Hlakanipha—Sebenzisa Izinto Ozifundayo
1 Kungumgomo wabantu abaningi ukuphila ukuphila okujabulisayo nokunokuthula. Izinkulungwane zezincwadi nezihloko zinikeza iseluleko ngendlela yokuba nomshado ophumelelayo, indlela yokukhulisa abantwana, indlela yokuphumelela ngokwezimali, indlela yokuthola impilo enhle, nezinye izindaba ezihlukahlukene eziphathelene nokusiza abantu ukuba bathole injabulo. Nakuba okunye ukuhlakanipha okuwusizo kungase kutholakale ezincwadini zezwe, abantu abaningi ezweni abajabuli neze futhi abanakho ukuthula. Kungani lokhu kunjalo?
2 Impendulo ingatholakala eBhayibhelini kuzAga 1:7, ezithi: “Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.” Umuntu akanakulindela ukuba abe nokuthula nenjabulo uma engawuqapheli futhi engawuhloniphi uMthombo wokwazi kweqiniso nokuhlakanipha, uJehova uNkulunkulu.
3 Izwe limpofu ngokomoya—liyalamba. Ngokuhlekisayo, lesimo esibuhlungu esokuzenza, njengoba inala yokudla okungokomoya itholakala kubo bonke emhlabeni wonke, futhi itholakala mahhala. (IzAga 1:20, 21; IsAm. 22:17) Ngenxa yokuthi abantu ezweni bayakwenqaba ukuhlakanipha okuvela kuJehova, bayaqhubeka bediyazela ebumnyameni obungokomoya. (IzAga 1:22-32) Ngakolunye uhlangothi, njengabantu bakaJehova, abahlonipha imithetho yakhe futhi balandele imiyalo yakhe, sondlekile ngokomoya futhi siyajabula. (Isaya 65:13, 14) Futhi, uthando oluchichima enhlanganweni kaNkulunkulu Iusibonakalisa njengabafundi bakaKristu beqiniso. (Joh. 13:35) Yebo, ubuzalwane bomhlaba wonke boFakazi BakaJehova bunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ukunamathela ezimfundisweni zeBhayibheli kuyinkambo okuwukuhlakanipha ukuyilandela.
4 Nokho, abanye abahlanganyela nenhlangano kaJehova kungenzeka abayitholi injabulo abamelwe babe nayo. Bangaze ngisho baphazamise injabulo yabanye abaseduze nabo ngezinto abazishoyo nabazenzayo. Lokhu kungenzeka kanjani? Kungenxa nje yokuthi abakusebenzisi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ekuphileni kwabo. Bangase babe khona emihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda, neyesigodi. Bangase bakwazi kahle konke lokho izincwadi zeNhlangano ezikushoyo, kodwa indlela yabo yokuphila nendlela abasebenzelana ngayo nabanye, kuhlanganise namaKristu abakanye nawo, ingabonisi ukuthi bayalisebenzisa iqiniso abaye balifunda. Yini okudingeka yenziwe? Abantu abanjalo kudinga bagxile ‘ekuhlwanyeleni umoya’ ukuze bazilethele injabulo yeqiniso ekuphileni kwabo futhi banikele enjabulweni yalabo abakanye nabo.—Gal. 6:7, 8.
OKUMELWE SIKUSEBENZISE
5 Uma thina ngabanye sidebesela, sinciphisa ukuqapha kwethu, futhi sivumela uSathane, izwe, noma inyama yethu engaphelele, siyolahlekelwa yinjabulo yokuba nobuhlobo obuseduze noJehova. Manje, kunanini ngaphambili, kudingekile ukuhlala siphaphamele ukusebenzisa izinto esizifunda emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emikhulu kanye nangamanye amalungiselelo enhlangano. Izwe esiphila kulo liyindawo eyingozi eshintshashintsha njalo. Sidinga ukuhlala siphaphamele ukusebenzisa iseluleko uJehova asilungiselela ngothando ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ sisiqaphela njengokudla ngesikhathi sakho.—Math. 24:45-47.
6 Esimisweni samanje sosuku lomhlangano wethu okhethekile, kunikezwa ukwaziswa okuningi okuhle ngendlela esingama ngayo siqinile njengomhlambi owodwa. Kunikezwa ukusikisela okuwusizo ngendlela esingamelana ngayo namathonya enzana buthakathaka, anjengezimo ezidumazayo, umoya wezwe wokuzibusa, neziphazamiso ezichitha isikhathi. Ingabe siyasisebenzisa iseluleko esihle sokuthembela ngokugcwele kuJehova nezindlela zakhe, sokuqaphela nokuzithoba egunyeni elingokwasezulwini, sokuzithoba nokuba nesizotha, nesokuthengisisa isikhathi ngenxa yezithakazelo ezingokwasezulwini? (Mika 6:8; Efe. 5:15, 16; Heb. 6:10; 13:17) Ingabe amalungu omkhaya ayasizana ukuba enze ngokuvumelana nendlela yokuphila yobuKristu? Ukukhetha kwethu okokuzijabulisa, imikhuba yethu, nesikwenza nsuku zonke kumelwe kuthonywe iseluleko esisithola emiBhalweni. Ngaphandle kokuba kube nomzamo wenkuthalo wokusebenzisa izinto ezifundiwe, iyoba ncane noma ingabi bikho intuthuko engokomoya, futhi ukuthula kwethu kwengqondo nenjabulo kuyophazamiseka kakhulu.—Fil. 4:7-9; Jak. 1:22-25.
