Kufanele Sibe Abafundisi, Singabi Abashumayeli Nje Kuphela
1 Kuye kwaphawulwa ukuthi “oFakazi BakaJehova baye bawuhlanganisa ngokoqobo umhlaba wonke ngokufakaza kwabo.” Kuye kwenzeka kanjani lokhu? Hhayi ngamandla omuntu, kodwa ngomoya kaNkulunkulu osebenza ezincekwini zakhe njengoba zisebenzisa amalungiselelo ahlukahlukene ukuze zifeze ukuthunywa kwazo kokushumayela nokufundisa.—Zak. 4:6; IzE. 1:8.
2 Izincwadi ziyindlela ephumelelayo yokufeza umsebenzi wethu wokushumayela. Eminyakeni eminingi edlule, kuye kwanyatheliswa izincwadi, izincwajana, izincwajana ezingangomagazini, omagazini namapheshana ngamanani amakhulu futhi kwasakazwa oFakazi BakaJehova ukuze kusize ekwenzeni izindaba ezinhle zoMbuso zaziwe. Imibiko ese-Ncwadini Yonyaka Ka-1997 ibonisa ukuthi ukukhiqizwa kwezincwadi kuye kwafinyelela amazinga ayingqopha-mlando. Kuze kube manje, kuye kwanyatheliswa amakhophi ayizigidi ezingaphezu kuka-91 e-New World Translation. Ngonyaka owodwa inani lomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! abanyatheliswa e-United States liye landa ngamaphesenti angu-7,1. EJalimane, ukukhiqizwa komagazini kuye kwanda ngamaphesenti angu-35. Omagazini abangaphezu kwengxenye yesithathu abakhiqizwa lapho bekungabensimu yaseRussia.
3 Kungani kudingeka izincwadi ezingaka? Emhlabeni wonke, kuye kwaba nokusabela okuhle esikhuthazweni esasinikezwa sokuba sishumayele nomaphi lapho abantu betholakala khona. Njengoba iningi lethu landisa umsebenzi walo wokushumayela—ezindaweni zomphakathi, emigwaqweni nasezindaweni zamabhizinisi—kuhanjiswa izincwadi ezengeziwe kubantu ababonisa isithakazelo esithile. Abaningi balaba ngaphambili babengakaze noma babengavamile ukuthola ithuba lokuzwa isigijimi soMbuso. Ukuze ahlangabezane nalesi sidingo, amabandla agcina izinhlobonhlobo zezincwadi ukuze zisetshenziswe kuzo zonke izici zenkonzo.
4 Uyini Umgomo Wethu Ekusakazeni Izincwadi? Umgomo wethu awukhona ukuhambisa izincwadi nje kuphela. Ukuthunywa kokwenza abafundi kuhilela izici ezimbili—ukushumayela nokufundisa. Okokuqala, sinelungelo lokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso, senze abantu baqaphele ukuthi uwukuphela kwethemba lesintu. (Math. 10:7; 24:14) Izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini ziyindlela esinesikhathi eside isetshenziswa nephumelelayo yokuvusa isithakazelo nokudlulisela kwabanye ulwazi ngoMbuso.
5 Okwesibili, ukuze senze abafundi, kumelwe sifundise zonke izinto uJesu ayala ngazo. (Math. 11:1; 28:19, 20) Futhi, izincwadi zinendima ebalulekile ekugxiliseni kwethu iqiniso ezinhliziyweni zalabo esibafundisayo, sibasiza ukuba babe abafundi.
6 Labo abamukela izincwadi bangase babe ‘abalizwayo izwi,’ kodwa cishe ngeke babe abenzi balo uma kungekho obasizayo. (Jak. 1:22-25) Bambalwa abayoba abafundi ngaphandle kokuba othile abaqondise. (IzE. 8:30, 31) Badinga umfundisi ozobasiza ukuba bazitholele ngokwabo ubufakazi beqiniso elitholakala emiBhalweni. (IzE. 17:2, 3) Umgomo wethu uwukubasiza bathuthukele ekuzinikezeleni nobhapathizo nokubaqeqesha ukuba bakufanelekele ngokwanele ukufundisa abanye.—2 Thim. 2:2.
7 Kunesidingo Esikhulu Kakhulu Sabafundisi Abengeziwe: Lapho sishumayela, simemezela izindaba ezinhle obala. Nokho, ukufundisa kuhilela ukuqeqesha umuntu ngokuqhubekayo. Njengoba ukushumayela kwenza ukuba abanye basiqaphele isigijimi soMbuso, ukufundisa kusiza abantu bamukele izindaba ezinhle futhi benze ngokuvumelana nazo. (Luka 8:15) Umfundisi wenza okungaphezu kokumemezela; uyachaza, aveze imiqondo ngokusebenzisa amaphuzu amahle, anikeze ubufakazi futhi akholise.
