Imifanekiso Evela EZweni Lesithembiso
Ingabe Uyofunda Ezinkathini Zonyaka?
UJEHOVA wake wathi: ‘Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, ihlobo nobusika akuyikunqamuka.’ (Genesise 8:22) Kanjalo, wagcizelela izinkathi zokulima.
Yini oyaziyo ngezinkathi zonyaka nokuhlobana kwazo nokulima? Ngisho noma ngabe uhlala edolobheni noma awulimi, kumelwe ufunde ezinkathini zonyaka nasemisebenzini kaIsrayeli yokulima. Ngani? Ngoba lapho wazi kangcono ngazo, yilapho uyoliqonda kangcono iZwi likaNkulunkulu.
Abalimi balima umhlabathi, batshale imbewu, bese bevuna futhi babhule izitshalo zabo. Kodwa ukuze sikuqonde ngokucace ngokwengeziwe lokho iBhayibheli elikushoyo kufanele sazi okwengeziwe, kuhlanganise nokuthi yayenzeka nini imisebenzi enjalo. Thatha njengesibonelo ukulima, njengoba sibona kwenziwa ngenhla endaweni esazitebhisi leyo eyayiyiJudiya lasendulo.a Ucabanga ukuthi lesithombe sathathwa ngayiphi inyanga? Ukwazi ukuthi kulinywa nini ezweni lakini kungakudukisa. Isikhathi sokulima saseNyakatho Nkabazwe asifani nesaseNingizimu Nkabazwe; siyahluka futhi emazingeni okuphakama ahlukahlukene nangesikhathi senkathi yemvula.
Lokhu kungayithinta indlela obheka ngayo izenzakalo zeBhayibheli. Ungafunda ngokukhetha kukaEliya umuntu owayezomlandela esikhundleni: “Wamfumana uElisha indodana kaShafathi; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe.” (1 AmaKhosi 19:19) Ucabanga ukuthi lokho kwenzeka ngayiphi inyanga, futhi izwe lalibukeka kanjani? Futhi kuJohane 4:35, uJesu wathi: “Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? . . . Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa.” Nakuba asisho isikhathi, ingabe uyaqonda ukuthi sasinini?
Ishadi linikeza isifushaniso esihle senkathi kanye nemisebenzi yokulima eZweni Lesithembiso. Isiyingelezi esingaphandle sinikeza izinyanga zekhalenda elingcwele lamaJuda.b Uma uqhathanisa lezinyanga nezekhalenda lethu, uphawula ukungahambisani, njengoNisan (noma, uAbib) oqala ekupheleni kukaMarch aphele ekuqaleni kuka-April. Ingxenye elandelayo ukuya phakathi nendawo ibonisa ukuthi izitshalo zivuthwa nini, okukusizayo ukuba ubone ukuthi imisebenzi ethile yokulima, enjengokuvuna nokubhula, yayenzeka nini. Iphakathi nendawo leshadi liyakusiza ukuba uqhathanise ukushintsha kwesimo sezulu phakathi nonyaka.
Sebenzisa ishadi ukuze ujulise ukuqonda nokukwazisa kwakho ukulandisa kweBhayibheli, njengalezibonelo ezimbili esezishiwo kakade.
UElisha wayenengxenye emsebenzini omkhulu wokulima lapho ebizwa njengomprofethi. Lokho ngokunokwenzeka kwenza isikhathi sibe uTishri (September-October), lapho ukushisa okukhulu kwehlobo kwase kudlulile. Izimvula zokuqala zase ziqalile ukuthambisa inhlabathi, zenza kube nokwenzeka ukulima, bese kutshalwa.
UJesu wawasho nini amazwi akuJohane 4:35? Kwakusasele izinyanga ezine. Phawula ukuthi ukuvunwa kwebhali kuqala ngoNisan (March-April), cishe ngesikhathi sePhasika. Bala izinyanga ezine uye emuva. Lokho kukuletha kuChislev (November-December). Izimvula zazanda, kusondela izimvula ezinamandla nesimo sezulu esibandayo. Ngakho uJesu ngokucacile wayesho ukuvuna okungokomfanekiso lapho ethi: “Phakamisani amehlo enu nibone ukuthi amasimu asemhlophe aselungele ukuvunwa.”
Okulandelayo kungeminye imibuzo yesifundo sakho siqu noma yokusetshenziswa esifundweni esijabulisayo nomkhaya wakho:
▪ Ukuvunwa kwefulakisi kulo lonke elaseJeriko kwakungenyanga kaAdar; ngakho-ke imininingwane ekuJoshuwa 2:6 no-3:15 ikuqinisekisa kanjani ukushaya emhloleni kweBhayibheli?—Joshuwa 4:19; 5:11.
▪ Ukubhula kwalandela ukuvunwa kokusanhlamvu, khona-ke isithembiso esikuLevitikusi 26:5 sikufanekisela kanjani ukuchuma okukhulu?
▪ Eyesi-2 Samuweli 21:10 ikusikisela kanjani ukuthi kungenzeka ukuthi uRispa wawalinda isikhathi eside amadodana akhe amabili ayevunyelwe ukuba abulawe ukuze kususwe icala legazi kubantu bakaNkulunkulu?
▪ Kungani ukuduma nemvula okushiwo kweyoku-1 Samuweli 12:17 kwathathwa njengokusabela kwaphezulu?—IzAga 26:1.
▪ Yisiphi isizathu uRuthe ayenaso sokuphetha ngokuthi indlela uBowazi amphatha ngayo yayingesikho nje ukusabela kwesikhashana?—Ruthe 1:22; 2:23.
Kungani ungagcini lelishadi eduze lapho ufunda iBhayibheli?
CHISLEV NISAN
25 Umkhosi Wokwahlukaniselwa 14 IPhasika
15-21 Isinkwa Esingenamvubelo
16 Ukunikelwa kolibo lwezithelo
IYYAR ADAR
14 IPhasika lesibili 14, 15 Phurimi
SIVAN TISHRI
6 Umkhosi Wamasonto 1 Ukukhala Kwecilongo
(iPentekoste) 10 Usuku Lokubuyisana
15-21 Umkhosi Wamadokodo
22 Umhlangano Ozothileyo
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka futhi IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1990.
b Inyanga eyengeziwe noma eyenezelwe (uVeadar) yayijotshelelwa izikhathi eziyisikhombisa phakathi nesiyingi seminyaka engu-19.
[Umdwebo/Izithombe ekhasini 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
NISAN (ABIB)
March-April
IBali
IYYAR (ZIV)
April-May
Ukolweni
SIVAN
May-June
Amakhiwane Okuqala
TAMMUZ
June-July
ULibo Lwamagilebhisi
AB
July-August
Izithelo Zasehlobo
ELUL
August-September
Amasundu, Amagilebhisi, Amakhiwane
TISHRI (ETHANIM)
September-October
Ukulima
HESHVAN (BUL)
October-November
Iminqumo
CHISLEV
November-December
Ukunakekelwa Kwemihlambi Ebusika
TEBETH
December-January
Ukukhula Kohlaza
SHEBAT
January-February
Ukuqhakaza Komalimondi
ADAR
February-March
Izithelo Ezinompe
VEADAR
March
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 17]
Garo Nalbandian
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.