Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
1 Isihloko esiyokhulunyelwa esimisweni esisha somhlangano wesifunda esiyoqala ngo-September sithi “Lindani, Nigxile, Nibe-namandla.” Sisekelwe emazwini ashiwo umphostoli uPawulu okukhuthaza amaKristu ekhulu lokuqala njengoba elotshwe kweyoku-1 Korinte 16:13.
2 Isimiso siyoqala ngokuqokomisa isidingo sethu sasikhathi sonke sokuzihlola ngokomoya. Ukunamathela ngokuqinile kokulungile ‘kulezizinsuku zokugcina’ kudinga sibuhlolisise ngobuqotho ubuhlobo bethu noJehova kanye nokuma kwethu nenhlangano yakhe yasemhlabeni. (2 Thim. 3:1) Siyokhunjuzwa ngokwazisa kukaNkulunkulu wonke umsebenzi wethu wokuzikhandla. Sidinga ukufundiswa ngezindlela zokuthuthukisa izimfanelo zethu zobuKristu nokulondoloza ukuziphatha okuyisibonelo.
3 Kuyogcizelelwa nokushiseka emsebenzini wokwenza abafundi kuyilapho silwela ukufinyelela intuthuko engokomoya nekhono lokuthwala umthwalo wemfanelo. Ukusikisela okuwusizo okumayelana nendlela abantu ngabanye nemikhaya abangalondoloza ngayo isimiso sasikhathi sonke sokuzondla ngokomoya kuyogcizelelwa ezinkulumweni ezihlukahlukene, imiboniso, kanye nezingxoxo. Kuyoba khona nomhlangano wabo bonke abazalwane abangashadile abakhonza njengabadala noma izinceku ezikhonzayo abanesithakazelo sokuya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo.
4 NgoMgqibelo labo abafanelekayo bayokwazi ukukubonakalisa obala ukuzinikezela kwabo ngobhapathizo lwamanzi. Khona-ke, ngeSonto sonke siyofuna ukuba khona enkulumweni yeningi, enesihloko esithi “Kuyini Ukuma Kwakho NoNkulunkulu?”
5 Lesisimiso siyophetha ngesikhuthazo sokuhlala siqinile okholweni, njalo sisebenzelana ngothando nangokuthula omunye nomunye. Umhlangano wesifunda ungelinye lamathuba akhethekile uJehova asilungiselela wona okuba sonke ‘sivuse uthando nemisebenzi emihle.’ (Heb. 10:24, 25) Yenza amalungiselelo aqondile okuba khona kuso sonke isimiso ngazo zombili izinsuku.