Siza Abanye Balalele Lokho IBhayibheli Elikufundisayo
“Kepha leyo eyawela enhlabathini enhle, lena iyilabo okuthi, ngemva kokuzwa izwi ngenhliziyo enhle, baligcine futhi bathele izithelo ngokukhuthazela.”—LUKA 8:15.
1, 2. (a) Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? iklanyelwe yiphi injongo? (b) Eminyakeni yamuva, uJehova uye wayibusisa kanjani imizamo yabantu bakhe yokwenza abafundi?
“LE NCWADI ayive iyinhle. Abantu engibafundelayo bayayithanda. Nami ngiyayithanda. Ngale ncwadi uyakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli umi emnyango.” Sasho kanjalo isikhonzi esiyiphayona lesikhathi esigcwele esinguFakazi kaJehova ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a Ekhuluma ngayo le ncwadi, ummemezeli woMbuso osekhulile wathi: “Phakathi neminyaka engu-50 ngimatasa enkonzweni, ngibe nelungelo lokusiza abantu abaningi ukuba bazi uJehova. Kodwa mangisho, le ncwadi iphuma phambili. Imifanekiso nezithombe zayo eziqabulayo kuhle kakhulu.” Ingabe nawe uzizwa kanjalo ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli? Le nsiza-kutadisha yeBhayibheli iklanyelwe ukukusiza ukuba ufeze umyalo kaJesu: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—Mathewu 28:19, 20.
2 Akungabazeki ukuthi inhliziyo kaJehova iyajabula njengoba ebona oFakazi bakhe abayizigidi ezingaba ngu-6,6 besilalela ngokuzithandela isiqondiso sikaJesu sokwenza abafundi. (IzAga 27:11) Kusobala ukuthi uJehova uyayibusisa imizamo yabo. Ngokwesibonelo, phakathi no-2005, izindaba ezinhle zashunyayelwa emazweni angu-235, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-6 061 500 ngokwesilinganiso. Ngenxa yalokho, abantu abaningi ‘balizwa izwi likaNkulunkulu, bangalamukela njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela.’ (1 Thesalonika 2:13) Phakathi nale minyaka emibili edlule, bangaphezu kwesigamu sesigidi abafundi abasha abaye bavumelanisa ukuphila kwabo nezindinganiso zikaJehova bazinikezela kuye.
3. Imiphi imibuzo ephathelene nendlela yokusebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ezodingidwa kulesi sihloko?
3 Ingabe uke wayizwa muva nje injabulo yokuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli? Emhlabeni wonke, basekhona abantu ‘abanenhliziyo enhle,’ okuyothi lapho sebelizwile izwi likaNkulunkulu, “baligcine futhi bathele izithelo ngokukhuthazela.” (Luka 8:11-15) Ake sixoxe ngezindlela ongasebenzisa ngazo incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli emsebenzini wokwenza abafundi. Sizodingida imibuzo emithathu: (1) Ungasiqala kanjani isifundo seBhayibheli? (2) Iziphi izindlela zokufundisa eziphumelela kakhulu? (3) Ungamsiza kanjani umuntu ukuba angagcini ngokuba umfundi kodwa futhi abe umfundisi weZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, iBhayibheli?
Indlela Ongaqala Ngayo Isifundo SeBhayibheli
4. Kungani abanye bengase banqikaze ukutadisha iBhayibheli, futhi ungabasiza kanjani ukuba banqobe lo muzwa?
4 Uma bekungathiwa wela umfudlana obanzi ngokugxuma kanye nje kuphela, mhlawumbe ubungenqaba. Kodwa uma bekungabekwa amatshe okunyathela aqhelelane kahle, cishe ubungazama ukuwela. Ngokufanayo, umuntu omatasa angase anqikaze ukutadisha iBhayibheli. Umninikhaya angase acabange ukuthi kudingeka isikhathi nomzamo omkhulu kakhulu ukuze alitadishe. Ungamsiza kanjani ukuba anqobe ukunqikaza? Ngokuba nezingxoxo eziningana, ezimfushane ezifundisayo, ungasebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ukuze umholele esifundweni seZwi likaNkulunkulu esiqhutshwa njalo. Uma ulungiselela kahle, impindelo ngayinye oyenza kulowo muntu iyoba njengetshe lokunyathela elimholela ebunganini noJehova.