7 Umzamo ohlanganyelwe esifundweni sakho siqu nesomkhaya uyadingeka. IWatch Tower Publications Index ingasiqondisa ekwazisweni okuningiliziwe ngokusetshenziswa kwezimiso zeBhayibheli. Incwadi ethi Intsha Iyabuza iwusizo oluhle kakhulu ukuba abazali balusebenzise ekusizeni abantwana babo ukuba babhekane nezwe lanamuhla eliyinkimbinkimbi likaSathane. Ngokubhekisela ezincwadini ezinjalo, siyothola umbono kaJehova ngezinto futhi siyoqondiswa izimiso zokulunga. Ukungakwenzi lokhu kuyofana nokuba nomuthi wokwelapha isifo esithile kodwa singawuphuzi, ngisho noma sazi ukuthi uzosiqeda isifo esisiphethe. Isifundo sasikhathi sonke somuntu siqu nesomkhaya siyokwenza ukholo lwethu lukhule futhi sisinikeze amandla okukhuthazela. Ngesikhathi sovivinyo, ukholo lwethu ngeke luphele, lusibangele ukuba siwe.—Math. 13:6; Luka 8:13; Heb. 2:1.
8 Abadala nezinceku ezikhonzayo kumelwe babeke isibonelo ekuphatheni amakhaya abo. Lokhu kuyohlanganisa ukusiza omkabo nabantwana ukuba basebenzise izinto abazifunda eZwini likaNkulunkulu nasenhlanganweni ukuze bahlale beqinile ngokomoya. Ngalendlela, umkhaya uwonke ungaba isibonelo sokuphila kobuKristu futhi ube yisikhuthazo kwabanye ngaphakathi nangaphandle kwebandla.—Efe. 6:4; 1 Thim. 3:4, 12, 13.
OKUMELWE BASIZWE
9 Phakathi kwalabo ababa khona eSikhumbuzweni unyaka ngamunye kunabaningi abadinga isikhuthazo esiqhubekayo ukuze basebenzise abakufundayo futhi bahlanganyele ngenkuthalo nenhlangano. Ukucabangela kothando kungaboniswa kwesifunda nabo iBhayibheli ngokubafundisa indlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo nendlela yokugcina imiyalo kaNkulunkulu yokulunga. Kumelwe sibonise ukukhathalela ngalabo abathuthukela ekubeni abazalwane bethu nodade okholweni.
10 Noma ubani oseye waba ongaphumi njalo noma opholile kumelwe asizwe ukuba abone isidingo sokuhlanganyela emsebenzini wasikhathi sonke nenhlangano. Badinga ukuthola kabusha ukuthula nenjabulo ababekujabulela ngaphambili ngesikhathi bekhonza uJehova ngokugcwele ngokwengeziwe. (Joh. 13:17) Ngokubasiza ngomusa ukuba bavuselele ukwazisa kwabo ngeqiniso ‘nokuba banikele kuNkulunkulu umhlatshelo wokubonga,’ bayokwazi ukusebenzisa izinto abazifundayo futhi bahlale besendleleni eya ekuphileni.—Heb. 13:15; bheka INkonzo Yethu YoMbuso, kaSeptember 1979, ikhasi 3, neka-April 1977, ikhasi 1.
11 Bonke abantu bakaNkulunkulu badinga ukuhambisana nenhlangano kaJehova ehamba ngokushesha. Asinakuzivumela ukuba siyengelwe ekubeni abangenandaba. Kumelwe ngaso sonke isikhathi silondoloze ingokomoya lethu, sihambisana nokwaziswa kwamuva okulungiselelwe ngenhlangano kaNkulunkulu futhi sikusebenzise ngokushesha. Lokhu kudinga umzamo wenkuthalo futhi ngezinye izikhathi nokuzidela komuntu siqu. Kodwa uJehova akasiceli ukuba senze esingenakukwazi ukukwenza. UnguMdali wethu, futhi uyazi ukuthi yini engcono kakhulu ngathi. Ngakho-ke masizibonakalise sihlakaniphile ngokuqhubeka sifundiswa uJehova futhi sisebenzisa izinto esizifundayo. Lokhu kuyoyisa udumo kuye futhi kuphumele enzuzweni yethu yaphakade.—Isaya 48:17; 54:13.