Sondela KuNkulunkulu
Ubheka Okuhle Kubantu
JEHOVA uhlola zonke izinhliziyo, futhi ubona konke ukuthambekela kwemicabango.” (1 IziKronike 28:9) La mazwi aphefumulelwe ayehloselwe ukusenza ukuba sazise indlela uJehova asikhathalela ngayo ngokujulile. UJehova ubheka okuhle ezinhliziyweni zethu nakuba singaphelele. Lokhu kubonakala ngokucacile kulokho akusho ngo-Abhiya kweyoku-1 AmaKhosi 14:13.
Umndeni wakubo ka-Abhiya wawumubi. Uyise, uJerobowamu, wayeyisihlubuki esikhulu.a UJehova wayezimisele ukubhubhisa indlu kaJerobowamu “njengalapho nje umuntu esusa indle.” (1 AmaKhosi 14:10) Kodwa wayala ukuba u-Abhiya, ilungu elilodwa kuphela lomndeni kaJerobowamu—owayegula kakhulu—ukuba angcwatshwe ngendlela ehloniphekile.b Kungani? UNkulunkulu wachaza: “Endlini kaJerobowamu kutholakalé kuye okuthile okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.” (1 AmaKhosi 14:1, 12, 13) La mazwi asitshelani ngo-Abhiya?
IBhayibheli alisho ukuthi u-Abhiya wayengumkhulekeli othembekile kaNkulunkulu. Yize kunjalo, kukhona okuncane okwakukuhle kuye. Lokho okuhle wakwenza “kuJehova,” futhi mhlawumbe kwakuhilela ukukhulekelwa kwaKhe. Ababhali abangorabi basikisela ukuthi u-Abhiya waya ethempelini laseJerusalema noma ukuthi wasusa abaqaphi uyise ayebabekile ukuze bavimbele ama-Israyeli ekuyeni eJerusalema.
Nakuba singazi ukuthi buhle buni abenza, kodwa lobo buhle bakhe baphawuleka. Okokuqala babungobeqiniso. Lobo buhle ‘babukuye’—okusho ukuthi babusenhliziyweni yakhe. Okwesibili, babungobezinga eliphakeme. U-Abhiya wakwazi ukubonisa lobu buhle yize ayehlala “endlini kaJerobowamu.” Esinye isazi sithi: “Kuyinto encomekayo uma umuntu ekwazi ukulondoloza ubuhle bakhe kuyilapho ehlala endaweni noma evela emndenini omubi.” Esinye sithi ubuhle buka-Abhiya “babuqapheleka . . . , njengoba nje izinkanyezi zikhanya bhá uma isibhakabhaka simnyama nemisedari iba mihle kakhulu uma izungezwe izihlahla ezingenamaqabunga.”
Okubaluleke kakhulu ukuthi amazwi akweyoku-1 AmaKhosi 14:13 asifundisa okuthile okuhle ngoJehova nokuthi yini ayibheka kithi. Khumbula ukuthi kukhona okuhle ‘okwatholakala’ ku-Abhiya. Kubonakala sengathi uJehova wahlola inhliziyo ka-Abhiya kwaze kwaba yilapho ethola okuthile okuhle. Omunye umbhali uthi uma eqhathaniswa nomndeni wakubo, u-Abhiya wayeyipharele “enqwabeni yamatshe.” UJehova wabazisa lobu buhle futhi wabuvuza, walibonisa umusa omkhulu leli lungu elilodwa lomndeni omubi.
Akuqinisi yini idolo ukwazi ukuthi uJehova ubheka okuhle kithi nakuba singaphelele? (IHubo 130:3) Ukwazi lokhu kufanele kusishukumisele ukuba sisondele kuJehova, uNkulunkulu ohlola izinhliziyo ukuze athole okuhle kithi kungakhathaliseki ukuthi kuncane kangakanani.
[Imibhalo yaphansi]
a UJerobowamu wayesungule ukukhulekelwa kwethole embusweni wakwa-Israyeli osenyakatho wezizwe eziyishumi ukuze abantu bangayi ukuyokhulekela uJehova ethempelini eJerusalema.
b Ngezikhathi zeBhayibheli, ukungcwatshwa komuntu ngendlela engahloniphekile kwakubonisa ukuthi uNkulunkulu akamamukeli.—Jeremiya 25:32, 33.