Imingcwabo YamaKristu Ihloniphekile, Inesizotha Futhi Ijabulisa UNkulunkulu
KUZWAKALA isililo nxazonke. Abalilayo abagqoke izingubo ezimnyama bayabangalasa baziphonse phansi ngenxa yosizi. Kukhona abadansela umculo onesigqi. Kanti abanye bayadla, bahleke kuvele elomhlathi bezithokozisa. Kunabambalwa ababhuquza enhlabathini ngoba sebedakwe iwayini lamasundu notshwala obungangamanzi okuphala izikhumba. Kwenzekani lapha? Kwamanye amazwe, lokhu kuvamile emingcwabeni lapho abantu abaningi besuke bezovalelisa oshonile.
OFakazi BakaJehova abaningi bahlala emiphakathini lapho izihlobo nomakhelwane bekholelwa kakhulu ezeni futhi bebesaba abafileyo. Izigidi zabantu zikholelwa ukuthi lapho umuntu efa, uba idlozi elinamandla okusiza noma okulimaza abaphilayo. Le nkolelo ihlobene kakhulu namasiko amaningi emingcwabo. Yiqiniso, kungokwemvelo ukuba lusizi ngenxa yokufelwa. Kunezikhathi lapho uJesu nabafundi bakhe balila khona ngenxa yokushonelwa abantu ababathandayo. (Joh. 11:33-35, 38; IzE. 8:2; 9:39) Noma kunjalo, abakaze babonakalise usizi lwabo ngezindlela ezeqisayo ezazivamile osukwini lwabo. (Luka 23:27, 28; 1 Thes. 4:13) Kungani? Esinye isizathu sasiwukuthi babelazi iqiniso ngokufa.
IBhayibheli lisho ngokucacile: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho . . . Uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo sekushabalele kakade . . . Akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eShiyoli [ithuna lesintu sonke], indawo oya kuyo.” (UmSh. 9:5, 6, 10) La mavesi eBhayibheli aphefumulelwe akwenza kucace ukuthi lapho umuntu efa akabe esazi lutho. Akabe esakwazi ukucabanga, ukukhuluma noma ukuqonda noma yini futhi akasenamizwa. Ukuqonda leli qiniso elibalulekile eliseBhayibhelini kufanele kuyithonye kanjani indlela imingcwabo yamaKristu eqhutshwa ngayo?
‘Yekani Ukuthinta Into Engcolile’
Kungakhathaliseki ukuthi bangabasiphi isizwe noma banasiphi isizinda, oFakazi BakaJehova bawagwema ngokuphelele noma imaphi amasiko ahlobene nenkolelo yokuthi abafileyo bayaphila nokuthi bangabathonya abaphilayo. Amasiko anjengemilindelo, imicimbi eba ngemva komngcwabo, imicimbi yokukhumbula abafileyo yaminyaka yonke, ukuhlabela amadlozi nokuziliswa kwabafelokazi awahlanzekile futhi awamjabulisi uNkulunkulu ngoba ahlobene nemfundiso yamademoni engqubuzana nemiBhalo ethi umphefumulo noma umoya awufi. (Hez. 18:4) AmaKristu eqiniso ‘awakwazi ukudla “etafuleni likaJehova” ebe edla etafuleni lamademoni,’ ngenxa yalokho awahlanganyeli kula masiko. (1 Kor. 10:21) Alalela lo myalo: ‘Zihlukaniseni, futhi niyeke ukuthinta into engcolile.’ (2 Kor. 6:17) Nokho, ukwenza kanjalo akulula ngazo zonke izikhathi.
