IBhokisi Lemibuzo
◼ Kufaneleka nini ukusungula iqembu lolimi lwendawo, lolimi olungelona olwendawo, noma labakhuluma ngezandla?
Uma insimu yebandla inabantu abaningana abakhuluma ulimi lwendawo noma okungelona olwendawo, abadala kufanele benze konke okusemandleni ukuze bahlele umsebenzi wokushumayela ngalolo limi. (km-ZU 7/02 k. 1; km-ZU 2/98 kk. 3-4) Kungenzeka ukuthi abantu abakhuluma ulimi lwendawo, olungelona olwendawo noma abayizithulu basakazeke emasimini amabandla akhelene amabili noma ngaphezulu. Esimweni esinjalo umbonisi wesifunda uyonikeza isiqondiso esidingekayo, ngaleyo ndlela asize lawo mabandla athintekayo ukuba abambisane emsebenzini wokushumayela. Ngezikhathi ezithile kungase kuhlelwe inkulumo yeningi noma iSifundo Se-Nqabayokulinda ukuze kubonakale ukuthi bangaki abakhuluma lolo limi ababa khona.
Iqembu lingasungulwa uma kuhlangatshezwana nalezi zimfuneko ezilandelayo: (1) Uma bekhona abamemezeli noma abathakazelayo abaziqonda kangcono izindaba ezinhle ngalolo limi. (2) Uma ekhona umdala, noma inceku ekhonzayo, ozohola futhi aqhube okungenani umhlangano owodwa wesonto. (3) Uma indikimba yabadala izimisele ukulisekela lelo qembu. Lapho sekuhlangatshezenwe nalezi zimfuneko, abadala kufanele bazise ihhovisi legatsha ukuze lelo qembu liqashelwe ngokusemthethweni futhi kunikezwe iziyalezo ezengeziwe.
Amaqembu amaningi aqala ngokuba neSifundo Sencwadi Sebandla masonto onke. Kamuva, abadala bangase bagunyaze ukuba kunezelwe eminye imihlangano, njengoMhlangano Weningi neSifundo Se-Nqabayokulinda. IZabelo No. 2, 3 no-4 eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini zingase zinikezwe kwelinye ikilasi uma ekhona umdala, noma inceku ekhonzayo, ofanelekayo futhi olwaziyo lolo limi ongaba umeluleki. Nokho, iqembu liyohlangana nebandla ngenkulumo yokuyala, amaphuzu eBhayibheli avelele noMhlangano Wenkonzo. Iqembu lingase lihlelelwe nomhlangano wenkonzo yasensimini.
Lokhu kusebenza nasekusungulweni kwamaqembu angawodwa ensimini eyabelwe ibandla noma ensimini yalo engabelwe. Kungcono uma la maqembu enganakekelwa ibandla eliseduze, uma kungenzeka.
Bonke abaseqenjini basebenzelana eduze ngaphansi kwendikimba yabadala. Abadala kufanele banikeze isiqondiso esinokulinganisela futhi bathathe isinyathelo kuqala ekunakekeleni izidingo zeqembu. Lapho umbonisi wesifunda ehambela lelo bandla elisizayo, uyohlela ukusebenza nalelo qembu ukuze alakhe ngokomoya. Ngesibusiso sikaJehova, kungahamba kuhambe lelo qembu libe yibandla.