Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Usebenzisa Umbiko Wendlu Ngendlu
1 “Ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.” (Roma 15:19) Lamazwi omphostoli uPawulu abonisa indlela ayekhuthele ngayo ekufezeni ukuthunywa kwakhe kokushumayela, ukufundisa, nokwenza abafundi.
2 Sifuna ukuba ngabaphelele kanjalo ekufakazeni ensimini yethu esiyabelwe. Isikhathi esiphila kuso sibucayi kakhulu—ukuphila kusengozini. Ukwehluleka ukuxwayisa abantu kuyobangela icala legazi. (Hez. 3:18, 19) Njengomphostoli uPawulu, sifuna ukukwazi ukusho ukuthi ‘asinacala egazini labo bonke.’ (IzE. 20:26) Singakwazi kanjani ukuyisebenza ngokuphelele insimu yethu? Ukulisebenzisa ngokufanelekile ifomu loMbiko Wendlu Ngendlu kungasiza.
LAPHO KUNGEKHO MUNTU EKHAYA
3 Umbiko ophelele noqondile wabangekho emakhaya ubalulekile ekuhlanganiseni insimu yethu ngokuphumelelayo. Lokhu kunjalo kungakhathaliseki ukuthi insimu yethu ayisetshenzwa njalo noma isetshenzwa njalo. Ngakho kumelwe sibe ngabaphikelelayo ekuzameni ukuthola othile ekhaya ngalinye. Lapho kungekho mpendulo, kufanele senze ukuphawula okuqondile embikweni wendlu ngendlu. Khona-ke kufanele siqiniseke ukuba siphindele futhi sizame ukunikeza ubufakazi kothile kuleyondlu.
4 Ukuze bafinyelele labo abangekho ekhaya ekuhambeleni kokuqala, abanye baye basebenzisa umbiko wabo wendlu ngendlu, bephindela ngokushesha ngemva komsebenzi wendlu ngendlu ngosuku olufanayo. Noma bazama ukuya ngosuku oluhlukile noma ngesikhathi esihlukile sosuku. Abaningi bathola ukuthi ukuhambela kwakusihlwa kuletha imiphumela emihle. Labo abahlala bevaleleke ezindlini baye baphumelela ngokushaya izingcingo noma ngokubhala izincwadi lapho ukuvakashela okuphindaphindiwe emakhaya athile kuye kwaba okungenampumelelo.
LAPHO KUTHOLAKALA ISITHAKAZELO
5 Lapho uthola indlebe eyazisayo, bhala phansi. Bhala phansi igama lomuntu, ikheli, nanoma ikuphi ukwaziswa okuyosiza ekulandeleleni isithakazelo esibonisiwe. Uma ungasamtholi lowomuntu othakazelayo ngemva kokuzama kaningi, mhlawumbe ukushintsha usuku noma isikhathi ovakasha ngaso kungase kube usizo. Ungasheshi ukumyeka umuntu obonise isithakazelo.
6 Umphostoli uPawulu wasibekela isibonelo esihle. ‘Wafakaza ngokuphelele’ ensimini ayeyabelwe. Ukusebenzisa umbiko wendlu ngendlu ngokuqondile kuyosisiza ukuba sifakaze ngokuphelele ensimini yethu esiyabelwe. Futhi yeka injabulo esiyoba nayo lapho abaningi abengeziwe beba abafundi bakaJesu Kristu! Kanjalo, siyokwazi ukuphinda amazwi kaPawulu: “Anginacala egazini labo bonke.”—IzE. 20:21, 26, NW.