Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/07 k. 3
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sikumema Ngomusa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Iziyalezo ZoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu
    Iziyalezo ZoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu
  • Qalisani Futhi Niphethe Imihlangano Ngesikhathi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Isimiso Esisha Semihlangano Yebandla
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 5/07 k. 3

IBhokisi Lemibuzo

◼ Kufanele yethulwe kanjani ingoma yokuvula eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, eMhlanganweni Wenkonzo, eMhlanganweni Weningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda, futhi kufanele yethulwe ngubani?

Izingoma zokuvula ezikhethelwe isonto ngalinye eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ziseSimisweni SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini esiyisenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October. Izingoma zokuvula nezokuphetha zoMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye zisekhasini 2 le-Nkonzo Yethu YoMbuso. Ngokufanayo, izingoma zeSifundo Se-Nqabayokulinda samasonto onke zitholakala ekhasini 2 le-Nqabayokulinda ngayinye. Izingoma ezikhethiwe zibhekwa njengengxenye yalowo mhlangano, ngakho kufanele zethulwe umzalwane oqhuba lowo mhlangano kunokuba zethulwe usihlalo womhlangano owandulele.

Ngokwesibonelo, umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini uyokwamukela izilaleli, ethule ingoma yokuvula, aqhube isikole, abese ethula isikhulumi sokuqala eMhlanganweni Wenkonzo. Umzalwane onaleyo ngxenye eMhlanganweni Wenkonzo nguye okufanele ethule ingoma evula uMhlangano Wenkonzo.

Ngendlela efanayo, usihlalo uyovula uMhlangano Weningi. Uyokwamukela ngemfudumalo bonke abakhona abese ebamema ukuba bahlanganyele ekuhlabeleleni ingoma yokuvula ekhethwe yisikhulumi. Usihlalo (noma mhlawumbe omunye umzalwane ofanelekayo owabelwe kusengaphambili) uyovula ngomthandazo. Uyobe esethula isikhulumi asho nesihloko senkulumo yaso. Ngemva kwenkulumo usihlalo uyobonga leyo mfundo ngamafuphi, kodwa angabukezi lokho okusanda kushiwo yisikhulumi. Uyobe esememezela isihloko senkulumo yeningi yesonto elizayo, abese ecela bonke abakhona ukuba baqhubeke behlezi ukuze bahlanganyele eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Akudingeki ukuba usihlalo abuze izilaleli ukuthi zingathanda yini ukuba isikhulumi esivakashile sidlulise uthando nemikhonzo ebandleni laso. Usihlalo uyobe esebizela endaweni yesikhulumi umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda.

Umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda uyokwethula ingoma yokuqala esifundweni. Uyoqhuba isifundo ngokuvumelana neziyalezo ezinyathelisiwe abese ethula ingoma yokuphetha. Ngokuvamile, umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda uyobiza umzalwane obenikeza inkulumo yeningi ukuba azophetha ngomthandazo.

Ukugcina lezi ziqondiso kuyosiza ekuqinisekiseni ukuthi imihlangano yethu yebandla iqhutshwa ngendlela efanayo yonke indawo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela