Imikhosi Eyingqopha-mlando Yakwa-Israyeli
“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha . . . , bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho.”—DUTERONOMI 16:16.
1. Yini engashiwo ngezikhathi zemikhosi zangezikhathi zeBhayibheli?
YINI efika engqondweni uma ucabanga ngomkhosi? Endulo eminye imikhosi yayigcwala ukuzitika ngokweqile nokuziphatha okubi. Injalo neminye imikhosi yanamuhla. Kodwa imikhosi eyayihlelelwe u-Israyeli eMthethweni kaNkulunkulu yayihlukile. Nakuba yayiyizikhathi zenjabulo, yayingase ichazwe nangokuthi “imihlangano engcwele.”—Levitikusi 23:2.
2. (a) Yini abesilisa bakwa-Israyeli okwakudingeka bayenze kathathu ngonyaka? (b) Uyini ‘umkhosi,’ ngokwendlela leli gama elisetshenziswe ngayo kuDuteronomi 16:16?
2 Amadoda akwa-Israyeli akholekile—ngokuvamile ehamba nemikhaya yawo—ayethola injabulo eqabulayo ngokuthatha uhambo oluya eJerusalema, ‘indawo uJehova ayikhetha,’ futhi ayenikela ngesandla esivulekile emikhosini emikhulu emithathu. (Duteronomi 16:16) Incwadi ethi Old Testament Word Studies ithi igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi ‘umkhosi’ kuDuteronomi 16:16 lisho “isikhathi senjabulo enkulu . . . okwakwenziwa ngaso imihlatshelo namadili kugujwa okunye kokubonakaliswa okungavamile komusa kaNkulunkulu.”a
Ukubaluleka Kwemikhosi Emikhulu
3. Yiziphi izibusiso imikhosi emithathu yaminyaka yonke eyayenza zikhunjulwe?
3 Njengoba ayewumphakathi olimayo, ama-Israyeli ayencike esibusisweni sikaNkulunkulu semvula. Imikhosi emikhulu emithathu eseMthethweni KaMose yayiqondana nokuqoqwa kwesivuno sebhali ekuqaleni kwentwasahlobo, isivuno sikakolweni ekupheleni kwentwasahlobo, naso sonke esinye isivuno ekupheleni kwehlobo. Lezi kwakuyizikhathi zenjabulo enkulu nokubonga uMsekeli womjikelezo wemvula noMenzi wezwe elikhiqizayo. Kodwa le mikhosi yayihilela okungaphezulu kakhulu kwalokho.—Duteronomi 11:11-14.
4. Yisiphi isenzakalo esingokomlando esasigujwa ngomkhosi wokuqala?
4 Umkhosi wokuqala wawuba ngenyanga yokuqala yekhalenda leBhayibheli lasendulo, kusukela ngo-Nisan 15 kuya ku-21, kithi okuqondana nokuphela kuka-March noma ukuqala kuka-April. Wawubizwa ngokuthi uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, futhi ngenxa yokuthi wawuba ngemva nje kwePhasika lika-Nisan 14, wawubizwa nangokuthi ‘umkhosi wephasika.’ (Luka 2:41; Levitikusi 23:5, 6) Lo mkhosi wawukhumbuza ama-Israyeli ngokukhululwa kwawo ekuhluphekeni kwaseGibithe, njengoba isinkwa esingenamvubelo sasibizwa ngokuthi “isinkwa senhlupheko.” (Duteronomi 16:3) Wawuwakhumbuza ukuthi ukubaleka kwawo eGibithe kwaba okuphuthuma kangangokuthi akubanga nasikhathi sokufaka ngisho nemvubelo enhlameni yawo futhi ayilinde ikhukhumale. (Eksodusi 12:34) Phakathi nalo mkhosi kwakungamelwe kutholakale sinkwa esinemvubelo ekhaya lomIsrayeli. Noma ubani ogubha lo mkhosi, kuhlanganise nomfokazi, owayedla isinkwa esinemvubelo kwakumelwe ajeziswe ngokufa.—Eksodusi 12:19.
