“Sesiyisebenze Kaningi Insimu Yethu!”
1 Wake waba nawo yini umuzwa wokuthi insimu yenu isetshenzwa njalo kangangokuthi abasekho abanjengezimvu kuyo? Mhlawumbe wake wacabanga: ‘Ngiyazi ukuthi abantu bazosabela kanjani. Kungani kudingeka ngilokhu ngibuyela kubantu abangenaso isithakazelo?’ Kuyiqiniso ukuthi amasimu amaningi asetshenzwa njalo. Nokho, leli qiniso kufanele libhekwe kahle, hhayi kabi. Ngani? Phawula izizathu ezine ezibekwe ngezansi.
2 Imithandazo Yethu Isiphenduliwe: UJesu wathi: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Luka 10:2) Sekuphele amashumi eminyaka sicela usizo olwengeziwe kuJehova. Ezindaweni eziningi, manje sesinezisebenzi ezengeziwe ezidingekayo, futhi siyihlanganisa njalo insimu. Ingabe iqiniso lokuthi uJehova uye wayiphendula imithandazo yethu akumelwe lisenze sijabule?
3 Ukuphikelela Kuthela Izithelo Ezinhle: Ngisho nasemasimini asetshenzwa njalo, abantu bayasabela esigijimini soMbuso futhi bathola ulwazi lweqiniso. Ngakho-ke, kufanele siqhubeke siya ngokuphindaphindiwe ngethemba lokuthola abengeziwe abanhliziyo ziqotho. (Isaya 6:8-11) Njengoba kwenza abafundi bakaJesu bokuqala, “iyani njalo” ensimini yenu, nizame ukuvusa isithakazelo sabo eMbusweni kaNkulunkulu.—Math. 10:6, 7.
4 EPortugal amabandla amaningi ayihlanganisa masonto onke insimu yawo, kodwa asabathola abanjengezimvu. Kunodade othile onesimo esihle ngokukhethekile. Uthi: “Njalo ekuseni ngaphambi kokuya enkonzweni, ngiyathandaza kuJehova ukuba angisize ngithole othile onesithakazelo sokutadisha iBhayibheli.” Ngelinye ilanga wahlela ukutadisha nezisebenzi zendawo yokucwala izinwele. Nokho, kamuva kwafika umuntu oyedwa kuphela esifundweni. Lowo muntu wathi: “Abanye abathandi, kodwa mina ngiyathanda.” Ingakapheli inyanga wayeseqhuba izifundo zakhe zeBhayibheli ezimbili. Ngokushesha ngemva kwalokho wabhapathizwa, futhi kamuva wangenela inkonzo yamaphayona!
5 Umsebenzi Uyenziwa: Izindaba ezinhle ziyashunyayelwa, njengoba nje uJesu abikezela ukuthi ziyoshunyayelwa. (Math. 24:14) Ngisho nasezindaweni lapho abantu ‘bengafuni ukusilalela’ khona, bayaxwayiswa ngomsebenzi wokushumayela. Sikulindele ukuba abanye bangalamukeli noma baliphikise nokuliphikisa iqiniso. Nokho, abanjalo kufanele baxwayiswe ngesahlulelo sikaJehova esizayo.—Hez. 2:4, 5; 3:7, 8, 19.
6 Asikakaqedi: Akukona okwethu ukunquma ukuthi kufanele uyekwe nini umsebenzi wokushumayela. UJehova wazi kahle ukuthi kufanele uphele nini. Uyazi ukuthi bakhona yini abantu abangase basabele ezindabeni ezinhle ensimini yethu. Namuhla, abanye abantu bathi abanasithakazelo, kodwa izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo—ukuphelelwa umsebenzi, ukugula okungathi sína, ukufa kothandekayo—zingase zibenze balalele ngesinye isikhathi. Ngenxa yokungasithandi noma nje ukuba matasa kakhulu ukuba balalele, abantu abaningi abakaze bakuzwe ngempela lokho esikushumayelayo. Ukuvakasha kobungane okuningana kungase kubenze baqaphele futhi balalele.
7 Labo abaye bakhula kule minyaka yamuva futhi manje asebenemikhaya yabo siqu bakuthatha ngokungathi sína ukuphila futhi babuza imibuzo engaphendulwa yiZwi likaNkulunkulu kuphela. Omunye umama wangenisa oFakazi ababili emzini wakhe, wathi: “Njengentombazanyana, ngangingaqondi ukuthi kungani umama ayebaxosha oFakazi abatshele ukuthi akanasithakazelo, kuyilapho nje befuna ukukhuluma naye ngeBhayibheli. Nganquma ngaleso sikhathi ukuthi uma sengikhulile, ngashada futhi senginomuzi wami, ngiyobangenisa oFakazi BakaJehova ukuze bangichazele iBhayibheli.” Yilokho kanye akwenza, okwabajabulisa oFakazi ababemvakashele.
8 Ungaphumelela Yini Kangcono? Kungase kungabi ngabantu esibavakashelayo abakwenza kube nzima ukuyisebenza njalo insimu. Ngezinye izikhathi kuba yithi ngokwethu. Ingabe siqala sinemibono ephambene? Lokho kungasithonya isimo sethu sengqondo, cishe nephimbo lezwi nesimo sobuso bethu. Bonisa umoya omuhle nomusa. Zama indlela entsha. Yishintshashintshe intshumayelo yakho, ulwele ukuyithuthukisa. Mhlawumbe ungase ushintshe umbuzo wakho wesethulo noma usebenzise umbhalo ohlukile engxoxweni. Buza abanye abazalwane nodade ukuthi yini abayithola iphumelela lapho besensimini. Sebenza nabamemezeli namaphayona ahlukahlukene enkonzweni, uphawule ukuthi yini eyenza inkonzo yabo iphumelele.
9 Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uvunyelwe nguJehova futhi uyawubusisa, ukuhlanganyela kwethu kuwo kubonisa uthando lwethu ngaye nomakhelwane bethu. (Math. 22:37-39) Ngakho masenze umsebenzi wethu uze uphele, singakhathali ukuyiphindaphinda insimu.