Bonke Mabazi Ukuthi Ukulondeka Komhlaba Wonke Kuseduze
1 Ngokushesha, “iNkosi yokuthula” izomisa ukuthula kweqiniso nokulondeka emhlabeni wonke. Ukukholelwa kwethu kulesithembiso seBhayibheli kufanele kusishukumisele ekubeni sisihlanganyele nabanye. (Isaya 9:6, 7; Mika 4:3, 4) Phakathi nezinyanga zikaJanuary noFebruary, siyobe sihambisa incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
2 Ekhasini 4 laleNkonzo Yethu YoMbuso, siye sanikeza izethulo eziningana ongathanda ukuzisebenzisa enkonzweni phakathi noJanuary. Ezigabeni ezilandelayo kusikiselwe izindlela ezintathu ezingaba usizo ekuqondiseni ukunakekela kwabaninikhaya encwadini ethi Ukuthula Kweqiniso.
3 Indlela Yokuqala: Ngemva kokufunda uIsaya 9:6, 7, vula ekhasini 7 bese ufunda isigaba 9. Khona-ke ungabuza: “Ingabe uyakukholelwa lokhu? Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyoke asigcwalise isithembiso sakhe sokuphelisa ububi?” Lindela impendulo, bese uqhubeka: “Lencwadi ixoxa ngokucacile ngethemba lethu okuwukuphela kwalo lokuthula kweqiniso nokulondeka nangendlela ‘iNkosi yokuthula’ eyoletha ngayo ukuthula komhlaba wonke emhlabeni esikhathini sethu. Ingabe unesithakazelo sokuyifunda, futhi ubungathanda ukufunda okwengeziwe ngezwe elisha elithenjisiwe?”
4 Indlela Yesibili: Ngemva kokufunda uMika 4:3, 4, vula ekhasini 98 bese ubuza umninikhaya: “Yiziphi izimo zokuthula ozibona kulomfanekiso?” Lindela impendulo, bese uqhubeka ngokuthi: “Kukhona ukuthula phakathi kwabantu kanye nokuthula nezilwane. Abanye bangase bacabange ukuthi ohulumeni babantu bayoletha ukuthula okunjalo. Kodwa ukuthula kwangempela nokulondeka njengoba kubikezelwe eBhayibhelini kumelwe kube okwenziwe uNkulunkulu, hhayi okwenziwe umuntu. Akunjalo?” Lindela impendulo, bese ufunda isigaba 16 ekhasini 100 futhi uchaze ukuthi lencwadi iphendula imibuzo eminingi ngoMbuso nokuthula emhlabeni. Chazela umninikhaya ukuthi uyokujabulela ukumshiyela incwadi ngomnikelo ka-R2,60.
5 Indlela Yesithathu: Ezindaweni lapho abantu bethambekele khona ekuphazamiseni futhi bangakuvumeli ukuba uqede intshumayelo yakho, ungase usebenzise lendlela: “Ngicela ukukubuza umbuzo?” Uma umninikhaya evuma, qhubeka: “UJesu wasifundisa ukuba sithandazele uMbuso kaNkulunkulu ukuba ufike futhi intando yakhe yenziwe emhlabeni njengasezulwini. Ingabe ucabanga ukuthi lomthandazo uyoke uphendulwe ukuze intando kaNkulunkulu yenziwe ngempela lapha emhlabeni? Uyini umbono wakho?” Lindela impendulo, bese uthi: “Impendulo yeBhayibheli yalowombuzo itholakala lapha ekhasini 95.” Khona-ke funda isigaba 5 ekhasini 95, bese uveza indlela imibhalo ekulencwadi ephendula ngayo lowombuzo neminingi eyengeziwe ngokuthula komhlaba wonke nokulondeka.
6 Kungenzeka uye wakhetha isethulo osithandayo ekhasini 4 seNkonzo Yethu YoMbuso. Ngemva kokubukeza izindlela ezikulesihloko, ungase uthole eyodwa ngokukhethekile oyojabulela ukuyisebenzisa. Zinikeze isikhathi sokuzijwayeza isethulo sakho nendlela yakho ngaphambi kokuya enkonzweni yasensimini. Ukulungiselela kwakho nokuqiniseka kwakho siqu ukuthi ukuthula kweqiniso nokulondeka kuyoza ‘ngeNkosi yokuthula’ noMbuso wayo kuyonezela ekukholiseni kwakho nentshiseko ekuhambiseni incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso.