Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala izifundo zeBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala ku-June
“Sonke sinamalungu omndeni nabangane asebashona. Ingabe unalo ithemba lokuphinde ubabone? [Lindela impendulo.] Phawula la mazwi aduduzayo.” Funda bese uchaza ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana esisekhasini 16 le-Nqabayokulinda ka-June 1 nomBhalo owodwa okhonjiwe. Mnike umagazini, uhlele ukubuya ukuze nixoxe ngempendulo yombuzo olandelayo.
INqabayokulinda June 1
“Iningi lethu liyazabalaza ukuze liphile, kanti abanye abantu abanazo ngisho nezinto eziyisidingo ekuphileni. Ucabanga ukuthi siyoke sibe khona isikhathi lapho kuyobe kungasekho muntu ompofu? [Lindela impendulo bese ufunda iHubo 9:18.] Lo magazini uveza imbangela yobumpofu nalokho iBhayibheli elikushoyo ngesixazululo sangempela sale nkinga.”
Phaphama! June
“Ubuphekula sebuyinkinga yomhlaba wonke. Ucabanga ukuthi iyini imbangela? [Lindela impendulo.] La mazwi avela eBhayibhelini asinikeza ithemba. [Funda iHubo 72:7, 14.] Lo magazini uchaza ezinye zezizathu ezibangela ubuphekula bese ubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuthi buyophela nini futhi kanjani.”