Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/11 k. 2
  • Ingabe Uyakwazi Ongakhetha Kukho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakwazi Ongakhetha Kukho?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyazazi Yini Izinto Ongakhetha Phakathi Kwazo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ukwelapha Kwezinga Eliphakeme Kakhulu—Kuyini?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ingabe Uyazindela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Ingabe Uyazindela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 1/11 k. 2

Ingabe Uyakwazi Ongakhetha Kukho?

Ziyanda izibhedlela ezihlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi emhlabeni wonke. Ingabe uzazi zonke izindlela ezitholakalayo emkhakheni wokuhlinza ngaphandle kwegazi? Kufanele uzazi ukuze wenze isinqumo esisekelwe olwazini esiphathelene nokwelashwa nokuhlinzwa. Bukela i-video ethi No Blood—Medicine Meets the Challenge. Ngemva kwalokho, thandaza futhi uhlaziye lokho okufundile usebenzisa imibuzo engezansi.—Phawula: Ngenxa yokuthi le video ibonisa nezigcawu ezimfushane zabantu abahlinzwayo, abazali kufanele basebenzise ukwahlulela okuhle lapho beyibukela nezingane ezincane.

(1) Siyini isizathu esiyinhloko esenza oFakazi BakaJehova benqabe ukumpontshelwa igazi? (2) Uma kuziwa kwezokwelashwa, yini oFakazi BakaJehova abayifisayo? (3) Yiliphi ilungelo eliyisisekelo iziguli ezinalo? (4) Kungani kunengqondo futhi kubonisa ukuhluzeka ukukhetha ezinye izindlela zokwelashwa esikhundleni sokumpontshelwa igazi? (5) Lapho umuntu opha kakhulu, iziphi izinto ezimbili ezibalulekile odokotela abangazenza? (6) Iziphi izimiso ezine zezinqubo zokwelapha ngaphandle kwegazi? (7) Odokotela (a) bangakunciphisa kanjani ukopha, (b) bangawonga kanjani amangqamuzana abomvu egazi, (c) bangawukhuthaza kanjani umzimba ukuba ukhiqize igazi, futhi (d) bangawubuyisela kanjani umthamo wegazi eliphumile? (8) Chaza inqubo eyaziwa ngokuthi (a) i-hemodilution (b) ne-cell salvage. (9) Yini okufanele ufune ukuyichazelwa nganoma iyiphi inqubo yokwelapha esetshenziswa esikhundleni sokumpontshelwa igazi? (10) Ingabe izinqubo zokuhlinzwa ezinkulu neziyinkimbinkimbi zingenziwa ngaphandle kokumpontshelwa igazi? (11) Iyiphi intuthuko enhle eyenziwayo emkhakheni wezokwelapha?

Umuntu kufanele azinqumele ukuthi uyazamukela yini ezinye zezindlela zokwelapha eziboniswa kule video ngokuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ingabe usunqumile ukuthi iziphi izindlela zokwelapha ozimisele ukuzamukela wena nezingane zakho, wabe usugcwalisa ikhadi elisha i-Advance Medical Directive (AMD)?a Ukuze uthole indaba eningiliziwe mayelana nalokhu, bukeza ngokucophelela “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2004 neka-October 15, 2000. Yibe ususebenzisa amafomu asesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2006 esithi “Kufanele Ngizibheke Kanjani Izingxenyana Zegazi Nezinqubo Zokwelapha Ezihilela Ukusetshenziswa Kwegazi Lami?,” ukuze unqume ukuthi iziphi izinto wena oyozamukela noma oyozenqaba. Ekugcineni, qiniseka ukuthi lokho okukhethayo ukubhala ngokunembile ekhadini i-AMD. Abameleli bezokwelapha obakhethayo nanoma imaphi amalungu omkhaya angebona oFakazi kufanele bachazelwe ngokugcwele ngesinqumo sakho.

[Umbhalo waphansi]

a Kwamanye amazwe, ezincwadini zethu nakuyi-Watchtower Library leli khadi kusabhekiselwa kulo ngokuthi i-DPA (durable power of attorney).

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela