Ukuba Khona Njalo Emihlanganweni—Kubalulekile Ekumeni Kwethu Siqinile
1 Umphostoli uPawulu usikhuthaza ukuba sihlale ‘singabaphilile okholweni.’ (Thithu 1:9, 13) Emihlanganweni yebandla sicabanga ngemiqondo eyakhayo futhi sifundiswa indlela yokuhlala sizihlome zonke izikhali ezingokomoya ukuze sikwazi ‘ukuma siqinile ekumelaneni namaqhinga kaDeveli.’—Efe. 6:11; Fil. 4:8.
2 Imihlangano Isinikeza Esikudingayo: Ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla kubalulekile ekumeni kwethu siqinile. (1 Kor. 16:13) Emihlanganweni kwenziwa imithandazo yokubonga nokudumisa uNkulunkulu, futhi kunxuselwe nebandla kanye nezidingo zalo. (Fil. 4:6, 7) Ukuhlanganyela ezingomeni zoMbuso kuyasiqabula futhi kusenze sikwazi ukuveza imizwa yethu njengoba sikhulekela uJehova. (Efe. 5:19, 20) Ubudlelwane bethu ndawonye eHholo LoMbuso ngaphambi kwemihlangano nangemva kwayo buyasikhuthaza, busakhe, futhi busiqabule.—1 Thes. 5:11.
3 Ngo-April wawo lonyaka inkulumo ekhethekile, ethi “Isiphelo Senkolo Yamanga Siseduze,” yagcizelela ngokunamandla ezingqondweni zabathandi beqiniso ukuphuthuma kokuthatha isinyathelo esisheshayo sokuphuma eBabiloni Elikhulu. (IsAm. 18:4) Ngo-June nango-July, yeka indlela okwakushukumisa ngayo ukuhlanganisa izihloko ezintathu ezifundwayo ze-Nqabayokulinda eziphathelene nokubaneka kokukhanya okuye kwakhanyisa umkhondo wabalungileyo! (IzAga 4:18) Cabanga ngalokho okwakuyosilahlekela ukuba sakudebeselela ukuya kuleyo mihlangano.
4 Incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu ikhasi 72 ibonisa ukuthi iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini siyilungiselelo lokufundiswa okuqhubekayo kwalo lonke ibandla. Njengamanje, esinye isici sesimiso sisisiza ukuba sijwayelane kangcono nomlando wanamuhla wenhlangano ngokusebenzisa incwadi ethi Abamemezeli. Asinakulokotha silahlekelwe yilemfundo.
5 UMhlangano wethu Wenkonzo usihlomisela ukuba siphumelele ngokwengeziwe enkonzweni. Lokhu kwaboniswa umhlangano esathola kuwo iziyalezo zokuhlanganyela ekusakazweni kwe-Kingdom News No. 34. UJehova wawubusisa kakhulu lomsebenzi, njengoba kubonakala emiphumeleni evelele ezweni lonke. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 9:6, 7.) Labo ababakhona njalo emihlanganweni bakhuthazwa, futhi basiza ekusekeleni lomkhankaso.
6 ESifundweni Sencwadi Sebandla, izinto esizifunda eZwini likaNkulunkulu ngosizo lwencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo zikhulisa umuzwa wethu wokuphuthuma. Njengoba izenzakalo zenzeka ngokushesha emhlabeni, kudingeka sikuqonde ukugcwaliseka kweziprofetho ezijulile zesAmbulo.
7 Kunikeze Indawo Yokuqala Ukuba Khona Njalo Emihlanganweni: Emazweni amaningi lapho abazalwane bethu behlushwa khona izilingo, basakuqaphela ukuthi kubaluleke kangakanani ngabo ukuhlangana isonto ngalinye. Ngokwesibonelo, eBurundi, eRwanda, eLiberia, eBosnia naseHerzegovina, kunabantu abaningi kakhulu abasanda kuhlanganyela abeza emihlanganweni kangangokuba inani labamemezeli liphindeka kabili noma kathathu. Ngalendlela uJehova usiza abafowethu ukuba bahlale beqinile bemoya munye.—Fil. 1:27; Heb. 10:23-25.
8 Noma ubani okungenzeka ukuthi ubedebeselela ukuba khona njalo emihlanganweni kufanele athathe izinyathelo manje zokulungisa lomkhuba. (UmSh. 4:9-12) Ukuze sime siqinile, sidinga ukukhuthazana nasebevuthiwe, njengoba kutholakala ngokuba khona njalo emihlanganweni.—Roma 1:11.