E-Afrika nakwezinye izindawo, ngokuvamile kunenkolelo yokuthi uma amasiko athile engagcinwa, amadlozi ayothukuthela. Ukungawagcini kubhekwa njengecala elingathí sina elingaholela ekuqalekisweni komphakathi wonke noma emashweni. Ngenxa yokwenqaba ukuhlanganyela emasikweni emingcwabo angqubuzana nemiBhalo, abantu bakaJehova abaningi baye bagxekwa, bathukwa futhi bakhishwa inyumbazana imiphakathi yakubo noma abomndeni. Abanye baye basolwa ngokuthi baphazamisa inhlalakahle yomphakathi nangokungabahloniphi abafileyo. Ngezinye izikhathi, abantu abangakholwa baye bangenela ngenkani emalungiselelweni emingcwabo yamaKristu. Ngakho-ke, singazigwema kanjani izingxabano nalabo abaphikelela ngenkani ekunamatheleni emasikweni emingcwabo angamjabulisi uNkulunkulu? Umbuzo obaluleke nakakhulu uwukuthi: Yini esingayenza ukuze singahlanganyeli emasikweni nasemikhubeni engcolile engalimaza ubuhlobo bethu noJehova?
Chaza Isimo Sakho Ngokucacile
Kwamanye amazwe, kuyisiko ukuba abantu abadala emndenini nezihlobo babe nezwi endleleni oshonile azongcwatshwa ngayo. Ngakho-ke, umKristu othembekile kumelwe akwenze kucace ukuthi umngcwabo uyohlelwa futhi uqhutshwe oFakazi BakaJehova ngokwezimiso zeBhayibheli. (2 Kor. 6:14-16) Okwenzeka emngcwabeni womKristu akufanele kulimaze onembeza bamanye amaKristu noma kukhube abanye abazi izinkolelo nezimfundiso zethu ngabafileyo.
Lapho othile ebandleni ecelwa ukuba aqhube umngcwabo, abadala abamisiwe bangasekela ngokomoya amalungu akholwayo ashonelwe futhi banikeze ukusikisela okuwusizo ukuze wonke amalungiselelo avumelane neziqondiso ezingokomBhalo. Uma abathile abangebona oFakazi befisa ukufaka imikhuba engcolile, kubalulekile ukuba siqine futhi ngesibindi sichaze ukuma kwethu kobuKristu ngomusa nangenhlonipho. (1 Pet. 3:15) Kodwa yini okumelwe siyenze uma izihlobo ezingakholwa zisaphikelela ukuba kulandelwe imikhuba engcolile lapho kusenziwa amalungiselelo omngcwabo? Umkhaya wamaKristu ungase unqume ukuhoxa kula malungiselelo. (1 Kor. 10:20) Kuleso simo, kungase kube nenkulumo yokukhumbula umufi kuphela eHholo LoMbuso lendawo noma kwenye indawo efanelekayo ukuze ‘kududuzwe ngemiBhalo’ labo abadabuke ngempela ngenxa yokushonelwa umuntu abamthandayo. (Roma 15:4) Ngisho noma isidumbu singekho, lelo lungiselelo liyoba elihloniphekile nelamukeleka ngokuphelele. (Dut. 34:5, 6, 8) Ukugxambukela ngonya kwabantu abangakholwa kungase kwandise ukucindezeleka nosizi, kodwa singathola induduzo ngokwazi ukuthi uNkulunkulu, ongasinika “amandla angaphezu kwavamile,” uyakubona ukuzimisela kwethu ukwenza okulungile.—2 Kor. 4:7.
Bhala Phansi Okumelwe Kwenziwe
Lapho umuntu ekubhale phansi lokho afuna kwenziwe emngcwabeni wakhe, kuba lula kakhudlwana ukubonisana namalungu omndeni angebona oFakazi, ngoba cishe ayozihlonipha izifiso zomufi. Bhala imininingwane ebalulekile enjengokuthi umngcwabo kufanele uqhutshelwe kuphi futhi kanjani nokuthi obani okufanele babe negunya lokuwuhlela nokuwuqhuba. (Gen. 50:5) Okusebenza kakhulu ukuba nencwadi esayiniwe nenofakazi. Labo abahlelela ikusasa ngokuqondisisa nangokuhlakanipha okusekelwe ezimisweni zeBhayibheli bayazi ukuthi akumelwe balinde baze baguge kakhulu noma bagulele ukufa ngaphambi kokuthatha lesi sinyathelo.—IzAga 22:3; UmSh. 9:12.
