 13:2.
12 Lapho abadala sebenqumile ukuthi umuntu ofundelwayo uyakufanelekela ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini, usuke esefanelekela ukuthola ikhophi yakhe yencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova. Ngemva kokubika inkonzo yasensimini okokuqala, kuyokwenziwa isaziso esifushane ebandleni sokuthi usengummemezeli omusha ongabhapathiziwe.
UKUSIZA IZINGANE
13 Izingane nazo zingase zikufanelekele ukuba abamemezeli bezindaba ezinhle. UJesu wazamukela izingane futhi wazibusisa. (Math. 19:13-15; 21:15, 16) Nakuba ngokuyinhloko kungabazali abanomthwalo wemfanelo ngezingane zabo, abanye ebandleni bangase babe nesifiso sokusiza lezo ezishukunyiswa inhliziyo ukuba zihlanganyele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Uma ungumzali, isibonelo sakho esihle enkonzweni yasensimini siyokwenza lukhulu ekukhuthazeni izingane zakho ukuba zishiseke enkonzweni yazo kuNkulunkulu. Uma ingane eyisibonelo ngokuziphatha okuhle ishukunyiswa inhliziyo ukuba ixoxele abanye ngokholo lwayo, ingasizwa kanjani ngokuqhubekayo?
14 Kuyofaneleka ukuba umzali aye komunye wabadala abaseKomitini Yenkonzo Yebandla baxoxe ngokuthi ingane yakhe iyakufanelekela yini ukuba ummemezeli. Umxhumanisi wendikimba yabadala uyohlela ukuba abadala ababili (omunye wabo kube ilungu lekomiti yenkonzo) babonane nengane nabazali (noma umzali) bayo abangoFakazi noma umbheki wayo. Uma ingane inalo ulwazi oluyisisekelo lwamaqiniso eBhayibheli futhi ibonisa ukuthi iyafuna ukuhlanganyela enkonzweni, kuyosho ukuthi seyenze intuthuko enhle. Ngemva kokucabangela lezi zici kanye nezinye ezifana nalezo ezisebenza kubantu abadala, laba badala ababili bangabe sebenquma ukuthi ingane ingabhekwa yini njengommemezeli ongabhapathiziwe. (Luka 6:45; Roma 10:10) Lapho kuxoxwa nengane encane, ngeke sibe khona isidingo sokuxoxa ngezinto okuvame ukuxoxwa ngazo nomuntu omdala okusobala ukuthi aziyithinti ingane.
15 Kuleyo ngxoxo, abadala kufanele bayincome ingane ngentuthuko yayo futhi bayikhuthaze ukuba izibekele umgomo wokubhapathizwa. Njengoba ngokungangabazeki abazali beye basebenza kanzima ukuze bagxilise iqiniso enganeni yabo, nabo kufanele banconywe. Ukuze abadala basize abazali baqhubeke besiza ingane yabo, kufanele bababonise ingxenye ethi, “Umyalezo Oya Kubazali AbangamaKristu” esemakhasini 179-181.
UKUZINIKEZELA NOBHAPATHIZO
16 Uma usumazi futhi usumthanda uJehova ngokuhlangabezana nezimfuneko zaphezulu nangokuhlanganyela enkonzweni yasensimini, kudingeka uqinise ubuhlobo bakho naye. Kanjani? Ngokunikezela ukuphila kwakho kuye bese lokhu ukubonisa ngokubhapathizwa emanzini.—Math. 28:19, 20.
17 Ukuzinikezela kusho ukuzihlukanisela injongo engcwele. Ukuzinikezela kuNkulunkulu kusho ukuya kuye ngomthandazo umthembise ngobuqotho ukuthi uzophilela ukumkhonza nokuhamba ezindleleni zakhe. Kusho ukuzinikela kuye yedwa kuze kube phakade. (Dut. 5:9) Lokhu uzenzela kona uwedwa ngasese. Akukho muntu ongakwenzela kona.