5. Yiliphi ilungelo okungenzeka lalikhunjulwa emkhosini wesibili, futhi obani ababehlanganisiwe ekujabuleni?
5 Umkhosi wesibili wawenziwa emasontweni angu-7 (ezinsukwini ezingu-49) ngemva kuka-Nisan 16 futhi wawuwela osukwini lwesithupha lwenyanga yesithathu, u-Sivan, kithi oluqondana nokuphela kuka-May. (Levitikusi 23:15, 16) Wawubizwa ngokuthi uMkhosi Wamasonto (ngezinsuku zikaJesu wawubizwa nangokuthi iPhentekoste, okusho ukuthi “Okwamashumi Amahlanu” ngesiGreki), futhi wawenziwa sekusondele isikhathi sonyaka esifanayo naleso u-Israyeli angena ngaso esivumelwaneni soMthetho eNtabeni YaseSinayi. (Eksodusi 19:1, 2) Phakathi nalo mkhosi ama-Israyeli akholekile kungenzeka ayezindla ngelungelo lawo lokuhlukaniselwa ukuba isizwe sikaNkulunkulu esingcwele. Ukuba kwawo isizwe sikaNkulunkulu esikhethekile kwakudinga ukuba alalele uMthetho kaNkulunkulu, njengomyalo wokunakekela ngothando abahluphekile ukuze nabo bakwazi ukujabulela lo mkhosi.—Levitikusi 23:22; Duteronomi 16:10-12.
6. Umkhosi wesithathu wawubakhumbuza siphi isenzakalo abantu bakaNkulunkulu?
6 Owokugcina kule mikhosi emikhulu emithathu yaminyaka yonke wawubizwa ngokuthi uMkhosi Wokuvuna, noma uMkhosi Wamadokodo. Wawuba ngenyanga yesikhombisa, u-Tishri, noma u-Ethanim, kusukela ngomhla ka-15 kuya ku-21, kithi okuqondana nokuqala kuka-October. (Levitikusi 23:34) Phakathi nalesi sikhathi, abantu bakaNkulunkulu babehlala ngaphandle kwezindlu zabo noma ophahleni lwazo ezindlwaneni zesikhashana (amadokodo) ezakhiwe ngamahlahla. Lokhu kwakubakhumbuza ngohambo lwabo lweminyaka engu-40 besuka eGibithe beya eZweni Lesithembiso, lapho isizwe kwakudingeka sifunde ukuncika kuNkulunkulu ngezidingo zaso zansuku zonke.—Levitikusi 23:42, 43; Duteronomi 8:15, 16.
7. Sizuza kanjani ngokubukeza ukugujwa kwemikhosi yakwa-Israyeli wasendulo?
7 Ake sibukeze eminye yemikhosi eyaba ingqopha-mlando kubantu bakaNkulunkulu basendulo. Lokhu kufanele kusikhuthaze namuhla, njengoba nathi simenywa ukuba sibuthane ndawonye njalo isonto ngalinye nakathathu ngonyaka emihlanganweni emikhulu yezifunda neyezigodi.—Heberu 10:24, 25.
Ngesikhathi Samakhosi Ozalo LukaDavide
8. (a) Yikuphi ukugujwa komkhosi okwaqopha umlando ezinsukwini zeNkosi uSolomoni? (b) Yimuphi umvuthwandaba omkhulu woMkhosi Wamadokodo owafanekiselwa esingabheka phambili kuwo?
8 Umkhosi owaqopha umlando waba phakathi nokubusa okwakuchuma kweNkosi uSolomoni, indodana kaDavide, ngesikhathi soMkhosi Wamadokodo. “Ibandla elikhulu kakhulu” labuthana livela emaphethelweni eZwe Lesithembiso lizé eMkhosini Wamadokodo nasekunikezelweni kwethempeli. (2 IziKronike 7:8) Lapho usuphelile, iNkosi uSolomoni yamukisa ababeze kuwo, “bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula, bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe nakuIsrayeli abantu bakhe.” (1 AmaKhosi 8:66) Lona kwakuwumkhosi oyingqopha-mlando ngempela. Namuhla, izinceku zikaNkulunkulu zibheke phambili emvuthwandabeni omkhulu woMkhosi Wamadokodo owafanekiselwa wasekupheleni kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaSolomoni Omkhulu, uJesu Kristu. (IsAmbulo 20:3, 7-10, 14, 15) Ngaleso sikhathi, abantu abahlala kuwo wonke amagumbi omhlaba, kuhlanganise nabavusiwe nabasinde e-Armagedoni, bayoba munye ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu ngenjabulo.—Zakariya 14:16.