8 Abaningi ngangokunokwenzeka kithi kufanele babe abafundisi, bangabi abashumayeli nje kuphela. (Heb. 5:12a) Ukusakaza izincwadi kuyingxenye ebalulekile yomsebenzi wethu, kodwa ukufinyelela umgomo wesibili wenkonzo yethu ekugcineni kuxhomeke kulokho esikwenzayo njengabafundisi. Nakuba sijabula lapho sikwazi ukuhambisa izincwadi, ukuze siyifeze ngokugcwele inkonzo yethu, akufanele sibheke ukuhambisa izincwadi njengomgomo wethu wokugcina. (2 Thim. 4:5) Ukuhambisa izincwadi kuyindlela ephumelelayo yokuvula umnyango oya emathubeni okufundisa abanye iqiniso.
9 Yenza Izimpindelo Ukuze Uqale Izifundo ZeBhayibheli: Cishe sonke siye sahambisa izincwadi eziningi, izincwajana ezingangomagazini nomagazini, sibhala uhlu lwezimpindelo. Kufanele njalo sihlele isikhathi sokuphindela siyovuselela isithakazelo. Injongo yethu eyinhloko lapho siphindela ayikhona ukumane sihambise izincwadi ezengeziwe kodwa iwukukhuthaza abantu ukuba bafunde futhi bazuze kulezo asebenazo kakade. Ingakanani intuthuko engokomoya esasiyoyenza thina ngokwethu ukube akubuyanga othile ngokuphindaphindiwe ukuze asisize sizuze ulwazi olunembile?—Joh 17:3.
10 Landelela bonke ababonise isithakazelo unomgomo wokuqala isifundo seBhayibheli ngencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Lezi zincwadi ezimbili zibeka isigijimi soMbuso ngendlela eqondakala kalula. Incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? inesifundo esingashwampuluzi, esihlanganisa izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Incwadi Ulwazi yenza umuntu akwazi ukufundisa iqiniso ngokuningilizwe kakhudlwana, kodwa ngendlela elula, ecacile nefushanisiwe.
11 Isimiso sokufundisa esenziwe lula, njengoba sichazwe esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996, senza kube lula ngomfundisi ukuba afundise nangomfundi ukuba afunde. Gcina ikhophi yaleso senezelo iseduze ukuze ubukeze izindlela namasu okufundisa okuye kwatholakala kuphumelela. Okunye kokusikisela esikunikezayo kuhlanganisa indlela yokuba nesithakazelo esiqotho kumfundi, isilinganiso sokwaziswa okufanele kuhlanganiswe esifundweni esisodwa, indlela yokusingatha imibuzo engahlobene nendaba okufundwa ngayo, indlela umfundi nomfundisi abangalungiselela ngayo isifundo kusengaphambili nendlela yokuqondisa umfundi enhlanganweni kaJehova. Ngokulandela lokho kusikisela, abaningi bethu, kuhlanganise nabasanda kuhlanganyela, bazokwazi ukuqhuba izifundo ezithuthukayo.
12 Imibiko Yokuphumelela Ensimini: Incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi kuye kwabonakala kuyizinsiza-kufundisa eziwusizo ekusheshiseni izinga lokwenziwa kwabafundi. Umzalwane othile eBolivia, lapho ethola incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? wayisebenzisa ngokushesha ekuqaleni isifundo nowesilisa othile. Ezinyangeni ezine kamuva emhlanganweni wesigodi, lomfundi wayesephakathi kwabantu abajabulile ababezobhapathizwa!
13 Abaningi bashukumiseleka ukuba banikezele ukuphila kwabo kuJehova ngemva kokuqeda isifundo sabo sencwadi Ulwazi. Kwelinye ibandla e-Angola, inani lezifundo zeBhayibheli eziqhutshwa abamemezeli landa lisuka ku-190 laya ku-260 futhi inani lababa khona emihlanganweni laphindeka kabili lisuka ku-180 laya ku-360 ezinyangeni ezine nje ngemva kokuba incwadi Ulwazi iqale ukusetshenziswa kuleyo ndawo. Ngokushesha nje ngemva kwalokho, kwadingeka kumiswe elinye ibandla.
14 Ngemva kokuqala isifundo sakhe sokuqala ngencwadi Ulwazi, omunye umzalwane wathi ukusiqhuba “kulula uma umqhubi ebuza nje imibuzo, afunde imibhalo ethile efanelekayo, abese eqiniseka ukuthi umfundi uyaqonda.” Nakuba ayehlale ecabanga ukuthi abamemezeli abanekhono kakhulu kuphela abangaqhuba izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo nokuthi yena wayengeke akwazi nanini, waqaphela ukuthi wayengakwazi futhi wathi: “Uma mina ngikwazi ukukwenza, noma ubani angakwenza.”
15 Umgomo wethu wokwenza abafundi siwufeza ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli njengengxenye yenkonzo yethu. Labo abaye bakwazi ukuhlanganyela kulesi sici senkonzo basithola sanelisa ngempela futhi sivuza ngokucebile. Kwangathi kungashiwo nakithi ukuthi ‘sishumayela umbuso kaNkulunkulu futhi sifundisa izinto eziphathelene neNkosi uJesu Kristu ngenkululeko yokukhuluma enkulu kakhulu.’—IzE. 28:31.