Yandisa Ingcebo Yakho Yenkonzo YoMbuso
1 UJesu wafanisa ithemba loMbuso nengcebo enkulu. (Math. 13:44-46) Ingabe sifana nabantu emfanekisweni kaJesu abadayisa yonke impahla yabo ukuze bathenge okuthile okunenani elikhulu? Uma kunjalo, uMbuso kaNkulunkulu siyowunikeza indawo yokuqala, ngisho nakuba kungase kuhilele ubunzima nokuzidela.—Math. 6:19-22.
2 Njengoba inkonzo yethu yoMbuso iyingcebo, kufanele sibe nesifiso sokuyandisa. Ibonisani inkambo yethu yokuphila? Ingabe siyawandisa umsebenzi wethu woMbuso? Singakwenza lokhu ngokuhlanganyela ezicini ezihlukahlukene zenkonzo, kuhlanganise nomsebenzi wendlu ngendlu, ukwenza izimpindelo, ukuqhuba izifundo zeBhayibheli, nokufakaza ngokwethukela.
3 ‘Ngingayandisa Kanjani Ingxenye Enginayo?’ Njengoba kuqala unyaka omusha wenkonzo, kuhle ukuba ngamunye wethu abukeze umsebenzi wakhe siqu ukuze abone ukuthi yini angayenza ukuze andise isikhathi asichitha enkonzweni yasensimini bese ezibuza: ‘Ingabe ngingazihlela izimo zami ukuze ngibhalise njengephayona elisizayo njalo ngezikhathi ezithile noma ngisho nangokuqhubekayo? Ngokulungisa nje izinto ezimbalwa, ngingakwazi yini ukungenela inkonzo yamaphayona avamile?’ Amaphayona amasha abhalisa ngo-September 1 afanelekela ukuya eSikoleni SeNkonzo Samaphayona ngonyaka ozayo.
4 Abanye abamemezeli baye bazibekela umgomo wabo siqu wokwenza okwengeziwe ekufakazeni ngokwethukela. Ngokuvamile lomsebenzi uveza izithelo ezinhle. Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi kudingeka bathuthuke ekwenzeni izimpindelo eziphumelelayo noma ekuqaleni izifundo zeBhayibheli ezintsha.
5 Uma siphetha ngokuthi inkonzo yethu ilinganiselwe ngandlela thile, yini esingayenza ukuze siyandise? Labo abaye bayifinyelela ngokuphumelelayo imigomo ephezulu basikisela ukuthi kumelwe siqale sizimisele ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. (Math. 6:33) Ukholo nokuncika ngokugcwele kuJehova kubalulekile. (2 Kor. 4:7) Funa usizo lwakhe ngomthandazo oqotho nophikelelayo. (Luka 11:8, 9) Singaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yethu eqotho yokwandisa ingxenye yethu enkonzweni.—1 Joh. 5:14.
6 Khuluma nabanye abazalwane nodade abaye bandisa inkonzo yabo ngokuphumelelayo. Babuze ukuthi bakwazi kanjani ukunqoba izithiyo ngaphandle kokudikibala. Okuhlangenwe nakho kwabo kungase kube yilokho kanye okudingayo ukuba kukuqinisekise ukuthi ukwandisa inkonzo akukhona okungenakufinyelelwa.
7 Lapho ufunda izihloko eziku-Nqabayokulinda noma INkonzo Yethu YoMbuso eziphathelene nenkonzo yasensimini, ngomthandazo cabangela indlela ongakusebenzisa ngayo lokhu kusikisela enkonzweni yakho. Yenza okufanayo lapho usemihlanganweni yebandla noma emikhulu. Ukusikisela okunikezwa kulesisihloko kusekelwe engxoxweni eyayiyingxenye yesimiso somhlangano wesifunda sangonyaka odlule. Singesokuqala ochungechungeni lwezihloko eziklanyelwe ukusisiza ukuba silandelele futhi sisebenzise isikhuthazo esasithola kulesosimiso.
8 UJesu wayithatha ngokungathi sína inkonzo yakhe, eyenza ibe yinto ayikhathalela ngokuyinhloko. Wathi: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.” (Joh. 4:34) Ingabe sizizwa ngendlela efanayo? Uma kunjalo, ngokuqinisekile siyozithola izindlela zokwandisa umsebenzi wethu futhi sihlanganyele nabanye “okuhle” okusenqolobaneni yengcebo yethu.—Math. 12:35; Luka 6:45.