9-11. (a) Yini eyaholela emkhosini oyingqopha-mlando ezinsukwini zeNkosi uHezekiya? (b) Yisiphi isibonelo esabekwa abaningi basembusweni wasenyakatho wezizwana eziyishumi, futhi sisikhumbuzani namuhla?
9 Umkhosi ovelele olandelayo oshiwo eBhayibhelini waba ngemva kokubusa kwenkosi embi u-Ahazi, eyayisivale ithempeli futhi yaholela umbuso wakwaJuda ekuhlubukeni. Owalandela u-Ahazi kwaba inkosi enhle uHezekiya. Ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, eneminyaka engu-25 ubudala, uHezekiya waqala isimiso esibanzi sokuvuselela nokwenza izinguquko. Ngokushesha wavula ithempeli futhi wahlela ukuba lilungiswe. Le nkosi yabe isithumela izincwadi kuma-Israyeli ayesembusweni wezizwana eziyishumi ezinobutha zakwa-Israyeli enyakatho, iwamema ukuba eze azogubha iPhasika noMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo. Amaningi eza, naphezu kokuhlekwa usulu amanye akubo.—2 IziKronike 30:1, 10, 11, 18.
10 Ingabe lo mkhosi waba impumelelo? IBhayibheli liyabika: “Abantwana bakwaIsrayeli ababekhona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza okukhulu; amaLevi nabapristi bamdumisa uJehova imihla ngemihla ngezinto zokubethwa ezizwakalayo kuJehova.” (2 IziKronike 30:21) Yeka isibonelo esihle lawo ma-Israyeli asibekela abantu bakaNkulunkulu namuhla, abaningi babo abakhuthazelela ukuphikiswa futhi bahambe amabanga amade beya emihlanganweni emikhulu!
11 Ngokwesibonelo, cabanga ngeMihlangano Yesigodi emithathu ‘Yokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu’ eyaqhutshwa ePoland ngo-1989. Phakathi kwabangu-166 518 ababekhona kwakunamaqembu amakhulu ayevela ezweni elaliyiSoviet Union nakwamanye amazwe aseMpumalanga Yurophu lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe khona ngaleso sikhathi. Incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulub iyabika: “Abanye ababa khona kulemihlangano, kwakungokokuqala ngqá beba sembuthanweni wabantu bakaJehova abangaphezu kwabangu-15 noma abangu-20. Izinhliziyo zabo zagcwala ukwazisa njengoba babebuka amashumi ezinkulungwane ezinkundleni, ehlanganyela nabo emthandazweni, futhi ngobunye becula izingoma zokudumisa uJehova.”—Ikhasi 279.
12. Yini eyaholela emkhosini oyingqopha-mlando lapho kubusa iNkosi uJosiya?
12 Ngemva kokufa kukaHezekiya, abakwaJuda baphinde bawela ekukhulekeleni kwamanga ngaphansi kweNkosi uManase no-Amoni. Kwabe sekuqala ukubusa kwenye inkosi enhle, uJosiya omncane, eyathatha isinyathelo sokubuyisela ukukhulekela kweqiniso ngesibindi. Lapho eneminyaka engu-25 ubudala, uJosiya wayala ukuba kulungiswe ithempeli. (2 IziKronike 34:8) Lapho lisalungiswa, kwatholakala kuleli thempeli uMthetho owalotshwa uMose. INkosi uJosiya yashukunyiswa ngokujulile yilokho eyakufunda eMthethweni kaNkulunkulu, yayisihlela ukuba ufundelwe bonke abantu. (2 IziKronike 34:14, 30) Khona-ke, ngokuvumelana nalokho okwakulotshiwe, yahlela ukugujwa kwePhasika. Le nkosi yabeka nesibonelo esihle ngokunikela ngesandla esivulekile kulo mkhosi. Ngenxa yalokho, iBhayibheli liyabika: “Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwaIsrayeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi.”—2 IziKronike 35:7, 17, 18.
13. Ukugubha kukaHezekiya noJosiya imikhosi kusikhumbuzani namuhla?
13 Ukuvuselela okwenziwa uHezekiya noJosiya kwafuzisela ukubuyiselwa okumangalisayo kokukhulekela kweqiniso okuye kwenzeka phakathi kwamaKristu eqiniso kusukela uJesu Kristu abekwa esihlalweni sobukhosi ngo-1914. Njengoba kwakunjalo ikakhulu ngokuvuselela kukaJosiya, lokhu kubuyiselwa kwanamuhla kuye kwasekelwa kulokho okulotshwe eZwini likaNkulunkulu. Futhi, njengasezinsukwini zikaHezekiya nezikaJosiya, ukubuyiselwa kwanamuhla kuye kwaphawuleka ngemihlangano yezifunda neyezigodi lapho kuye kwaqokonyiswa khona izincazelo ezivusa amadlingozi zeziprofetho zeBhayibheli ngesikhathi esifanele nendlela izimiso zeBhayibheli ezisebenza ngayo. Okwenezela enjabulweni yalezi zikhathi zokufundiswa kuye kwaba inani elikhulu lababhapathizwayo. Njengama-Israyeli aphendukile ezinsukwini zikaHezekiya nezikaJosiya, abasanda kubhapathizwa baye bayifulathela imikhuba emibi yeLobukholwa nalo lonke izwe likaSathane. Ngo-1997 kwabhapathizwa abangaphezu kuka-375 000 bebonisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ongcwele, uJehova—isilinganiso sabangaphezu kwenkulungwane ngosuku.
Ngemva Kokuthunjwa
14. Yini eyaholela emkhosini oyingqopha-mlando ngo-537 B.C.E.?
14 Ngemva kokufa kukaJosiya, lesi sizwe saphinde saphendukela ekukhulekeleni kwamanga okonakalisayo. Ekugcineni, ngo-607 B.C.E., uJehova wabajezisa abantu bakhe ngokwenza amabutho aseBabiloni ahlasele iJerusalema. Lo muzi nethempeli lawo kwabhujiswa, futhi izwe lacekelwa phansi. Kwalandela iminyaka engu-70 yokuthunjelwa kwamaJuda eBabiloni. UNkulunkulu wabe esevuselela insali yamaJuda ephendukile, eyabuyela eZweni Lesithembiso iyobuyisela ukukhulekela kweqiniso. Yafika emzini waseJerusalema owawuyincithakalo ngenyanga yesikhombisa yonyaka ka-537 B.C.E. Into yokuqala eyayenza kwakuwukumisa i-altare ukuze inikele imihlatshelo yansuku zonke njalo njengoba kwakushiwo esivumelwaneni soMthetho. Lokho kwenzeka ngaphambi nje komunye umkhosi owaqopha umlando. Khona-ke “bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo.”—Ezra 3:1-4.
15. Yimuphi umsebenzi owawulindele insali ebuyiselwe ngo-537 B.C.E., futhi saba khona kanjani isimo esifanayo ngo-1919?
15 Laba bathunjwa abase bebuyile babelindelwe umsebenzi omkhulu—ukwakha kabusha ithempeli likaNkulunkulu neJerusalema nezindonga zalo. Omakhelwane abanomona baphikisa kakhulu. Lapho ithempeli lisakhiwa, ‘kwakuwusuku lwezinto ezincane.’ (Zakariya 4:10) Leso simo safuza isimo samaKristu agcotshiwe akholekile ngo-1919. Ngalowo nyaka ongenakulibaleka, akhululwa ekuthunjweni okungokomoya yiBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ayeyizinkulungwane ezimbalwa nje, ebhekene nezwe elinobutha. Ingabe izitha zikaNkulunkulu zaziyokwazi ukuvimbela ukuqhutshekiselwa phambili kokukhulekela kweqiniso? Impendulo yalowo mbuzo isikhumbuza ukugujwa kwemikhosi emibili yokugcina okulotshwe emiBhalweni YesiHeberu.
16. Yini eyayibalulekile ngomkhosi wango-515 B.C.E.?
16 Ithempeli lagcina lakhiwe kabusha ngenyanga ka-Adar ngo-515 B.C.E., ngaphambi nje komkhosi wasentwasahlobo wango-Nisan. IBhayibheli liyabika: “Bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yaseAsiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu kaIsrayeli.”—Ezra 6:22.
17, 18. (a) Yimuphi umkhosi oyingqopha-mlando owaba ngo-455 B.C.E.? (b) Sisesimweni esifanayo ngayiphi indlela namuhla?
17 Eminyakeni engu-60 kamuva, ngo-455 B.C.E., kwaba nenye ingqopha-mlando. Ngalowo nyaka uMkhosi Wamadokodo waphawula ukuqedwa kokwakhiwa kabusha kwezindonga zaseJerusalema. IBhayibheli liyabika: “Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa indodana kaNuni kuze kube yilolosuku abantwana bakwaIsrayeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.”—Nehemiya 8:17.
18 Yeka ukubuyiselwa okungenakulibaleka kokukhulekelwa kukaNkulunkulu kweqiniso naphezu kokuphikisa okunonya! Isimo siyafana nanamuhla. Naphezu kwamagagasi oshushiso nokuphikiswa, umsebenzi omkhulu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu uye wafinyelela emaphethelweni omhlaba, futhi imiyalezo yezahlulelo zikaNkulunkulu iye yamenyezelwa kuyo yonke indawo. (Mathewu 24:14) Ukubekwa uphawu kokugcina kwabaseleyo babagcotshiwe abangu-144 000 kuyasondela. Kuye kwaqoqwa kuzo zonke izizwe abangane babo ‘abangezinye izimvu’ abangaphezu kwezigidi ezinhlanu ukuze babe “mhlambi munye” nensali egcotshiwe. (Johane 10:16; IsAmbulo 7:3, 9, 10) Yeka ukugcwaliseka okumangalisayo komfanekiso ongokwesiprofetho woMkhosi Wamadokodo! Futhi lo msebenzi omkhulu wokuvuna uyoqhubeka kuze kube sezweni elisha lapho izinkulungwane zezigidi zabavusiwe ziyomenywa ukuba zihlanganyele ekugubheni uMkhosi Wamadokodo owafanekiselwa.—Zakariya 14:16-19.
Ekhulwini Lokuqala Leminyaka C.E.
19. Yini eyenza uMkhosi Wamadokodo wango-32 C.E. waba ovelele?
19 Eminye yemikhosi evelele kakhulu eyake yagujwa eyalotshwa eBhayibhelini ngokungangabazeki yileyo iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyayikhona kuyo. Ngokwesibonelo, cabanga ngokuba khona kukaJesu eMkhosini Wamadokodo (noma, Wamatabernakele) ngonyaka ka-32 C.E. Wasebenzisa leso sikhathi ukuze afundise amaqiniso abalulekile futhi wasekela ayekufundisa ngokucaphuna emiBhalweni YesiHeberu. (Johane 7:2, 14, 37-39) Isici esasivamile kulo mkhosi kwakuyinkambiso yokukhanyisa izimbaqa ezine ezinkulukazi egcekeni elingaphakathi lethempeli. Lokhu kwakunezela enjabulweni yezinto ezazenziwa kulo mkhosi kuze kube sebusuku. Ngokusobala, uJesu wayebhekisela kulezi zibani ezinkulukazi lapho ethi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe. Lowo ongilandelayo akasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyoba nokukhanya kokuphila.”—Johane 8:12.
20. Kungani iPhasika lango-33 C.E. laba elivelele?
20 Kwabe sekufika iPhasika noMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo kwangonyaka obalulekile ka-33 C.E. Ngalolo Suku LwePhasika, uJesu wabulawa izitha zakhe futhi waba iWundlu LePhasika elafanekiselwa, elafa ukuze lisuse “isono sezwe.” (Johane 1:29; 1 Korinte 5:7) Ezinsukwini ezintathu kamuva, ngo-Nisan 16, uNkulunkulu wavusa uJesu enomzimba womoya ongenakufa. Lokhu kwahambisana nokunikelwa kolibo lwesivuno sebhali njengoba kwakushiwo uMthetho. Ngaleyo ndlela, iNkosi evusiwe uJesu Kristu yaba “ulibo lwalabo abalele ekufeni.”—1 Korinte 15:20.
21. Kwenzekani ngePhentekoste lika-33 C.E.?
21 Umkhosi ovelele kakhulu kwaba iPhentekoste lika-33 C.E. Ngalolu suku kwakubuthene amaJuda namaproselithe amaningi eJerusalema, kuhlanganise nabafundi bakaJesu abangaba ngu-120. Phakathi nomkhosi, iNkosi evusiwe uJesu Kristu yathululela umoya ongcwele kaNkulunkulu phezu kwabangu-120. (IzEnzo 1:15; 2:1-4, 33) Ngaleyo ndlela bagcotshwa futhi baba isizwe sikaNkulunkulu esisha esikhethiwe ngesivumelwano esisha uJesu Kristu angumlamuleli waso. Phakathi nalowo mkhosi umpristi ophakeme wamaJuda wanikela kuNkulunkulu ngezinkwa ezimbili ezinemvubelo ezenziwe ngolibo lwesivuno sikakolweni. (Levitikusi 23:15-17) Lezi zinkwa ezinemvubelo zifanekisela abantu abangu-144 000 abangaphelele uJesu ‘abathengele uNkulunkulu’ ukuze babe “umbuso nabapristi . . . [babuse] njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3) Ukuthi laba babusi basezulwini bavela emikhakheni emibili yesintu esinesono, amaJuda nabeZizwe, kungenzeka nakho kufanekiselwa izinkwa ezimbili ezinemvubelo.