5. Kungani kudingeka uyifunde incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli?
5 Nokho, ngaphambi kokuba usize omunye umuntu ukuba azuze encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli, kudingeka uyazi kahle. Ingabe usuyifundile wayiqeda? Omunye umbhangqwana wayiphatha lapho uya eholidini, waqala ukuyifunda ebhishi uphumule. Lapho owesifazane owayethengisela izivakashi esondela, wabona isihloko sayo esithi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Watshela lo mbhangqwana ukuthi emahoreni ambalwa nje ngaphambili, wayethandaze ngawo kanye lowo mbuzo, ecela uNkulunkulu ukuba amnike impendulo. Lo mbhangqwana wamnika le ncwadi ngenjabulo. Ingabe wena usuye ‘walithengisisa ithuba’ lokufunda le ncwadi, mhlawumbe usuyiphinda, lapho usalindile noma usekhefini emsebenzini noma esikoleni? (Efesu 5:15, 16) Uma wenza kanjalo, uyoyazi le nsiza-kutadisha yeBhayibheli futhi ungase wakhe namathuba okuxoxa nabanye ngalokho ekuqukethe.
6, 7. Ungayisebenzisa kanjani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ekuqaleni izifundo zeBhayibheli?
6 Lapho uhambisa le ncwadi enkonzweni yasobala, zisebenzise ngokuphumelelayo izithombe, imiBhalo nemibuzo esemakhasini 4 kuya ku-6. Ngokwesibonelo, ungase uqale ingxoxo ngokubuza, “Njengoba isintu sibhekene nazo zonke lezi zinkinga, ubona ukuthi singatholakalaphi isiqondiso esingasethemba?” Ngemva kokulalelisisa impendulo, funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17, bese uchaza ukuthi iBhayibheli linikeza ikhambi langempela lezinkinga zesintu. Yibe usubonisa umninikhaya amakhasi 4 no-5, umbuze: “Isiphi isimo esikukhathaza kakhulu kulezi eziboniswe kula makhasi?” Lapho umninikhaya esho esinye sazo, mcele abambe incwadi njengoba umfundela umBhalo ohambisana naleso simo eBhayibhelini lakho. Yibe usufunda ikhasi 6, bese uyambuza, “Kule mibuzo eyisithupha esekugcineni kwaleli khasi, imuphi ongathanda ukuthola impendulo yawo?” Lapho ekhetha omunye wayo, mbonise isahluko esiwuphendulayo, umshiyele incwadi, bese wenza amalungiselelo aqinisekile okuphindela uyoxoxa naye ngalowo mbuzo.
7 Le ntshumayelo esanda kuchazwa ingathatha imizuzu engaba mihlanu. Kodwa kuleyo mizuzu embalwa, uyobe usuthole ukuthi yini ekhathaza umninikhaya, wafunda imiBhalo emibili wabonisa nendlela esebenza ngayo, futhi wabeka isisekelo sempindelo. Ingxoxo yakho emfushane nomninikhaya ingase imnikeze induduzo nesikhuthazo esikhulu, asenesikhathi eside asigcina. Ngenxa yalokho, ngisho nomuntu omatasa cishe uyokulangazelela ukuphinde axoxe nawe imizuzu embalwa njengoba umsiza ukuba athathe isinyathelo esilandelayo sokungena ‘endleleni eholela ekuphileni.’ (Mathewu 7:14) Ngokuhamba kwesikhathi, njengoba isithakazelo somninikhaya sikhula, isikhathi sesifundo kufanele sinwetshwe. Lokhu kungase kwenziwe ngokucela ukuba nihlale phansi nifunde isikhathi esinqunyiwe esijana.