Abanye abakhululeki ukubhala phansi izifiso zabo. Nokho, ukwenza lokhu kubonisa ukuthi ungumKristu ovuthiwe futhi ubakhathalela ngothando abanye. (Fil. 2:4) Kungcono kakhulu ukuzilungisa mathupha lezi zinto kunokuba ushiyele la malungiselelo emalungwini omkhaya wakho asosizini angase acindezelwe ukuba alandele imikhuba engcolile ongayikholelwa noma ongavumelani nayo.
Gcina Umngcwabo Unesizotha
Emazweni amaningi e-Afrika, kunenkolelo evamile yokuthi umngcwabo kumelwe ube mkhulu futhi ubabazeke ukuze amadlozi angathukutheli. Abanye basebenzisa imingcwabo njengethuba ‘lokugabisa’ ngesikhundla sabo emphakathini nengcebo yabo. (1 Joh. 2:16) Kuchithwa isikhathi esiningi, amandla nemali eningi ukuze kwenzelwe umufi umngcwabo “ohloniphekile.” Ukuze kufike abantu abaningi ngangokunokwenzeka emngcwabeni, kuchonywa izingqwembe ezinkulu ezinesithombe sikamufi ezindaweni ezihlukahlukene, kumenyezelwa umngcwabo. Kwenziwa futhi kusakazwe izikibha ezinesithombe sikamufi ezizogqokwa abeze emngcwabeni. Kuthengwa amabhokisi ahlotshiswe ngokweqile nabizayo ngenjongo yokuhlabekisa. Kwelinye izwe lase-Afrika, abanye baze benze amabhokisi amise okwezimoto, izindiza, izikebhe nezinye izinto ezenzelwe ukubukisa ngengcebo yabo. Isidumbu singase sikhishwe ebhokisini sibekwe embhedeni ohlotshiswe ngokukhethekile. Owesifazane oshonile angase agqokiswe ingubo yomshado emhlophe ahlobe ngobucwebe, ubuhlalu nangezimonyo. Ingabe ukuhlanganyela emikhubeni enjalo kungaba into efanelekayo ngabantu bakaNkulunkulu?
AmaKristu avuthiwe ayakubona ukuhlakanipha kokugwema ukweqisa okwenziwa abantu abangazazi izimiso zikaNkulunkulu nabangenandaba nazo. Siyazi ukuthi amasiko nemikhuba eyeqisayo nengqubuzana nemiBhalo ‘ayiveli kuNkulunkulu, kodwa ivela ezweni elidlulayo.’ (1 Joh. 2:15-17) Kumelwe siqaphelisise ukuze singazitholi sesinomoya wokuncintisana ongewona owobuKristu, sizama ukudlula abanye. (Gal. 5:26) Okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi lapho amasiko endawo nokuphila kwabantu kusekelwe ekwesabeni abafileyo, ngokuvamile imingcwabo iba mikhulu futhi kube nzima ukuyiqondisa, bese ishesha ukungalawuleki. Ukudumisa umufi ngokweqile kungase kubangele abangakholwa ukuba benze izinto ezingcolile. Emingcwabeni enjalo, abantu bangase babangalase bangalawuleki, bagone isidumbu, bakhulume naso njengokungathi sisaphila futhi basifake imali nezinye izinto. Uma lokhu kungenzeka emngcwabeni womKristu, kungaletha isihlamba esikhulu egameni likaJehova nakubantu bakhe.—1 Pet. 1:14-16.
Ngokuqinisekile, ukwazi isimo sangempela sabafileyo kufanele kusinike isibindi sokuqhuba imingcwabo yethu ngaphandle kwanoma imiphi iminonjana yezwe. (Efe. 4:17-19) Nakuba uJesu ayengumuntu omkhulu nobaluleke kunabo bonke abake baphila, umngcwabo wakhe wawumncane futhi unesizotha. (Joh. 19:40-42) Labo ‘abanomqondo kaKristu’ abaliboni ihlazo emingcwabeni enjalo. (1 Kor. 2:16) Ngokuqinisekile, ukugcina imingcwabo yamaKristu ingenamicikilisho futhi inesizotha kuyindlela engcono kakhulu yokugwema izinto ezingcolile ngokwemiBhalo nokulondoloza isimo esizolile, esihloniphekile, esihlelekile nesifanelekayo kulabo abathanda uNkulunkulu.