22. (a) Kungani amaKristu engayigubhi imikhosi yesivumelwano soMthetho? (b) Yini esizoyicabangela esihlokweni esilandelayo?
22 Lapho isivumelwano esisha siqala ukusebenza ngePhentekoste lika-33 C.E., kwasho ukuthi isivumelwano soMthetho esidala sasingasabalulekile emehlweni kaNkulunkulu. (2 Korinte 3:14; Heberu 9:15; 10:16) Lokho akusho ukuthi amaKristu agcotshiwe awanamthetho. Aba ngaphansi komthetho waphezulu owafundiswa nguJesu Kristu futhi olotshwe ezinhliziyweni zawo. (Galathiya 6:2) Ngakho-ke, njengoba le mikhosi emithathu yaminyaka yonke yayiyingxenye yesivumelwano soMthetho esidala, amaKristu awayigubhi. (Kolose 2:16, 17) Noma kunjalo, singafunda okuningi esimweni sengqondo sezinceku zikaNkulunkulu zangaphambi kobuKristu ngemikhosi yazo neminye imihlangano yokukhulekela. Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela izibonelo ngokungangabazeki eziyosishukumisa sonke ukuba siqaphele isidingo sokuba khona njalo emibuthanweni yobuKristu.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka ne-Insight on the Scriptures, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., Umqulu 1, ikhasi 820, uhlu 1, izigaba 1 no-3, ngaphansi kwesithi “Festival [Umkhosi]”
b Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Iyiphi injongo eyafezwa imikhosi yakwa-Israyeli emikhulu emithathu?
◻ Umkhosi wosuku lukaHezekiya nowolukaJosiya yaphawuleka ngani?
◻ Yimuphi umgubho oyingqopha-mlando owenziwa ngo-455 B.C.E., futhi kungani usikhuthaza?
◻ Yini eyayibalulekile ngePhasika nePhentekoste lika-33 C.E.?
[Ibhokisi ekhasini 12]
Isifundo Somkhosi Kithi Namuhla
Bonke abayozuza phakade emhlatshelweni kaJesu ohlawulela izono kumelwe baphile ngokuvumelana nalokho okufanekiselwa uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo. Lo mkhosi owafanekiselwa uwukuhalalisa kwamaKristu agcotshiwe ngenjabulo ngenxa yokukhululwa kwawo kuleli lizwe elibi nokukhululwa kwawo ngesihlengo sikaJesu ekulahlweni isono. (Galathiya 1:4; Kolose 1:13, 14) Umkhosi ongokoqobo wawuqhubeka izinsuku eziyisikhombisa—isibalo esisetshenziselwa ukufanekisela ukuphelela okungokomoya eBhayibhelini. Lo mkhosi owafanekiselwa uqhubeka phakathi naso sonke isikhathi lapho ibandla lamaKristu agcotshiwe lisesemhlabeni futhi kumelwe ugujwe “ngobuqotho nangeqiniso.” Lokho kusho ukuqaphela ngaso sonke isikhathi imvubelo engokomfanekiso. EBhayibhelini imvubelo isetshenziselwa ukufanekisela izimfundiso ezonakele, ubuzenzisi nobubi. Abakhulekeli bakaJehova beqiniso kumelwe babonise inzondo ngemvubelo enjalo, bangayivumeli ukuba yonakalise ukuphila kwabo futhi bangayivumeli ukuba yone ubumsulwa bebandla lobuKristu.—1 Korinte 5:6-8; Mathewu 16:6, 12.
[Isithombe ekhasini 9]
Isithungu sesivuno esisha sebhali sasinikelwa minyaka yonke ngo-Nisan 16, usuku uJesu avuswa ngalo
[Izithombe ekhasini 10]
UJesu kungenzeka wayebhekisela ezibanini zasemkhosini lapho ethi ‘uwukukhanya kwezwe’