Izindlela Zokufundisa Eziphumelela Kakhulu
8, 9. (a) Ungamlungiselela kanjani umuntu omfundela iBhayibheli ukumelana nezingqinamba novivinyo angase abhekana nakho? (b) Zitholakalaphi izinto ezingashi zokwakha ukholo oluqinile?
8 Lapho umuntu eseqale ukulalela lokho iBhayibheli elikufundisayo, cishe uyobhekana nezingqinamba ezingathiya intuthuko yakhe. Umphostoli uPawulu wathi: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) UPawulu wafanisa lokhu kulingwa nomlilo oshisa izinto zokwakha zezinga eliphansi uziqede, kusale izinto ezinjengegolide, isiliva namatshe ayigugu. (1 Korinte 3:10-13; 1 Petru 1:6, 7) Ukuze usize umuntu omfundelayo ukuba ahlakulele izimfanelo ezidingekayo ekumelaneni novivinyo angase abhekane nalo, kudingeka umsize ngokwakha ngezinto ezingashi.
9 Umhubi ufanisa “amazwi kaJehova” ‘nesiliva elicwengwé esithandweni sokuncibilikisa sasemhlabeni, elicwengwé kasikhombisa.’ (IHubo 12:6) Impela, iBhayibheli liqukethe zonke izinto eziyigugu umuntu angazisebenzisa ekwakheni ukholo oluqinile. (IHubo 19:7-11; IzAga 2:1-6) Futhi incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ikubonisa indlela yokusebenzisa imiBhalo ngokuphumelelayo.
10. Ungakugxilisa kanjani ukunaka komfundi eBhayibhelini?
10 Phakathi nesifundo, gxilisa ukunaka komfundi emiBhalweni esesahlukweni ngasinye enisifundayo. Sebenzisa imibuzo ukuze umsize aqonde imiBhalo yeBhayibheli eyisihluthulelo futhi ayisebenzise kuye ngokwakhe. Qaphela ungamtsheli okufanele akwenze. Kunalokho, lingisa isibonelo sikaJesu. Lapho ebuzwa yindoda eyisazi soMthetho, waphendula: “Kulotshweni eMthethweni? Ufunda kanjani?” Le ndoda yaphendula ngokwalokho okusemiBhalweni, futhi uJesu wayisiza yabona ukuthi ingasisebenzisa kanjani kuyo ngokwayo isimiso esasihilelekile. Ngokusebenzisa umfanekiso, uJesu wayisiza nokuba ibone ukuthi lokho eyayikufundisiwe kwakufanele kuyithinte kanjani. (Luka 10:25-37) Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli inemifanekiso eminingi elula ongayisebenzisa ukuze usize umfundi asebenzise imiBhalo kuye ngokwakhe.
11. Kungakanani ukwaziswa okufanele nikufunde esifundweni ngasinye?
11 Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli isebenzisa ulimi olulula noluqondile ukuze ichaze iZwi likaNkulunkulu, njengoba nje noJesu ayedlulisela imiqondo eyinkimbinkimbi ngamazwi alula. (Mathewu 7:28, 29) Landela isibonelo sakhe. Dlulisela ukwaziswa ngendlela elula, ecacile nenembile. Ungahlanganisi indaba ngokujaha. Kunalokho, vumela izimo nekhono lomfundi kube yikho okunquma inani lezigaba enizifundayo esifundweni ngasinye. UJesu wayekwazi ukulinganiselwa kwabafundi bakhe futhi akazange abathwese ukwaziswa okungaphezu kwalokho ababekudinga ngaleso sikhathi.—Johane 16:12.