Kufanele Yini Kujatshulwe?
Ngemva komngcwabo, izihlobo, omakhelwane nabanye bangase babe nomkhuba wokubuthana ngobuningi kwenziwe umcimbi, kube nomculo okhalela phezulu futhi badanse. Ngokuvamile, le micimbi ihambisana nokuphuza kakhulu nokuziphatha okubi. Abanye abantu bathi lokhu kuzijabulisa kubasiza ukuba bakhohlwe usizi lokushonelwa. Abanye banomuzwa wokuthi kumane nje kuyingxenye yesiko labo. Nokho, abaningi bakholelwa ukuthi lokhu kuzitika kuyisiko okumelwe lenziwe noma kanjani ukuze kuhlonishwe futhi kudunyiswe oshonile futhi kukhululwe umphefumulo wakhe ukuze uyohlangana nabakubo asebalala.
AmaKristu eqiniso ayakubona ukuhlakanipha kwalesi seluleko esingokomBhalo: “Kungcono ukukhathazeka kunokuhleka, ngoba ngokuhlunama kobuso inhliziyo iba ngcono.” (UmSh. 7:3) Ngaphezu kwalokho, ayazazi izinzuzo zokuzindla buthule ngobufushane bokuphila nangethemba lovuko. Ngempela, labo abanobuhlobo obuqinile noJehova bayazi ukuthi ‘usuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa kwabo.’ (UmSh. 7:1) Ngakho-ke, ukwazi ukuthi imicimbi yemingcwabo yokuzijabulisa ihlobene nezinkolelo zokusebenzelana nemimoya nokuziphatha okubi kwenza kungafaneleki nhlobo ngamaKristu eqiniso ukuhlela noma ngisho nokuya emicimbini enjalo. Ukuba kuleyo micimbi kungabonisa ukungamhloniphi uNkulunkulu kanye nonembeza babanye abakhulekeli bakaJehova.
Abanye Mabawubone Umahluko
Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi iqiniso lasikhulula ekwesabeni abafileyo okukhwantabalisayo okuvame kakhulu kulabo abasebumnyameni ngokomoya! (Joh. 8:32) “Njengabantwana bokukhanya,” sibonisa usizi nokudabuka kwethu ngendlela enesizotha, ehloniphekile, ebonisa ukuthi sikhanyiselwe ngokomoya nokuthi sinethemba eliqinisekile lovuko. (Efe. 5:8; Joh. 5:28, 29) Ithemba elinjalo liyosisiza ukuba singahileleki ezenzweni ezeqisayo zokubonisa usizi ezivame kulabo “abangenalo ithemba.” (1 Thes. 4:13) Liyosinika isibindi sokukumelela ngokuqinile ukukhulekela kweqiniso futhi singanqotshwa ukwesaba abantu.—1 Pet. 3:13, 14.
Ukunamathela ngokwethembeka ezimisweni zemiBhalo kuyonikeza abantu ithuba ‘lokubona umehluko phakathi kwabakhonza uNkulunkulu nabangamkhonzi.’ (Mal. 3:18) Ngolunye usuku, kuyophela nya ukufa. (IsAm. 21:4) Njengoba sisalinde ukugcwaliseka kwaleso sithembiso esimangalisayo, kwangathi uJehova angasithola singenabala, singenasici futhi sihluke ngokuphelele kuleli zwe elibi nasemikhutsheni yalo ehlambalaza uNkulunkulu.—2 Pet. 3:14.
[Isithombe ekhasini 30]
Kuyinkambo yokuhlakanipha ukubhala phansi lokho ofisa kwenziwe emngcwabeni wakho
[Isithombe ekhasini 31]
Imingcwabo yamaKristu kufanele ibe nesizotha futhi ihlonipheke