18 Kodwa kumelwe wenze okungaphezu kokutshela uJehova ngasese ukuthi ufuna ukuba ngowakhe. Kudingeka ubonise nabanye ukuthi usuzinikezele kuNkulunkulu. Ubabonisa ngokubhapathizwa emanzini njengoba kwenza uJesu. (1 Pet. 2:21; 3:21) Uma usunqumile ukukhonza uJehova futhi ufuna ukubhapathizwa, yini okufanele uyenze? Kufanele wazise umxhumanisi wendikimba yabadala ngesifiso sakho. Yena uzohlela ukuba abadala abambalwa baxoxe nawe ukuze baqiniseke ukuthi uyahlangabezana nezimfuneko zaphezulu zokubhapathizwa. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, sicela ubukeze ingxenye ethi, “Umyalezo Oya Kummemezeli Ongabhapathiziwe,” esemakhasini 182-184 ale ncwadi, nengxenye ethi, “Imibuzo Yalabo Abafisa Ukubhapathizwa,” esemakhasini 185-207.
UKUBIKA INTUTHUKO YENKONZO
19 Kuyo yonke le minyaka, imibiko emayelana nokwanda kokukhulekela okumsulwa emhlabeni wonke ibilokhu iyisikhuthazo kubantu bakaJehova. Kusukela mhla uJesu Kristu etshela abafundi bakhe okokuqala ukuthi izindaba ezinhle ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke, amaKristu eqiniso abelokhu enesifiso esijulile sokubona ukuthi kuyofezeka kanjani lokhu.—Math. 28:19, 20; Marku 13:10; IzE. 1:8.
20 Abalandeli bakaJesu bokuqala babekujabulela ukulalela imibiko ephathelene nempumelelo yomsebenzi wokushumayela. (Marku 6:30) Incwadi yeBhayibheli yezEnzo isitshela ukuthi kwakunabantu cishe abangu-120 ngesikhathi kuthululwa umoya ongcwele kubafundi ngePhentekoste lika-33 C.E. Ngokushesha inani labafundi landa laba ngu-3 000, kamuva laba ngu-5 000. Kwabikwa ukuthi “uJehova waqhubeka enezela kubo nsuku zonke abasindiswayo” nokuthi “isixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.” (IzE. 1:15; 2:5-11, 41, 47; 4:4; 6:7) Yeka isikhuthazo esihle ezaba yiso kubafundi lezi zindaba zokwanda! Yeka indlela le mibiko ejabulisayo okumelwe ukuba yabafaka ugqozi ngayo ukuba baqhubekele phambili nomsebenzi wabo abawuthunywe uNkulunkulu, naphezu koshushiso olubuhlungu olwalugqugquzelwa abaholi benkolo bamaJuda!
21 Cishe ngo-60-61 C.E., uPawulu wabika encwadini ayibhalela abaseKolose ukuthi izindaba ezinhle ‘zazithela izithelo futhi zanda ezweni lonke’ nokuthi zase ‘zishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’ (Kol. 1:5, 6, 23) AmaKristu okuqala ayelilalela iZwi futhi umoya ongcwele wawanika amandla okwenza umsebenzi omkhulu wokushumayela ngaphambi kokuphela kwesimiso sezinto samaJuda ngo-70 C.E. Yeka indlela okwawakhuthaza ngayo lawo maKristu athembekile ukuzwa imibiko yokwakwenziwa!
Ingabe wena uyakukhathalela ukubona ukuthi inkonzo iyafezwa ngaphambi kokufika kokuphela?
22 Ngendlela efanayo, inhlangano kaJehova yanamuhla izama ukugcina umbiko womsebenzi owenziwayo ekugcwalisekeni kukaMathewu 24:14, othi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” Njengezinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele, sinomsebenzi ophuthumayo okumelwe siwenze. Umuntu nomuntu kumelwe akhathelele ukubona ukuthi inkonzo ifezwa ngokugcwele ngaphambi kokufika kokuphela. UJehova uyoqinisekisa ukuthi lo msebenzi uyaphothulwa, futhi uma sihlanganyela kuwo, uJehova uyosamukela.—Hez. 3:18-21.
UMBIKO WAKHO WENKONZO YASENSIMINI
23 Yini okumelwe siyibike ngempela? Ifomu lo-Mbiko Wenkonzo Yasensimini elikhishwa inhlangano liyakubonisa lokho okufanele kubikwe. Noma kunjalo, mhlawumbe angaba usizo la maphuzu alandelayo.
24 Esikhaleni esithi “Izinto Engizihambisile (Ezinyathelisiwe Neziqoshiwe),” bika ingqikithi yezincwadi—ezinyathelisiwe noma eziqoshiwe—ozinikeze abantu abangebona oFakazi ababhapathiziwe. Esikhaleni esithi “Inani Lezikhathi Engibukise Ngazo Ama-video,” bhala izikhathi obukise ngazo ama-video ethu.
25 Lapho ubika “Izimpindelo,” bhala ingqikithi yezimpindelo ozenze ngenjongo yokuthuthukisa isifiso sokwazi iqiniso somuntu ongeyena uFakazi ozinikezele futhi wabhapathizwa. Impindelo ingenziwa ngokuvakashela umuntu ngokoqobo, ngokumbhalela incwadi, ukumshayela ucingo, ukumthumelela umyalezo ngomakhalekhukhwini noma nge-e-mail, noma ngokumhambisela izincwadi ezithile. Isikhathi ngasinye okuqhutshwe ngaso isifundo seBhayibheli sasekhaya kufanele kubalwe impindelo. Umzali angabala impindelo eyodwa isonto ngalinye lapho ehola ekukhulekeleni komkhaya uma kunengane engabhapathiziwe.
26 Nakuba isifundo seBhayibheli sivame ukuqhutshwa njalo ngesonto, sibikwa njengesifundo esisodwa inyanga ngayinye. Abamemezeli kufanele babhale ingqikithi yezifundo zeBhayibheli ezihlukahlukene abaziqhube phakathi nenyanga. Izifundo zeBhayibheli ezibikwayo zingase zihlanganise lezo eziqhutshelwa abantu abangebona oFakazi abazinikezele futhi babhapathizwa. Ungasibala nesifundo seBhayibheli osiqhubela umzalwane noma udade opholile uqondiswa ilungu lekomiti yenkonzo, noma isifundo osiqhubela umuntu osanda kubhapathizwa ongakayiqedi incwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli? noma ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu.”
27 Kubalulekile ukufaka umbiko onembile ‘wamaHora.’ Lesi yisikhathi osichitha usenkonzweni yendlu ngendlu, wenza izimpindelo, uqhuba izifundo zeBhayibheli, noma ushumayela ngendlela ehleliwe noma ngokwethukela, kubantu abangebona oFakazi abazinikezele futhi babhapathizwa. Uma abamemezeli ababili besebenza ndawonye, bobabili bangasibala isikhathi, kodwa munye kuphela umuntu okufanele abale izimpindelo ezenziwayo noma izifundo zeBhayibheli eziqhutshwayo. Bobabili abazali abafundisa izingane zabo ngobusuku bokuKhulekela Komkhaya bangasibala isikhathi esingangehora elilodwa ngesonto. Abazalwane bangasibala isikhathi ababeka ngaso inkulumo yeningi. Umzalwane otolika inkulumo yeningi naye angasibala leso sikhathi. Kunezinto ezibalulekile esingabalwa neze isikhathi sazo, njengokulungiselela ukuya enkonzweni yasensimini, ukuba semihlanganweni yenkonzo, ukwenza izinto ezithile ezingahlangene nenkonzo yasensimini, nokunye.
28 Ummemezeli ngamunye kumelwe alandele unembeza wakhe oqeqeshwe yiBhayibheli lapho enquma ngosizo lomthandazo ukuthi yisiphi isikhathi angasibala njengesikhathi asishumayelile. Abanye abamemezeli bashumayela ezindaweni ezinabantu abaningi kakhulu, kanti abanye bashumayela ezindaweni ezinabantu abambalwa futhi kudingeka bahambe amabanga amade. Amasimu ayehluka; nabamemezeli bayehluka endleleni ababheka ngayo inkonzo yabo. INdikimba Ebusayo ayiwona unembeza webandla lomhlaba wonke ngokuqondene nendlela okumelwe kubalwe ngayo isikhathi esichithwe enkonzweni yasensimini, engekho futhi nomisiwe ukuba ahlulele kule ndaba.—Math. 6:1; 7:1; 1 Thim. 1:5.
29 Isikhathi esichithwe enkonzweni yasensimini kufanele sibikwe ngamahora agcwele. Kodwa uma ummemezeli ebuthaka kakhulu ngenxa yokukhula, uma evaleleke endlini, ehlala ekhaya lasebekhulile, noma ekhubazekile ngandlela thile, uyocatshangelwa. Ummemezeli onjalo angabika inkonzo yakhe yasensimini ngamaqoqo emizuzu engu-15. Ngisho noma efakaze imizuzu engu-15 kuphela ngenyanga, kufanele asibike lesi sikhathi. Uyobalwa njengommemezeli woMbuso ophuma njalo. Leli lungiselelo liyasebenza nakummemezeli obambeke okwesikhashana, mhlawumbe engakwazi ukunyakaza inyanga yonke noma ngaphezulu ngenxa yokugula okubi noma ukulimala. Leli lungiselelo lenzelwe kuphela labo ababuthaka kakhulu. Yikomiti yenkonzo eyonquma ukuthi ummemezeli othile uyalifanelekela yini leli lungiselelo.
I-REKHODI LOMMEMEZELI LEBANDLA
30 Umbiko wakho wenkonzo yasensimini wenyanga ngayinye ufakwa e-Rekhodini Lommemezeli Lebandla. La marekhodi awebandla. Uma uhlela ukuthuthela kwelinye ibandla, qiniseka ukuthi uyababikela abadala. Unobhala uzoqinisekisa ukuthi amarekhodi akho azothunyelwa ebandleni othuthela kulo. Ngaleyo ndlela, abadala bayoba sesimweni esikahle sokukwamukela futhi bakusekele ngokomoya. Uma ungekho ebandleni lakini isikhathi esingaphansi kwezinyanga ezintathu, siza uqhubeke uyithumela ebandleni lakini imibiko yakho yenkonzo yasensimini.
ISIZATHU SOKUBIKA INKONZO YETHU YASENSIMINI
31 Ingabe ngezinye izikhathi uyakhohlwa ukufaka umbiko wakho wenkonzo yasensimini? Akungabazeki ukuthi sonke kuyadingeka sidamane sikhunjuzwa. Kodwa uma sihlakulela isimo sengqondo esihle ngokubika inkonzo yethu yasensimini futhi siqonda ukuthi kungani ukuyibika kubalulekile, kungase kube lula ukukhumbula ukufaka umbiko wenkonzo yethu.
32 Abanye baye babuza: “Njengoba uJehova ekwazi engikwenzayo enkonzweni yakhe, kungani kudingeka ngifake umbiko ebandleni?” Yiqiniso, uJehova uyakwazi esikwenzayo, futhi uyazi ukuthi inkonzo yethu eyomphefumulo wonke yini noma imane nje ingeyokugcina icala, ayikona lokho esingakwenza ngempela. Kodwa-ke khumbula ukuthi noJehova waligcina inani lezinsuku uNowa azichitha esemkhunjini nenani leminyaka ama-Israyeli ayihamba ehlane. Wagcina inani lababethembekile nelalabo abangamlalelanga. Wagcina umlando wokunqotshwa kwezwe laseKhanani nemisebenzi eyayifezwe abahluleli abathembekile bakwa-Israyeli. Yebo, wagcina imininingwane eminingi ephathelene nezinto ezazenziwa izinceku zakhe. Uyena owaphefumulela lo mlando olotshiwe walokho okwenzeka, esicacisela umbono wakhe ngokugcinwa kwamarekhodi anembile.
33 Izenzakalo ezingokomlando ezilotshwe eBhayibhelini zibonisa ukunemba kwemibiko namarekhodi ayegcinwa abantu bakaJehova. Ezimweni eziningi, sasingeke siwuthole umqondo ophelele wezindaba zeBhayibheli ngaphandle kokubikwa kwamanani athile. Ake ubheke lezi zibonelo: Genesise 46:27; Eksodusi 12:37; AbaHluleli 7:7; 2 AmaKhosi 19:35; 2 IziKronike 14:9-13; Johane 6:10; 21:11; IzEnzo 2:41; 19:19.
34 Nakuba imibiko yethu ingahlanganisi konke esikwenzayo ekukhulekeleni uJehova, ifeza injongo ewusizo enhlanganweni kaJehova. Ekhulwini lokuqala, ngesikhathi abaphostoli bebuya emkhankasweni wokushumayela, babikela uJesu “zonke izinto ababezenzile nababezifundisile.” (Marku 6:30) Ngezinye izikhathi imibiko ingase ibonise ukuthi kunezici zenkonzo yethu okudingeka sizinake ngokukhethekile. Amanani angase abonise ukuthi nakuba kube khona intuthuko ezicini ezithile, kube khona ukwehla kwezithile, njengenani labamemezeli. Kungase kube ukuthi kudingeka isikhuthazo noma kunezinkinga okudingeka zixazululwe. Ababonisi abanomthwalo wemfanelo bayoyinaka imibiko bese belwela ukulungisa noma yisiphi isimo okungenzeka sithiya intuthuko yomuntu ngamunye noma yebandla lilonke.
35 Imibiko iwusizo nasenhlanganweni ukuze ibone kahle ukuthi kukuphi ngempela lapho kunesidingo esikhulu sezisebenzi ensimini. Yiziphi izindawo ezikhiqiza kakhulu? Kukuphi lapho kunentuthuko encane khona? Yiziphi izincwadi ezidingekayo ukuze kusizwe abantu bafunde iqiniso? Imibiko yenza inhlangano ikwazi ukubona ukuthi zingaba ngakanani izincwadi ezidingekayo emsebenzini wokushumayela ezindaweni ezihlukahlukene emhlabeni, bese ihlala ihlomile.
36 Imibiko iyabakhuthaza abaningi bethu. Asithokozi yini lapho sizwa ngomsebenzi owenziwa abafowethu ekushumayeleni izindaba ezinhle emhlabeni? Imibiko yokwanda iyasisiza sibe nombono ophelele wokwanda kwenhlangano kaJehova. Lokho abanye abahlangabezana nakho kuyasijabulisa kusifake umfutho, kusishukumisele ekuhlanganyeleni ngokugcwele emsebenzini wokushumayela. (IzE. 15:3) Ukubambisana kwethu nebandla ekufakeni imibiko yenkonzo yasensimini kubalulekile futhi kubonisa ukuthi siyabakhathalela abafowethu kuyo yonke indawo. Ngalesi senzo esincane, sibonisa ukuzithoba kwethu elungiselelweni lenhlangano kaJehova.—Luka 16:10; Heb. 13:17.
UKUZIBEKELA IMIGOMO
37 Asikho isizathu sokuqhathanisa inkonzo yethu yasensimini neyomunye umuntu. (Gal. 5:26; 6:4) Izimo zomuntu ngamunye zihlukile kwezabanye. Ngakolunye uhlangothi, kungasisiza kakhulu ukuzibekela imigomo efinyelelekayo ezoba isisekelo esingakala ngaso intuthuko yethu enkonzweni. Ukuyifinyelela kungasinika ukwaneliseka okubangelwa ukuthi kukhona esikufezile.
38 Kusobala ukuthi ngempela uJehova usheshisa ukuqoqwa kwalabo ayobavikela badlule “osizini olukhulu.” Siphila esikhathini sokugcwaliseka kwesiprofetho sika-Isaya, esithi: “Omncane uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.” (IsAm. 7:9, 14; Isaya 60:22) Yeka ilungelo okuyilo ukuba yizikhonzi zezindaba ezinhle kulezi zinsuku zokugcina eziyingqopha-mlando!—Math. 24:14.