12. Isithasiselo kufanele sisetshenziswe kanjani?
12 Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli inesithasiselo esinezihloko ezingu-14. Wena njengomfundisi kufanele ukwazi ukunquma ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu yokusebenzisa lokhu kwaziswa, kuye ngezidingo zomfundi. Ngokwesibonelo, uma umfundi engaqondi kahle noma enemibuzo ezindabeni ezithile ngenxa yezinkolelo ayenazo, kungase kwanele ukumbonisa ingxenye yesithasiselo efanele azifundele yona. Ngakolunye uhlangothi, ngenxa yezidingo zomfundi kungase kudingeke uyifunde naye indaba. Isithasiselo sinezihloko ezingokomBhalo ezibalulekile, njengesithi “‘Umphefumulo Nomoya’—Asho Ukuthini Ngempela La Magama?” nesithi “Ukuthola Ukuthi ‘IBhabhiloni Elikhulu’ Liyini.” Ungase uthande ukuzixoxa nomfundi lezi zihloko. Njengoba kunganikezwanga mibuzo ezihlokweni ezisesithasiselweni, kuyodingeka uyazi kahle indaba ukuze uzakhele imibuzo enengqondo.
13. Umthandazo ufeza yiphi indima ekuqiniseni ukholo?
13 IHubo 127:1 lithi: “Ngaphandle kokuba uJehova ngokwakhe eyakha indlu, akusizi ngalutho ukuthi abakhi bayo basebenzé kanzima kuyo.” Ngakho-ke, njengoba ulungiselela ukuqhuba isifundo seBhayibheli, thandazela usizo lukaJehova. Imithandazo oyenza ekuqaleni nasekupheleni kwesifundo ngasinye mayibonise ukuthi unobuhlobo obuseduze noJehova. Khuthaza umfundi ukuba athandaze kuJehova acele ukuhlakanipha kokuqonda iZwi laKhe namandla okusebenzisa iseluleko salo. (Jakobe 1:5) Uma enza kanjalo, uyoqina akwazi ukukhuthazelela ukulingwa futhi uyoqhubeka ekhula okholweni.
Siza Abafundi BeBhayibheli Babe Abafundisi
14. Iyiphi intuthuko engokomoya edingeka kubafundi beBhayibheli?
14 Ukuze abantu esibafundela iBhayibheli balalele “konke” uJesu ayala abafundi bakhe ngakho, kudingeka bathuthuke ekubeni abafundi beZwi likaNkulunkulu babe abafundisi balo. (Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 1:6-8) Yini ongayenza ukuze usize umfundi athuthuke kanjalo ngokomoya?
15. Kungani kufanele ukhuthaze umuntu omfundelayo ukuba abe khona emihlanganweni yobuKristu?
15 Kusukela esifundweni sokuqala nje, mmeme umfundi ukuba eze emihlanganweni yebandla kanye nawe. Mchazele ukuthi emihlanganweni yilapho uqeqeshwa khona njengomfundisi weZwi likaNkulunkulu. Phakathi namasonto athile, zinike imizuzu embalwa ngemva kwesifundo seBhayibheli ngasinye uchaze isimiso semfundo engokomoya oyithola emihlanganweni emincane nemikhulu ehlukahlukene. Khuluma ngentshiseko ngezinzuzo ozithola kule mihlangano. (Hebheru 10:24, 25) Lapho umfundi eseqale ukuba khona njalo emihlanganweni, maningi amathuba okuthi uyoba umfundisi weZwi likaNkulunkulu.
16, 17. Imiphi eminye yemigomo umfundi weBhayibheli angazibekela yona futhi ayifinyelele?
