Masihlale Siphapheme Futhi Siqaphe
1 Ngenxa yezimo zezwe ezishintsha njalo, yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba isihloko somhlangano wesifunda sonyaka wenkonzo ka-1991 sithi “Masihlale Siphapheme Futhi Siqaphe.” (1 Thes. 5:6, NW) Loluchungechunge luzoqala ngoSeptember. Sonke kumelwe senze amalungiselelo okuba khona ngokushesha nje lapho umbonisi wethu wesifunda esazisa ngezinsuku zawo.
2 Amanye amaphuzu avelele esimiso ayohlanganisa uchungechunge olunezingxenye ezine eziklanyelwe ukusisiza ukuba ‘siqaphe kuzo zonke izinto.’ (2 Thim. 4:5) Naphezu kwesikhathi esidlule okungenzeka sasingesokungabi-nangqondo, singaphumelela kanjani manje ekugwemeni izingibe zikaSathane futhi simelane nomoya wezwe? Qiniseka ukuba ungalahlekelwa yilokhu kwaziswa okubalulekile. Kuwo wonke lomhlangano wezinsuku ezimbili, ukunakekela kwethu kuyodonselwa futhi eselulekweni esiwusizo esitholakala encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Ungase uthande ukuza nekhophi yakho. Ikakhulukazi abasha kuyodingeka banakekele ngokukhethekile ukwaziswa okuqondiswe kubo umbonisi wesifunda ngoMgqibelo. Njengokuvamile, kuyoba namalungiselelo obhapathizo ngoMgqibelo, ngakho labo abafisa ukubonakalisa ukuzinikezela kwabo emhlanganweni wesifunda kumelwe bazise umbonisi owengamele kusengaphambili ngokushesha ngangokunokwenzeka.
3 NgeSonto ekuseni izifundo eziwusizo ziyolethwa ekunakekeleni ngochungechunge lwemiboniso ebonisa indlela esingazuza ngayo ezinhluphekweni, kuhlanganise namaphutha ethu siqu. Ntambama umbonisi wesigodi uyonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Ukwenza Ngokuhlakanipha Ezweni Elingenangqondo.” Bonke abamemezeli boMbuso nabantu abathakazelayo kumelwe benze yonke imizamo ukuze babe khona.
4 Njengoba ukucindezela kokuphila kuqhubeka kwanda, sikholelwa ukuthi sonke siyothola inzuzo nokuqabuleka kulokhu kwaziswa okulungiselelwe ukusikhuthaza. Sizobona izindlela esingaphaphamela ngazo nangokwengeziwe izidingo zethu siqu ezingokomoya nalezo zemikhaya yethu nezabanye ebandleni. Zimisele ukuba khona kuwo wonke umhlangano wesifunda futhi ulalelisise kuso sonke isimiso, “ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunalesosikhathi esaqala ukukholwa ngaso.”—Roma 13:11.