INgxenye 1: Siyini Isifundo SeBhayibheli?
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Emhlabeni wonke, abantu bakaNkulunkulu baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaba izigidi eziyisithupha inyanga ngayinye. Ngokusebenzisa izindlela zokufundisa eziphumelelayo, singabasiza abafundelwa iBhayibheli ukuba bathuthuke baze bazinikezele futhi babhapathizwe, nokuba ‘bakufanelekele ngokwanele ukufundisa abanye.’ (2 Thim. 2:2) Ungathanda yini ukusiza isifundo sakho sithuthuke ngaleyo ndlela? Kusukela kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso yale nyanga, kuzoba nochungechunge lwezihloko ezizochaza izici eziyisisekelo zokuqhuba izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo.
2 Siqala Nini Ukubikwa Isifundo SeBhayibheli? Usuke uqhuba isifundo uma uba nezingxoxo zeBhayibheli nomuntu othile njalo nangendlela ehleliwe, usebenzisa iBhayibheli nenye yezincwadi ezituselwe ukuqhuba isifundo, ngisho noma kuba isikhathi esifushane. Lokhu kunjalo ngisho nalapho isifundo siqhutshwa nimi emnyango noma siqhutshwa ngocingo. Isifundo singabikwa lapho sesiqhutshwe izikhathi ezimbili ngemva kokuba umuntu eboniswe ukuthi siqhutshwa kanjani futhi kubonakala ukuthi isifundo sizoqhubeka.
3 Incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi Ulwazi kusetshenziselwa ukuqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi. Lapho seziqediwe ukufundwa, kubonakala nokuthi umuntu uyathuthuka, ngisho noma ethuthuka kancane, nokuthi useyakwazisa lokho akufundayo, khona-ke kungaqhutshekwa kufundwe incwadi ethi Khulekela UNkulunkulu. Incwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! ingase isetshenziswe lapho kufundelwa abantu abanemfundo elinganiselwe noma abangakwazi kahle ukufunda.
4 Umsebenzi wokuqhuba izifundo zeBhayibheli uye waphumelela ekusizeni izigidi zabantu ukuba zibe abafundi beqiniso bakaJesu Kristu. (Math. 28:19, 20) Ngokusebenzisa ukusikisela okuzonikezwa ezihlokweni ezilandelayo zalolu chungechunge, ungakwazi ukuqhuba isifundo seBhayibheli esithuthukayo.