16 Siza umfundi weBhayibheli azibekele imigomo angayifinyelela. Ngokwesibonelo, mkhuthaze ukuba axoxele umngane noma isihlobo lokho akufundayo. Sikisela nokuba azibekele umgomo wokufunda lonke iBhayibheli. Uma umsiza ukuba akwenze umkhuba ukufunda iBhayibheli njalo, lokhu kuyomzuzisa ngisho esabhapathizwa kudala. Ngaphezu kwalokho, kungani ungasikiseli ukuba azibekele umgomo wokukhumbula okungenani umBhalo weBhayibheli owodwa ophendula umbuzo oyisihluthulelo esahlukweni ngasinye sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli? Ngokwenza kanjalo, lowo mfundi uyoba “isisebenzi esingenamahloni ngalutho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.”—2 Thimothewu 2:15.
17 Kunokuba ufundise umfundi ukumane asho imiBhalo ngekhanda noma ayibeke ngamazwi akhe, mkhuthaze ukuba achaze amavesi eBhayibheli ahlobana nendaba lapho ephendula labo abambuza isizathu sokholo lwakhe. Kungase kusize ukuba nezikhathi ezimfushane zokuprakthiza, wena ube isihlobo noma umuntu asebenza naye ofuna achaze izinkolelo zakhe. Njengoba umfundi ephendula, mbonise indlela yokuphendula “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:15.
18. Lapho umfundi weBhayibheli efanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe, iluphi usizo olwengeziwe ongamnika lona?
18 Ngokuhamba kwesikhathi, umfundi angase afanelekele ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Gcizelela ukuthi kuyilungelo ukuvunyelwa ukuhlanganyela kulo msebenzi. (2 Korinte 4:1, 7) Lapho abadala sebenqume ukuthi uyakufanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe, msize alungiselele intshumayelo elula bese uhamba naye enkonzweni yasensimini. Qhubeka usebenza naye njalo ezicini ezihlukahlukene zenkonzo yasobala, umfundise nendlela yokulungiselela izimpindelo nokuzenza ngendlela ephumelelayo. Isibonelo sakho esihle siyoba ithonya elihle.—Luka 6:40.
‘Zisindise Wena Nabakulalelayo’
19, 20. Imuphi umgomo okufanele sibe nawo, futhi ngani?
19 Akungabazeki ukuthi ukusiza umuntu afinyelele “olwazini olunembile lweqiniso” kudinga ukuzikhandla okukhulu. (1 Thimothewu 2:4) Nokho, zimbalwa izinto ekuphileni ezijabulisa njengokusiza umuntu alalele lokho iBhayibheli elikufundisayo. (1 Thesalonika 2:19, 20) Yebo, yeka ilungelo esinalo lokuba “izisebenzi ezikanye noNkulunkulu” kulo msebenzi wokufundisa emhlabeni wonke!—1 Korinte 3:9.
20 NgoJesu Kristu nezingelosi ezinamandla, maduze uJehova uzokhipha isahlulelo kulabo “abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.” (2 Thesalonika 1:6-8) Ukuphila kwabantu kusengozini. Ungakwenza yini umgomo wakho ukuqhuba okungenani isifundo seBhayibheli sasekhaya esisodwa ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Njengoba wenza lo msebenzi, unethuba ‘lokuzisindisa wena nabakulalelayo.’ (1 Thimothewu 4:16) Manje kuphuthuma kunanini ngaphambili ukuba sisize abanye balalele lokho iBhayibheli elikufundisayo.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ufundeni?
• Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli iklanyelwe yiphi injongo?
• Ungaziqala kanjani izifundo zeBhayibheli usebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli?
• Iziphi izindlela zokufundisa eziphumelela kakhulu?
• Ungamsiza kanjani umfundi ukuba abe umfundisi weZwi likaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 26]
Ingabe uyisebenzisa kahle le ncwadi?
[Isithombe ekhasini 27]
Ingxoxo emfushane ingenza umuntu alangazelele ulwazi lweBhayibheli
[Isithombe ekhasini 28, 29]
Yini ongayenza ukuze uqondise umuntu eBhayibhelini?
[Isithombe ekhasini 30]
Siza umfundi weBhayibheli ukuba athuthuke